OWOSUTHU USEPHENDUKE INYAMA EMAKILABHINI AMAKHULU E-PSL
USEPHENDUKE inyama emakilabhini amakhulu akuleli umdlali wamazulu FC owenza ezibukwayo kule kilabhu.
ILANGA Langesonto lihabule ngemithombo yalo ukuthi umphathi ka-emiliano Tade ( osesithombeni) ongumgadli wamaZulu, uphithene ikhanda njengoba kunamakilabhu amabili akuleli ahlale emshayela ngenhloso yokuba awakhulumele nosuthu ukuze ludedele lo mdlali.
Kuthiwa amakilabhu okuyiwona afuna uthuli lo mdlali yimamelodi Sundowns nebidvest Wits athembisa ukumnika itshe lemali.
Leli phephandaba lishayela ufrancisco Ferreira we-on The Ball Sports Management okuyinkampani ephethe izindaba zalo mdlali, ukuvumile ukuthi unalo ulwazi lokuthi kukhona amakilabhu amfunayo kodwa wathi ayikho eseyike yamthinta.
“Yiqiniso, nginalo ulwazi lokuthi kukhona amakilabhu amfunayo kodwa alikho eselike lakhuluma nami ngqo.
"Uma ingaqhamuka ngizoyiyalela ukuba ikhulume namazulu ngoba kufanele ihlonishwe inkontileka ngokunjalo namazulu ayakudinga ukuhlonishwa.
"Akukho mina engingakwenza, umuntu omfunayo kufanele akhulume namazulu.
"Kodwa angiwaboni Amazulu emdedela uma ngibuka indlela awusizo ngayo kuwona,” kusho uferreira.
Utade ujoyine usuthu ekuqaleni kwesizini esuka kwi-auckland City yase-new Zealand.
Selokhu efike kule kilabhu wenza ezibukwayo njengoba engalibheki ipali.
Usanda kuhlabana ngomklomelo wokuba ngumdlali ovelele wenyanga kalwezi (November) nozibandlela (December) kwipsl.