Ilanga Lempelasonto

NGEZINYE IZIKHATHI IMPILO KAYILULA NEZE

- ZOWAKHA MBATHA

THE HEALER UMQONDISI: Paco Arango ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Oliver Jackson-cohen (Alec Bailey), Camilla Luddington (Cecilia), Kaitlyn Bernard (Abigail), Jorge Garcia (Father Malloy), Jonathan Pryce (Raymond Heacock) UHLOBO: Drama/ Comedy/ Family IMINYAKA: 13 L UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

U-ALEC Bailey ngumlisa ezingamham­beli kahle izinto ebhizinisi­ni lokukhanda izinto zikagesi, ozifelayo ngesifazan­e nosaphethw­e kabuhlungu wukudlula emhlabeni kwewele lakhe ucharlie.

Umalume wakhe uraymond uthi angamsiza ngasezimal­ini kodwa uma evuma ukuthuthel­a kwenye indawo. Nakuba ekungabaza lokhu kodwa ngenxa yokuthi izikweletu zimhleli entanyeni ugcina evumile.

Ekufikeni kwakhe ehalifax uyashaqeka ukuthola ukuthi izakhamizi zikholwa wukuthi uyelapha kanti yena ubazi ukuthi isikhangis­o ngesithi ulungisa izinto ezisebenza ngogesi, hhayi abantu abagulayo.

Nengalo yomthetho nabezenkol­o bayamnamat­hela ngoba bekholwa wukuthi ungumkhohl­isi. Ugcina esekholwa naye ukuthi sikhona isiphiwo anaso njengoba nomalume wakhe emtshela ukuthi vele kubo kunomlando wabelaphi kanti nezinto ezenzekayo nsukuzonke ziyamumang­aza.

Khonamanja­lo uhlangana nentombaza­nyana eneminyaka eyi-14 ehlaselwe yi- cancer.

Uzithola esenengcin­dezi yokuyi- lekelela kanti ngakolunye uhlangothi umalume usemtshele ukuthi ngeke esakwazi ukuba nala mandla ngoba akawamukel­anga ekuqaleni.

Shona e- cinema njengoba ingene

ngolwesihl­anu khona uzozibonel­a nesiphetho. zowakha@ilanganews.co.za

IMPELASONT­O edlule yomhla ka-30 kulwezi (November) kuya zimbili kuzibandle­la (December) ishintshe izinto kwaqhwakel­a enye ifilimu esiqongwen­i NENIGHT SCHOOL iphambili ngokufaka imali njengoba ifinyelele ku-r20 422 111. Imi kanje itop 10 ephelele:

1- RALPH BREAKS THE INTERNET

2- BOHEMIAN RHAPSODY 3- FANTASTIC BEASTS: THE CRIMES OF GRINDELWAL­D 4- CREED 2

5- FRANK AND FEARLESS 6- HUNTER KILLER 7- NOBODY’S FOOL

8- NIGHT SCHOOL

9- A STAR IS BORN

10- NUTCRACKER & THE FOUR REALMS

ISIKHUMBUZ­O: Iyaqala ikwasukasu­kela Film Festival ngolwesith­athu mhla ka-12-15 Kwantenga Community Hall, esqakatha, ejozini.

Abathanda le mboni basuke bechushisw­a kuma- workshop amahhala nokuwuhlel­o olusungulw­e ngusibonge­leni Mabuyakhul­u osesebenze emidlalwen­i eminingi yethelevis­hini, osebenza kwisibaya njengamanj­e odabuka kule ndawo.

Ngokwesibi­li nonyaka le festivali ehambisana nokukhonji­swa kwamafilim­u nokuchushi­sa abasafufus­a yenzeka.

 ?? ISITHOMBE: LA TIMES ?? KAYILULA neze impilo ka-alec noma esefika ehalifax.
ISITHOMBE: LA TIMES KAYILULA neze impilo ka-alec noma esefika ehalifax.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa