Uyifuna yonke imali oxoshwe yichiefs
Usolinas wethukile ekhonjwa indlela
UYIFUNA njengoba injalo imali yakhe ugiovanni Solinas ongumqeqeshi wase-italy okhonjwe indlela yikaizer Chiefs ngenxa yokuphikwa yimiphumela.
Ichiefs imemezele ngolwesihlanu ntambama ukuthi isimkhombe indlela usolinas obengumqeqeshi wayo nomsizi wakhe upatrick Mabedi. Ibe isiveza ukuthi isiqashe u-ernst “Mazinyo. com” Middendorp wasegermany obengusomaqhinga webangkok United yasethailand.
Umiddendorp ushaya ibuya kwichiefs njengoba eke wasebenza kule kilabhu phambilini wayisiza yathatha izicoco. Nokho leli phephandaba lithole ukuthi nakuba usolinas exoshiwe kodwa uhleka yedwa njengoba kuvela ukuthi ichiefs izomholela kuze kuphele isizini yize engasebenzi.
Lo mqeqeshi kuvela ukuthi ubehola imali engaphezulu kuka-r300 000 ngenyanga. Kuthiwa ngesikhathi ichiefs imtshela ukuthi iyamxosha, uyitshele eziqwini zamehlo ukuthi uyifuna iphelele imali yakhe. Kuthiwa uthe ufuna nemali engu-r500 000 eyisivumelwano sokuthi uma exoshwa uzonikwa yona. Kuthiwa usabise ngokuthi uma engayinikwa imali yakhe yalezi zinyanga ezisele, uzofaka icala kwififa. Ubesayine inkontileka yesizini enesivumelwano sokuyelula ngomunye unyaka.
Leli phephandaba lishayela imenenja kasolinas, usahid Adebayor, ithe okwamanje akukho okutheni engakusho ngoba izingxoxo zisaqhubeka.
“Ukumkhokhela bazomkhokhela, yikhona nje ukuthi ngeke ngikwazi ukudalula ukuthi kuzokuba yimalini. Kodwa-ke kuningi okungakaqedwa, izingxoxo zisaqhubeka. Kumethusile okwenzekile ngoba ubesanda kubizelwa emhlanganweni watshelwa ukuthi uzonikwa le midlalo esele kulo nyaka ukuba aguqule izinto uma kungenjalo kuzokube sekunqanyulwa inkontileka yakhe.
“Ushaqekile uma esetshelwa ukuthi inkontileka yakhe iyanqanyulwa. Siyasola ukuthi into ecike abakwamotaung wumphumela abuye nawo kwizimamoto ezanzibar. Kodwa-ke ibhola linjalo kufanele sikwamukele okwenzekile, iqhubeke impilo,” kusho u-adebayor.
Limbuza leli phephandaba ukuthi ngabe akhona yini amakilabhu asebathintile emuva kokuvela kwezindaba zokuxoshwa kwakhe, uthe: “Yinye kuleli kanti kunamathathu angaphandle. Okwamanje usafuna ukuyopholisa ikhanda. Imethusile le nto eyenzekile.
"Usafuna ukuyophumula nomndeni wakhe kancane bese ebuya ebholeni.
"Ungumqeqeshi oseqophelweni eliphezulu yikhona nje ukuthi akabanga nenhlanhla yemiphumela kwichiefs.”