Ilanga Lempelasonto

Uprince Kaybee umangaze unina

Umthengele unyanyavu lwemoto

- SANDILE MAKHOBA

KUTHINTEKE abantu abaningi bebona unina wesihlaban­i somculo ekhala mi izinyembez­i ngesikhath­i emukela isipho abengasili­ndele semoto kanokusho endodaneni yakhe.

Unina kakabelo Motsamai, owaziwa kakhulu ngelikapri­nce Kaybee kwezikaqed­isizungu, uthengele unina imoto entsha ceke yohlobo oluphambil­i, imercedes Benz emnyama.

Ezithomben­i nakwi- video efakwe nguprince Kaybee ekhasini lakhe enkundleni yokuxhuman­a, i- Instagram, kuyabonaka­la uku- thi unina umangele futhi uphelelwa ngamazwi. Ubesengena ngaphakath­i emotweni yakhe wabamba i- steering wheel, wakhala.

Lezi zithombe ne- video kuhambisan­a nombhalo kaprince Kaybee othi: “Sho Oulady, nasi isipho sakho sikakhisim­uzi ozoya ngaso ezitolo. Ngiyaxolis­a ukuthi angikwazan­ga ukufika ngizokunik­eza sona ngokwami.”

Uqhube wathi: “Ingxenye lapho ukhala khona ingephula umoya ngoba kungekudal­a ubungadli ukuze kudle mina.”

Uphinde wabonga nakubaland­eli bakhe, wathi yibo abenze ukuba akwazi ukupha unina lesi sipho.

ILANGA Langesonto lizamile ukuxhumana noprince Kaybee kodwa wangathola­kala njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Kuyimanje leli ciko aliconsi phansi kubalandel­i balo ngezingoma ezinohlonz­e futhi ezithandwa­yo kuleli, enye yazo apike kuyona ubusiswa esihloko sithi “Banomoya”, ebalwa nezingoma ezingase zehlukanis­e unyaka.

Uprince Kaybee uzalelwe wakhulela efree State kodwa usenomuzi endaweni yabadla izambane likapondo ehillcrest, ethekwini.

makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ?? UPRINCE Kaybee nonina amthengele unyanyavu lwemoto.
UPRINCE Kaybee nonina amthengele unyanyavu lwemoto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa