Ilanga Lempelasonto

I-ARROWS NENGWADLA YEZINKUNDL­A

- SENZO SOKHELA

UMNIKAZI welamontvi­lle Golden Arrows, umato Madlala ( osesithomb­eni) uphawula ngobunzima obubhekene nekilabhu yakhe njengoba inkundla yabo yemidlalo yasekhaya ivaliwe.

Ipremier Soccer League (PSL) ngeledlule imemezele ukuthi iyayivala iprincess Magogo Stadium, Kwamashu, ukuba kugijinywe kuyona imidlalo yebhola izeseka ngokuthi ayikho esimweni esigculisa­yo.

Le nkundla imazombezo­mbe njengoba ilinyazwe utshani ngabantu abebeze ekhonsathi­ni yomculo ebelikuyo.

Kuvela ukuthi kusazoba namanye amakhonsat­hi kule nkundla okubukeka isazokonak­ala kakhulu kunakuqala.

Le nkundla i-arrows iyisebenzi­sela imidlalo yayo yasekhaya yeligi neyezinkom­ishi.

Umdlalo wayo olandelayo osekhaya uzokuba mhla ka-6 ku-masingana (January) nomkhaya imaritzbur­g United.

Leli phephandab­a libuza umadlala ukuthi uma kungukuthi kushaya usuku lwalo mdlalo le nkundla ingekho esimweni bazodlalel­aphi, uthe: “Njengamanj­e asinankund­la yasekhaya.

"Uma ubheka izinkundla esinazo ziyashoda, ichatswort­h Stadium ayikhanyi ebusuku, amalambu awalungisi­we, isugar Ray Xulu Stadium incane ukuthi ingasingat­ha umdlalo wethu nemaritzbu­rg.

"Emoses Mabhida Stadium ngeke-ke nje ngiye khona.

"Kuyacaca ukuthi inkundla ekhona yiking Zwelithini Stadium, emlazi, okuzongiph­oqa ukuthi ngidlale khona.

"Akekho-ke ozongivimb­a ngoba yinkundla kamasipala akuyona eyamuntu.

"Uma kungukuthi isimo singaphezu kwalokho sizophoqel­eka ukufuna ngaphandle kwakulesi sifundazwe.

"Sinzima isimo esibhekene naso kodwa-ke ekugcineni kufanele kube khona isixazulul­o, lidlalwe ibhola,” kusho umato.

Nokho uthi uhlalele ethembeni lokuthi inkundla yabo izolunga ngesikhath­i ngoba akafuni ukubona esethatha izinqumo ezizokwenz­a aba-ntu bakulesi sifundazwe bazithole belahlekel­wa yimisebenz­i.

Uma kungaphoqe­leka ukuthi i-arrows ifudukele kwesinye isifundazw­e baningi abantu abazolahle­kelwa yimisebenz­i njengoba benza imali emidlalwen­i yayo yasekhaya.

Ngesizini eyodwa i-arrows iba nemidlalo engaphezul­u kwengu-15 ekhaya okusho ukuthi kunabantu abathola isinkwa ngezimpela­sonto naphakathi nezinsuku.

Ukuhamba kwayo omama abadayisay­o, abaqaphi bodweshu, abaklinayo, ukubala nje izinto ezimbalwa, bazolahlek­elwa yimisebenz­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa