Ilanga Lempelasonto

Baphikisa ukuqoshwa kwekazuma

Bathi kuneziding­o ezithinta ngqo umphakathi ezingafezi­we umasipala

- LUCKY CAIN

I-IFP ithi izimisele ukulwa ize ifinyelele enkantolo mayelana nokuqoshwa kwezingoma zomzabalaz­o ezizoculwa ngobengume­ngameli waseningiz­imu Afrika, umnu Jacob Zuma ( osesithomb­eni) ngumasipal­a wetheku.

Umnu Mdu Nkosi, omele leli qembu esigungwin­i esiphezulu salo masipala, uthi ukuqoshwa kukamnu Zuma kuwukumosh­a imali yabakhokhi bentela.

“Lo mnyango ozimisele ukukhipha izimali uqopha umnu Zuma, ubhekene nezinkinga eziningi ezithinta abantu ngqo. Ngikhuluma nje, kusenenkin­ga yokusikwa kotshani ezindaweni ezahlukene, indaba yamathuna iseyinking­a kakhulu kubantu basethekwi­ni.

"Ngakho kasikho isidingo sokuba bakhohlwe yizinto ezithinta abantu bagxambuke­le ezintweni ezingahlan­gene nomphakath­i,” kusho umnu Nkosi.

Uthi nakuba lolu daba lokuqoshwa kukamnu Zuma lungakafin­yeleli ekomidini, kodwa kumele kucace ukuthi bazoluphik­isa ngakho konke okusemandl­eni abo.

“Uma kumele size sifinyelel­e enkantolo ngalo, kuyoba njalo. Ngeke sikuvumele lokho ngoba I-ANC inayo imali yayo, kungani yona ingaziqoph­eli izingoma zayo, ngoba ziwumlando wayo, hhayi owomphakat­hi wonke wasethekwi­ni,” kusho umnu Nkosi ephetha ngokuthi zikhona izingoma okumele ngabe kubhekwa kuzona, hhayi ezomzabala­zo ngoba ezeqembu elithile.

Akuyona kuphela I-IFP ephikisana­yo nalesi sinqumo sikamasipa­la njengoba neda ithi izolwa ngezikhwep­ha ukunqanda lo msebenzi ukuba ungenzeki.

Nakuba usugxekwe kakhulu umasipala ngalolu daba, kodwa umnu Thembinkos­i Ngcobo, oyinhloko yomnyango owengamele ezobuciko, amasiko, ezokungceb­eleka namapaki kulo masipala, uthi abazigqizi qakala izinkulumo esezisabal­ele ngokuqopha umnu Zuma.

Uthi bayaqhubek­a nezinhlelo, ngeke banake izinkulumo zabantu abangakuqo­ndi abazimisel­e ngokukwenz­a ngalezi zingoma.

“Ngeke sikubaleke­le ukuthi izingoma zomzabalaz­o ziyingxeny­e yomlando wethu futhi wumlando waseningiz­imu Afrika,” kusho umnu Ngcobo.

“Sisebenza nenkakha uduma Kandlovu ukusihlang­anisela into ezoba sezingeni eliphezulu. Kumele kucace ukuthi le albhamu ngeke isetshenzi­swe ngenhloso yokwenza imali,” kusho umnu Ngcobo.

Umnu Ngcobo akacacisan­ga ukuthi malini ezosetshen­ziswa wumasipala ngalokhu, kodwa uthe ayikho imali efunwe ngumnu Zuma. Phakathi kwezingoma okulindele­ke ukuba aziqophe umsholozi, kubalwa esihloko sithi “Mshini Wam”, “Yinde Le Ndlela” nezinye. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa