Ngukhulelwe, angazi ingane ekabani
1. ANGIYAZI INGANE NGEKABANI
Baba, nginenkinga ngikhulelwe manje angazi ukuthi ingane ekabani ngoba bengithandana nabesilisa ababili, ngilala nabo bobabili. Bese nginqume ukuba ngisikhiphe isisu. Ngisacela ungibonise baba kuthi ngenzenjani?
IMPENDULO: Kuhle ngoba uyawubona umsuka wale nkinga obhekene nayo. Nakuba imithetho yaleli zwe ikuvumela ukukhishwa kwezisu ezindaweni ezilawulwa wumnyango wezempilo kodwa kuhle silikhulume iqiniso elithi owesifazane okhiphe isisu usala nesilonda somphefumulo okungelula ukuselapha.
Ngibona kungaba yisu elihle ukuba uphuthume uthole usizo kongoti abazokweluleka ngokomqondo ungakasithathi lesi sinqumo ukuze okwenzayo ukwenze sewunolwazi kunalokhu oyikhona manje.
2. NGIMITHI KODWA INDODA AYISANGIFUNI
Baba, ngineminyaka engu 22 nginezinyanga ezine ngimithi ingane yokuqala. Ngihlukane noyise wengane ngo-october. Ngiyamncenga ukuba sibuyelane ngoba ngiyamthanda kodwa yena akafuni. Uma ngicela imali yokuya emtholampilo uthi akanayo. Manje angazi ngenzenjani ngoba ngisamdinga.
IMPENDULO: Ngiyakuzwela kakhulu kule nkinga obhekene nayo. Nakuba kunjalo kodwa kuhle singalifihli iqiniso elithi ukuthola umntwana ngomunye wemiphumela yokwenza ucansi nokungafanele kukwethuse. Kodwa usukhule ngokwenele ukuba uziyele mathupha kwabomthetho ufune isondlo esokeni lakho. Yilungelo lakho leli nithandana noma ningasathandani.
3. INDODA YAMI AYIXOXI FUTHI AYIHLEKI
Nginenkinga, ngihlala nobaba wengane esineminyaka sithanda-na. Ungenzela yonke into engiyifunayo kodwa uma enami uhlezi engahleki futhi engaxoxi. Ngize ngibone se-ngathi ngiyambhora. Uma ngikhuluma naye uvele acasuke, avukwe wulaka. Manje uthi ufuna ukuyongicela.
IMPENDULO:
Ukuhlalisana akukaze kube yindlela enqamulelayo yokungena emshadweni. Futhi uma umuntu elalele amazwi ale ncwadi yakho kungathi kukhona ukungeneliseki kuye. Ukukwenzela yonke into kodwa abe engahleki futhi engaxoxi kushiya imibuzo eminingi engaphenduleki. Ngeshwa nasencwadini yakho akuveli ukuthi ukuqale nini ukungaxoxi nokungahleki. Ukuhleka nokuxoxa kusemqoka kubantu abasothandweni, futhi kakhulu njengoba ethi ufuna ukukucela.
Zibuze wena bese ubuza naye ukuthi yinhloboni yomshado lona afuna ningene kuwona uma engaxoxi futhi engahleki nawe. Amathole akhethwa kusakhanya.
4. NGAVALEKA IZINDLEBE, USIZO ANGILUTHOLI
Baba, ngicela usizo lwakho la angisazi ngenzenjani. Ngike ngagula eminyakeni edlule ngaze ngavaleka izindlebe kusukela ngo 2017.
Esibhedlela bange-thembisa umshini wokufakwa endlebeni khona ngizozwa kodwa kuze kube yimanje angiwutholi. Ngicela ningicebise ukuthi usizo ngingaluthola kuphi futhi kanjani?
IMPENDULO: Yaze yabuhlungu inkinga obhekene nayo. Ake uzame ukuxhumana nehhovisi lenhloko yomnyango wezempilo wesifundazwe sakho.
Uma ungasizakali ungadlulela ngisho kungqongqoshe okulo mnyango, nakanjani uzolalela futhi akuyalele ukuthi ungase usizakale kanjani. Sikufisela inhlanhla.
5. ANGAZI NOMA USANGITHANDA YINI UBABA WENGANE
Ngiyabingelela, ngingowesifazane ngicela usizo. Angazi noma usangi-thanda yini ubaba wengane yami. Sisebenza sobabili ungilala emsebenzini emini. Usaba intombi yakhe ukungiyisa kubo. Inkinga ngisamthanda. Ngenzenjani ngicela usizo.
IMPENDULO: Kubukeka kungathi leli soka lakho limana licasha ngesithupha nje. Hlala phansi nalo uzwe kulona ukuthi likulindise umnyama ongenafu yini noma qha.
Ukusaba kwalo intombi yalo kukhombisa ukuthi ngisho lingakuganisa lizoqhubeka nokuyesaba.
Nawe zibuze ukuthi kungani wena lingakwesabi kodwa lesabe umnakwenu. Nangokomqondo kumele ube qotho kuwena qobo lwakho maqondana nokuthi ukulungele yini ukugana esithenjini.
Ukumthanda akulona icala kodwa kumele wazi ukuthi uthando olungaboni lulandelwa wusizi nokuzisola kamuva.
*Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakala ezinkingeni aba-bhekene nazo basebenzise inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphendula imibuzo yenu.