ZITHINI NGALESI SIGWILI ESINCANE
KODWA singawuvala kanjani lo nyaka singakhulumanga ngengane yeziqumama zakwampisane u-andile Mpisane. Ayi bandla mfana wami lo nyaka bekungowakho futhi nemali ngiyabona ukuthi ithi tata lapha kuwe.
Kodwa ngisadidekile ukuthi umthetho wakho yini ozimisele ngokuyenza ugxile kuyo. Ngikubona ungena- focus. Ngelinye ilanga ubonakala udlala ibhola eqenjini lakini iroyal Eagles, kuthi kusenjalo ubonakale usuvumbuka e- stage usudansela ubabes Wodumo.
Lokhu kuphithizela kwakho kuyamdida umzala ukuthi kanti zithini ngalesi sigwili esincane. Kodwa-ke into omuhle ngayo ukuthi awuphakeme kodwa uzithandela izinto nje kanti ngenhlanhla ekhaya kini ikhona imali yokukufaka ezintweni.
Ngiyakugcoba, u-2018 bekungowakho, ngikunika isicoco sokuba ngusphithiphithi of the Year. WAZE wangixaka UDJ Mngadi woKhozi FM - kuyangimangaza ukuthi useqasha abadansi ekubeni naye esadinga ukuqashwa.
Ngempela ngempela ungenelwe yini Mngadi? Kuyangicacela ukuthi umfazi awunaye ngoba ukuba ukhona ngabe akayivumi le nto yakho yokuhamba nosakabhudu award lwamantombazane owabiza ngabadansi ungazi ukuthi uwayisaphi.
Okubuhlungu-ke ukuthi lezi zingane ontunta nazo ekugcineni zizodinga imali yokuhola, asazi-ke ukuthi uzokwenzenjani. Ngicela ungangifoneli nje ucela ngikuboleke imali please. HHAY’ hhay’ hhay’, sengithule kwanela-ke manje, ngikhathele. Kunalo dade odlala kwisibaya, unomzamo Mbatha, onguthandeka kulo mdlalo.
Kunento alokhu eyiphinda nje ewumbhedo.
Sengimuzwe kaningana ephambanisa isaga esithi ‘kukhona okushaya amanzi’. Yena uvele athi “kukhona okungashayi amanzi”, angazi-ke ukuthi abamkhuzi ngani abasondelene naye.
Ngangithi unina unguthisha nje, manje uthule uthini uma ingane isibhedela bakwethu. Funda girl, ulungise amaphutha akho.
Ngiyakthanda kodwa neh, phela umuhle.