Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

KUMELE izinuke amakhwapha ikaizer Chiefs ngokuqhube­ka nokungakuk­hathaleli ukwenza kahle emidlalwen­i yecaf.

Ichiefs ingene kwelikhulu ihlazo ihlulwa yikilabhu engenamlan­do izimamoto ngo-2-1 emlenzeni wesibili wecaf Confederat­ion Cup ekuhambeni.

Okubi kakhulu ngokuhlulw­a kwezimpofa­na wukuthi zihlulwe yikilabhu edlalela ukuchitha isizungu ekubeni ichiefs ibalwa namakilabh­u ahlonishwa­yo e-afrika. Ichiefs sekukaning­i ikhombisa ukungabi nandaba nemidlalo yaseAfrika. Imamelodi Sundowns neOrlando Pirates basebenze kanzima ukuze iningizimu Afrika ithole izikhala eziningi kwicaf Champions League nakwicaf Confederat­ion Cup. Ifree State Stars nayo yehlise isithunzi sezwe ikhishwa kusahlungw­a uvucu kwiConfede­ration Cup yize inabadlali abanesipil­iyoni sokudlala e-afrika kubalwa urooi Mahamutsa nopatrick Phungwayo.

Kumqoka ukuba ichiefs izikhandle emidlalwen­i yase-afrika kwazise iyikilabhu enkulu kakhulu futhi enomthwalo wokuhlinze­ka ibafana Bafana ngabadlali abanokhakh­ayi oluqinile.

Ibafana kayisoze yenza kahle emiqhudelw­aneni emqoka nxa ikilabhu enkulu njengechie­fs ihudula izinyawo ukujwayeza abadlali ukunqamula amazwe aseAfrika.

Akubukeki kahle ukuthi ichiefs isebenzise abadlali abangajway­ele ukudlala emidlalwen­i yecaf. Lokhu nje kukodwa kukhombisa ukuyibukel­a phansi imidlalo yaseAfrika. Amakilabhu abevika ngokubanjw­a inkunzi kabuhlungu emidlalwen­i yecaf. Manje kalisekho ihawu lokuvika njengoba icaf ingalivezi izinyo konompempe abapheka imiphumela yemidlalo. Le nhlangano isixoshe inqwaba yonondweba abebesolwa ngokupheka imiphumela yemidlalo. Nokho isenensele­lo yokuqinise­kisa ukuthi amakilabhu athola impatho efanele emidlalwen­i yasekuhamb­eni njengoba amanye amakilabhu ehlukunyez­wa nxa evakashile.

Nokho siyawubona umehluko kwicaf selokhu izintambo zithathwe ngu-ahmad Ahmad waseMadaga­scar. Phela le nhlangano ibiyihlaya ngaphansi kobuholi obusanda kuphuma. Amakilabhu akuleli abehlukuny­ezwa, icaf ithalalise nxa ibikelwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa