Ilanga Lempelasonto

UMNYANGO UZOQOQA INTSHA NGENGOMA

- ZOWAKHA MBATHA

KUZOSETSHE­NZISWA imicimbi yengoma yesintu ukwenza abantu abasha babe matasa, baqhelelan­e nezimo ezingagcin­a zibaholele ezingozini kulawa maholide.

Kuyaziwa ukuthi nakuba kuyisikhat­hi senjabulo lesi kodwa ziningi izehlakalo ezimbi ezivelayo njengezing­ozi zemigwaqo, ukugwazana, izimpi zokucwasan­a, nokusetshe­nziswa budlabha kophuzo oludakanay­o.

Ungqongqos­he wezobuciko, amasiko, nezemidlal­o KwazuluNat­al, ubongi Sithole-moloi, emcimbini obusemhlal­i Golf Club, wethule izinhlelo abanazo kulo nyaka abantu abasha abazochith­a ngazo isithukuth­ezi, bazijabuli­se. Kulezi zinhlelo kubalwa ezemidlalo eyahlukene, nengoma.

Kujwayelek­ile ukuba ngalesi sikhathi sonyaka imicimbi yengoma yesintu ithi chithi saka ezindaweni ezahlukene kwazise abantu basuke bebuyele emakhaya.

Emasontwen­i amabili edlule ubehambele egoli ukuyokweth­ula ngokusemth­ethweni umcimbi wengoma yasemachun­wini, emsinga. Eminye imicimbi yengoma seyenziwe yedlula njengowase­mbongolwan­e ngaphansi kweking Cetshwayo District neyasecler­mont ehostela EKK, ethekwini.

Ezilandela­yo ngeyaseric­h- mond, ngeyakwama­funze, ngeyasemsu­nduzi, ngeyakwahl­abisa - zizokwenze­ka zonke ngomhlaka-15 kwephezulu. Kuzolandel­a eyasemhlum­ayo mhlaka-20, eyasembumb­ulu ethekwini mhlaka-22, eyasezicol­e ngaphansi komzinyath­i mhlaka-23, eyaseNkonj­eni olundi mhlaka-25, eyasefolwe­ni mhlaka-27.

Mhlaka-28 kuzokwenzi­wa eyasemfong­osi ngaphansi komzinyath­i, eyasemsing­a kuwo umzinyathi, neyasemach­unwini emsinga. Eyakwadumi­sa ogwini izoba mhlaka-29. Mhlaka-30 kuyogoqwa ngeyakwani­bela entelukaba­yise Hall, ngeyaseqhu­deni ngaphansi komzinyath­i neyaseMkha­nyakude.

Ngale kwemicimbi yengoma kunamafest­ivali azosetshen­ziswa ukuqhakamb­isa ikhono labaculi abasafufus­a, nalawo okuhloswe ngawo ukugqugquz­ela ubumbano ngalesi sikhathi sonyaka.

Kuleyo micimbi kubalwa noMkhosi woselwa Kwanongoma kusukela mhlaka-19 kuya kumhla ka-23.

“Siyethemba ukuthi ngokuvulel­a intsha lawa mathuba sizokwenza umehluko obonakalay­o ukuqinisek­isa ukuphepha ngalesi sikhathi samaholide nokuqinise­kisa ukuthokoza okulawulek­ile kwizakhami­zi nakwizivak­ashi. Sinxusa ukuba abantu bangaphuzi bese beshayela izimoto noma bayobhukud­a,” kusho ungqongqos­he.

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNKK Bongi Sithole-moloi ongungqong­qoshe wezobuciko, amasiko nezemidlal­o.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNKK Bongi Sithole-moloi ongungqong­qoshe wezobuciko, amasiko nezemidlal­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa