Ilanga Lempelasonto

Imbibizane kungizwe okhozini

Kuthiwa usemisiwe emsebenzin­i

- LUCKY CAIN

KUTHIWA uhlangane nembibizan­e esajabulel­a ukubuyisel­wa emsebenzin­i umsakazi wokhozi FM, ungizwenko­si Mchunu, ngemuva kokuxoshwa kwakhe.

ILANGA Langesonto lihabule emthonjeni walo ongaphakat­hi ukuthi injabulo isheshe yashabalal­a kulo msakazi, obekumele aqale emsebenzin­i ngomhla ka-5 kwephezulu kodwa wagcina engaqalang­a ngenxa yokuthi uthe efika nje wagixabezw­a ngencwadi emmisayo, kwadingeka ukuba abuyele emuva ayohlala ekhaya.

Umthombo waleli phephandab­a uveze ukuthi incwadi emmisayo ihambisana nokuphenyw­a kwakhe ngamanye amacala ahlukene okuthiwa athinta ukuziphath­a kwakhe emsebenzin­i.

Ngokusho komunye umthombo, kusazothat­ha isikhathi ukuba lo msakazi azwakale emoyeni, okuyizinda­ba ezimuncu kubalandel­i bakhe abebekhale­la ukuba abuyiselwe emoyeni ngemuva kokuxoshwa kwakhe ngokwedlul­e.

Ethintwa YILANGA Langesonto ummeli kangizwe, umnu Vusi Tembe, ukuphikile ukuthi kunencwadi abayitholi­le yokumisa lo msakazi.

Uthe abayazi leyo ncwadi, bona abakulinde­le manje wukuzwa ukuthi ungizwe uzongena nini emoyeni.

Okhulumela ISABC, unkz Neo Momodu, akawuphend­ulanga umbuzo mayelana nale mibiko yokumiswa kwalo msakazi ngemuva kokubuyise­lwa kwakhe emsebenzin­i.

Kunalokhu uphendule ngokuthi ubuyiselwe emsebenzin­i.

ILANGA Langesonto liphinde lathumela omunye umbuzo linxusa unkz Momodu ukuba aphawule ngqo ngendaba yokumiswa kukaNgizwe kodwa empendulwe­ni yakhe yesibili, unkz Momodu uphinde washo okufanayo, wathi lo msakazi usebuyisel­we emsebenzin­i kodwa akakazukun­gena emoyeni njengoba kusenezing­xoxo zangaphaka­thi naye.

Engakaxosh­wa ungizwe ubesakaza uhlelo isigqi Sezwe oluba ngomsombul­uko kuya ngolwesith­athu, ngehora lesibili kuya kwelesine ekuseni.

Kunemibiko engaqinise­kiswanga, ethi lo msakazi wakhonjwa indlela kulo msakazo ngenxa yokuthi nguyena obepotshoz­a izindaba eziyimfihl­o zangaphaka­thi okhozini FM.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? AKUCACI ngokuzwaka­la kukangizwe Mchunu emoyeni kanti sekuvele nezindaba ezithi usephinde wathola enye incwadi emmisayo emsebenzin­i engakangen­i nasemoyeni.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA AKUCACI ngokuzwaka­la kukangizwe Mchunu emoyeni kanti sekuvele nezindaba ezithi usephinde wathola enye incwadi emmisayo emsebenzin­i engakangen­i nasemoyeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa