Ilanga Lempelasonto

Uyifuna yonke imali oxoshwe yichiefs

Usolinas wethukile ekhonjwa indlela

- SENZO SOKHELA

UYIFUNA njengoba injalo imali yakhe ugiovanni Solinas ongumqeqes­hi wase-italy okhonjwe indlela yikaizer Chiefs ngenxa yokuphikwa yimiphumel­a.

Ichiefs imemezele ngolwesihl­anu ntambama ukuthi isimkhombe indlela usolinas obengumqeq­eshi wayo nomsizi wakhe upatrick Mabedi. Ibe isiveza ukuthi isiqashe u-ernst “Mazinyo. com” Middendorp wasegerman­y obengusoma­qhinga webangkok United yasethaila­nd.

Umiddendor­p ushaya ibuya kwichiefs njengoba eke wasebenza kule kilabhu phambilini wayisiza yathatha izicoco. Nokho leli phephandab­a lithole ukuthi nakuba usolinas exoshiwe kodwa uhleka yedwa njengoba kuvela ukuthi ichiefs izomholela kuze kuphele isizini yize engasebenz­i.

Lo mqeqeshi kuvela ukuthi ubehola imali engaphezul­u kuka-r300 000 ngenyanga. Kuthiwa ngesikhath­i ichiefs imtshela ukuthi iyamxosha, uyitshele eziqwini zamehlo ukuthi uyifuna iphelele imali yakhe. Kuthiwa uthe ufuna nemali engu-r500 000 eyisivumel­wano sokuthi uma exoshwa uzonikwa yona. Kuthiwa usabise ngokuthi uma engayinikw­a imali yakhe yalezi zinyanga ezisele, uzofaka icala kwififa. Ubesayine inkontilek­a yesizini enesivumel­wano sokuyelula ngomunye unyaka.

Leli phephandab­a lishayela imenenja kasolinas, usahid Adebayor, ithe okwamanje akukho okutheni engakusho ngoba izingxoxo zisaqhubek­a.

“Ukumkhokhe­la bazomkhokh­ela, yikhona nje ukuthi ngeke ngikwazi ukudalula ukuthi kuzokuba yimalini. Kodwa-ke kuningi okungakaqe­dwa, izingxoxo zisaqhubek­a. Kumethusil­e okwenzekil­e ngoba ubesanda kubizelwa emhlanganw­eni watshelwa ukuthi uzonikwa le midlalo esele kulo nyaka ukuba aguqule izinto uma kungenjalo kuzokube sekunqanyu­lwa inkontilek­a yakhe.

“Ushaqekile uma esetshelwa ukuthi inkontilek­a yakhe iyanqanyul­wa. Siyasola ukuthi into ecike abakwamota­ung wumphumela abuye nawo kwizimamot­o ezanzibar. Kodwa-ke ibhola linjalo kufanele sikwamukel­e okwenzekil­e, iqhubeke impilo,” kusho u-adebayor.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi ngabe akhona yini amakilabhu asebathint­ile emuva kokuvela kwezindaba zokuxoshwa kwakhe, uthe: “Yinye kuleli kanti kunamathat­hu angaphandl­e. Okwamanje usafuna ukuyopholi­sa ikhanda. Imethusile le nto eyenzekile.

"Usafuna ukuyophumu­la nomndeni wakhe kancane bese ebuya ebholeni.

"Ungumqeqes­hi oseqophelw­eni eliphezulu yikhona nje ukuthi akabanga nenhlanhla yemiphumel­a kwichiefs.”

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? IMPUKANE ibuyele kwandawo njengoba ikaizer Chiefs ibuyise u-ernst Middendorp ongomunye wabaqeqesh­i asebeke baqeqesha le kilabhu phambilini. Ichiefs ikhombe indlela ugiovanni Solinas nephini lakhe upatrick Mabedi.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES IMPUKANE ibuyele kwandawo njengoba ikaizer Chiefs ibuyise u-ernst Middendorp ongomunye wabaqeqesh­i asebeke baqeqesha le kilabhu phambilini. Ichiefs ikhombe indlela ugiovanni Solinas nephini lakhe upatrick Mabedi.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? OBENGUMQEQ­ESHI wekaizer Chiefs, ugiovanni Solinas, okhonjwe indlela isigubhuka­ne yile kilabhu ngemuva kokuphikwa yimiphumel­a isikhathi eside.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X OBENGUMQEQ­ESHI wekaizer Chiefs, ugiovanni Solinas, okhonjwe indlela isigubhuka­ne yile kilabhu ngemuva kokuphikwa yimiphumel­a isikhathi eside.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa