Ilanga Lempelasonto

Ibhizinisi lokudla uzolisheba nomculo

U-cinderella ufisa ukusebenza nodj Tira nobabes Wodumo

- LUCKY CAIN

ISIPHALAPH­ALA sentokazi engumculi esifufusay­o kulo mkhakha sithi sizoxuba ibhizinisi lokudayisa ukudla nomculo. Urethabile Sello, odume ngelikacin­deralla kulo mkhakha, uthi ngeke alilaxaze ibhizinisi lakhe lokudayisa ngokudla nakuba esegxile emculweni.

Lo mculi, odabuka ematatiele, unesitolo esidayisa ukudla okuphekiwe esibizwa ngehot Pot, esisenkabe­ni yetheku, kanti yilo leli bhizinisi elimvulele amathuba okuzibona ukuthi angakwazi ukucula. Ekhuluma NELANGA Langesonto, lo mculi uthi ufikelwe wumcabango wokungena emculweni ngemuva kokuba abanye abanikazi bezitolo eziseduze kwesakhe bemcela ukuba abamakethe­le nawabo amabhizini­si embhobheni njengoba ebenza kwelakhe.

“Mina bengikhulu­ma kwi- mic, nginxenxa abantu ukuba bazongena bathenge esitolo sami sokudla nokuyilaph­o abanye osomabhizi­nisi bengitshel­e ukuthi bayalithan­da iphimbo lami,” kusho lo somabhizin­isi othi ngaleso sikhathi ubesuke ezikhulume­la nje, enganakile ukuthi kukhona asebeqaphe­la iphimbo lakhe.

Uthi uqale wenza ingoma esihloko sithi “Tamatiso” ayidlale kwi- speaker sakhe abantu bayithanda.

Uthi ube esebona ukuthi nebala likhona ithalente futhi abantu bayayithan­da into ayenzayo.

Lo mculi usanda kukhipha ezinye izingoma ezimbili ezithokoze­lwa kakhulu ezindaweni zobumnandi, esihloko sithi “I’m Happy” nenye ethi “Wabhuquza Uyasala”.

Uthi useke wasebenza nabantu abafana noskyy Wanda nogukwa kanti unesifiso sokusebenz­a nabantu abafana nobabes Wodumo nodj Tira.

Uthi okwamanje akajahile ukukhipha i-albhamu egcwele njengoba esazama ukufaka umculo wakhe kubantu.

“Kungenzeka ngokuhamba kwesikhath­i ngonyaka ozayo ngikhiphe i-albhamu egcwele. Okwamanje izingoma zami zitholakal­a kuzo zonke izinkundla zobuchweph­eshe ezidayisa ngomculo,” kusho yena.

lucky.cain@ilanganews.co.za

Bengikhulu­ma kwi-mic nginxenxa abantu ukuba bazothenga esitolo sami.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UCINDERELL­A uthi ngeke aliyeke ibhizinisi lokudayisa ngokudla nakuba esegxile emculweni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UCINDERELL­A uthi ngeke aliyeke ibhizinisi lokudayisa ngokudla nakuba esegxile emculweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa