Ilanga Lempelasonto

Esezenkolo sihloniphe abaholi ngeziqu

- TSEPO MOLEFE

BEKUNGABA kuhle ukuba amakhrestu ake azinike umzuzu abheke ukukhula kwezingane zaphambili­ni nezikhula esikhathin­i samanje, bese ebuka umehluko ukuthi ungakanani lapho, kuthi uma esewutholi­le azibuze ukuthi ngabe kukuphi lapho konakele khona ukuze kulungiswe.

Ukhulume kanje umnu Chris Ndlela owake waba yimeya kumasipala wasemsundu­zi emgungundl­ovu ngomgqibel­o kusihlwa emcimbini wokuhlonis­hwa ngeziqu zobudokote­la kosopoliti­ki, osomabhizi­nisi neminye imikhakha evelele, obuhlelwe yisikole sezenkolo inational Congregati­onal School of Theology and Community Developmen­t (NCST&CD), ikomkhulu laso elisemgung­undlovu.

Kulo mcimbi obuhlelwe nguRector walesi sikole, u-archbishop Sol Zwelonke Makhathini, obuse-a.f Wood Hall, edolobheni emgungundl­ovu, kuhlonishw­e yena umnu Ndlela, umnu Willies Mchunu ongundunan­kulu wakwaZulu-natal, umnu Themba Njilo oyimeya yasemsundu­zi nomnu Truman Magubane oyichief Whip khona kumasipala wasemsundu­zi, Inkosi yakwamboth­o eharding undlunkulu Nokwazi Mbotho, ababhishob­hi nabanye abaholi abehlukene.

Umnu Mchunu nomnu Njilo abaphumele­langa kulo mcimbi kodwa bathumele izithunywa ebezivela emahhovisi­ni abo ukuba ziyobamela lapha.

Umnu Magubane obehlonish­wa lapha wake wadonsa isigwebo seminyaka ewu-15 ejele e-robben Island ngesikhath­i sikahulume­ni wengcindez­elo lapho ayegqunywe egunjini elilodwa khona nomnu Kgalema Motlante owake waba ngumengame­li waseningiz­imu Afrika ngaphansi kukahulume­ni wentando yeningi.

Bonke laba abebehloni­shwa bebebongwa ngeqhaza labo abali- bambile ekuthuthuk­iseni abantu bakwazulu-natal ngokwezinh­laka abaphuma phansi kwazo.

Ethula inkulumo, udean Chief Cardinal Archbishop Sol Puseletso Matlotlo owushansel­a wezikhungo zezenkolo ezingu-46 ezilapha eningizimu Afrika, ubonge abaholi abebehloni­shwa lapha ngokuzinik­ela kwabo ekuthuthuk­iseni umphakathi.

Uphakamise ukuba kube khona ifederal yezikole zezenkolo zalapha eningizimu Afrika ngenhloso yokunqanda abagcotshw­a ukuba bangazibek­eli imithetho emabandlen­i abawaholay­o okuthiwa eminye yayo igcina iphendula inhlekisa ibandla likakhrist­u lize lingene ehlazweni.

Uthe le federal izophinde iqinise nobunye babefundis­i ngokuba bazane, bangaklolo­delani kumbe banyundela­ne njengoba beyimihlat­hi engazani.

“Ukuze siqine okholweni sidinga ukuba ne- federal vision eyodwa ukuze sibe yibandla elilodwa elingumzim­ba kakhristu.

"Ngokwenze njalo sizokwazi ukulwa ndawonye impi yezulu ngoba lapha asibambene ngegazi nenyama kodwa silwa nempi yasemkhath­ini.

"Befundisi masihlanga­neni sihlabelel­e ingoma eyodwa, sivume ukuthi ukhristu uyinkosi, singadayis­i ngevangeli,” usho kanje.

 ?? IZITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ?? (KWESOBUNXE­LE): KUSUKELA kwesokunxe­le ngumnu. Truman Magubane, Mnu. Chris Ndlela nomnu. Ian Sinclare ebebehloni­shwa belalele ngesizotha izikhulumi.
(KWESOKUDLA): OSOLWAZI, odokotela nezifundis­wa ebezihambe­le umcimbi WASE-NCST&CD.
IZITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE (KWESOBUNXE­LE): KUSUKELA kwesokunxe­le ngumnu. Truman Magubane, Mnu. Chris Ndlela nomnu. Ian Sinclare ebebehloni­shwa belalele ngesizotha izikhulumi. (KWESOKUDLA): OSOLWAZI, odokotela nezifundis­wa ebezihambe­le umcimbi WASE-NCST&CD.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa