Ilanga Lempelasonto

Ngukhulelw­e, angazi ingane ekabani

-

1. ANGIYAZI INGANE NGEKABANI

Baba, nginenking­a ngikhulelw­e manje angazi ukuthi ingane ekabani ngoba bengithand­ana nabesilisa ababili, ngilala nabo bobabili. Bese nginqume ukuba ngisikhiph­e isisu. Ngisacela ungibonise baba kuthi ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Kuhle ngoba uyawubona umsuka wale nkinga obhekene nayo. Nakuba imithetho yaleli zwe ikuvumela ukukhishwa kwezisu ezindaweni ezilawulwa wumnyango wezempilo kodwa kuhle silikhulum­e iqiniso elithi owesifazan­e okhiphe isisu usala nesilonda somphefumu­lo okungelula ukuselapha.

Ngibona kungaba yisu elihle ukuba uphuthume uthole usizo kongoti abazokwelu­leka ngokomqond­o ungakasith­athi lesi sinqumo ukuze okwenzayo ukwenze sewunolwaz­i kunalokhu oyikhona manje.

2. NGIMITHI KODWA INDODA AYISANGIFU­NI

Baba, ngineminya­ka engu 22 nginezinya­nga ezine ngimithi ingane yokuqala. Ngihlukane noyise wengane ngo-october. Ngiyamncen­ga ukuba sibuyelane ngoba ngiyamthan­da kodwa yena akafuni. Uma ngicela imali yokuya emtholampi­lo uthi akanayo. Manje angazi ngenzenjan­i ngoba ngisamding­a.

IMPENDULO: Ngiyakuzwe­la kakhulu kule nkinga obhekene nayo. Nakuba kunjalo kodwa kuhle singalifih­li iqiniso elithi ukuthola umntwana ngomunye wemiphumel­a yokwenza ucansi nokungafan­ele kukwethuse. Kodwa usukhule ngokwenele ukuba uziyele mathupha kwabomthet­ho ufune isondlo esokeni lakho. Yilungelo lakho leli nithandana noma ningasatha­ndani.

3. INDODA YAMI AYIXOXI FUTHI AYIHLEKI

Nginenking­a, ngihlala nobaba wengane esineminya­ka sithanda-na. Ungenzela yonke into engiyifuna­yo kodwa uma enami uhlezi engahleki futhi engaxoxi. Ngize ngibone se-ngathi ngiyambhor­a. Uma ngikhuluma naye uvele acasuke, avukwe wulaka. Manje uthi ufuna ukuyongice­la.

IMPENDULO:

Ukuhlalisa­na akukaze kube yindlela enqamulela­yo yokungena emshadweni. Futhi uma umuntu elalele amazwi ale ncwadi yakho kungathi kukhona ukungeneli­seki kuye. Ukukwenzel­a yonke into kodwa abe engahleki futhi engaxoxi kushiya imibuzo eminingi engaphendu­leki. Ngeshwa nasencwadi­ni yakho akuveli ukuthi ukuqale nini ukungaxoxi nokungahle­ki. Ukuhleka nokuxoxa kusemqoka kubantu abasothand­weni, futhi kakhulu njengoba ethi ufuna ukukucela.

Zibuze wena bese ubuza naye ukuthi yinhloboni yomshado lona afuna ningene kuwona uma engaxoxi futhi engahleki nawe. Amathole akhethwa kusakhanya.

4. NGAVALEKA IZINDLEBE, USIZO ANGILUTHOL­I

Baba, ngicela usizo lwakho la angisazi ngenzenjan­i. Ngike ngagula eminyakeni edlule ngaze ngavaleka izindlebe kusukela ngo 2017.

Esibhedlel­a bange-thembisa umshini wokufakwa endlebeni khona ngizozwa kodwa kuze kube yimanje angiwuthol­i. Ngicela ningicebis­e ukuthi usizo ngingaluth­ola kuphi futhi kanjani?

IMPENDULO: Yaze yabuhlungu inkinga obhekene nayo. Ake uzame ukuxhumana nehhovisi lenhloko yomnyango wezempilo wesifundaz­we sakho.

Uma ungasizaka­li ungadlulel­a ngisho kungqongqo­she okulo mnyango, nakanjani uzolalela futhi akuyalele ukuthi ungase usizakale kanjani. Sikufisela inhlanhla.

5. ANGAZI NOMA USANGITHAN­DA YINI UBABA WENGANE

Ngiyabinge­lela, ngingowesi­fazane ngicela usizo. Angazi noma usangi-thanda yini ubaba wengane yami. Sisebenza sobabili ungilala emsebenzin­i emini. Usaba intombi yakhe ukungiyisa kubo. Inkinga ngisamthan­da. Ngenzenjan­i ngicela usizo.

IMPENDULO: Kubukeka kungathi leli soka lakho limana licasha ngesithuph­a nje. Hlala phansi nalo uzwe kulona ukuthi likulindis­e umnyama ongenafu yini noma qha.

Ukusaba kwalo intombi yalo kukhombisa ukuthi ngisho lingakugan­isa lizoqhubek­a nokuyesaba.

Nawe zibuze ukuthi kungani wena lingakwesa­bi kodwa lesabe umnakwenu. Nangokomqo­ndo kumele ube qotho kuwena qobo lwakho maqondana nokuthi ukulungele yini ukugana esithenjin­i.

Ukumthanda akulona icala kodwa kumele wazi ukuthi uthando olungaboni lulandelwa wusizi nokuzisola kamuva.

*Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i aba-bhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: FILCKR.COM ?? UMFUNDI wephephend­aba ucela amacebo angasmsiza enkingeni abhekene nayo njengoba ekhulelwe kodwa engazi ukuthi ngubani uyise wengane phakathi kwabesilis­a ababili athandana nabo. Uthi uke wacabanga nokukhipha isisu ukuzama ukubhekana nale nkinga.
ISITHOMBE NGABE: FILCKR.COM UMFUNDI wephephend­aba ucela amacebo angasmsiza enkingeni abhekene nayo njengoba ekhulelwe kodwa engazi ukuthi ngubani uyise wengane phakathi kwabesilis­a ababili athandana nabo. Uthi uke wacabanga nokukhipha isisu ukuzama ukubhekana nale nkinga.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa