Ilanga Lempelasonto

Luyabuya ezikoleni olwemisube­lo

Ungqongqos­he uthi lusizile emiphumele­ni ka-matric

- MTHOBISI SITHOLE

LUKHUZA ibuya uhlelo lokusatsha­laliswa kwemisubel­o ezikoleni KwaZulu-natal. Lokhu kumenyezel­we ngungqongq­oshe wezemfundo kulesi sifundazwe, umnu Mthandeni Dlungwana, ngolwesihl­anu emcimbini obusenkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), ethekwini, wokuklonye­liswa kwabafundi abaphase kahle umatikulet­sheni.

Ungqongqos­he uthe okwenza baqhubeke nalolu hlelo wukuthi luwusizo kakhulu kubafundi abahlwempu, abangenawo amandla okuyitheng­a imisubelo, abagcina belova esikoleni bandise isibalo sabafeyila­yo.

Uthi bakholwa wukuthi lusize kakhulu ekunyukeni kwemiphume­la. Uthe lolu hlelo lwabelwe imali engaphezul­u kuka-r27 million esifundazw­eni.

“Abantu abaningi bebethi kungani sithenga imisubelo ngoba akuwona umsebenzi esibekelwe wona emnyangwen­i. Lolu hlelo luhle kakhulu, sizoqhubek­a nalo. Okuhle kakhulu wukuthi ungqongqos­he kuzwelonke (unkk Angie Motshekga) ulwamukeli­le,” kusho umnu Dlungwana.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umnyango ugcine ulumisa lolu hlelo ngenxa yengcindez­i oyifakelwe yinational Teachers Union (Natu) ebikade isola inkohlakal­o ezikhulwin­i zomnyango njengoba ngesikhath­i luqalwa lwalubekel­we imali elinganise­lwa ku-r20 million kodwa yagcina ifinyelela ku-r109 million.

Uziphendul­ela umnyango kulokho wathi lwaluqale luzohlinze­ka abafundi abambalwa kodwa kwagcina sekubonaka­la ukuthi baningi kakhulu abaphumela obala abafuna ukulekelel­wa. Okwakukhal­isa le nyunyana wukuthi ezikoleni akusekho ngisho indawo yokuhlala othisha neyokufund­isela, imisubelo igcwele ngokweqile emagumbini ezikoleni.

Ephawula ngalokhu ngolwesihl­anu umengameli wenatu, umnu Allen Thompson, uthe abaphikisa­ni nokusizwa kwabafundi ngalolu hlelo kodwa abalwisana nakho ukungahamb­iswa ngendlela kwezinto ngalo. Uthi bazoluland­ela lolu hlelo, babheke nokukhishw­a kwethenda yalo nokulandel­wa kwayo yonke imigomo. Uveze ukuthi bazobheka ngisho kwabakwaso­uth African Bureau of Standards (SABS) ukuthi iphasisiwe yini le misubelo njengoba kulena eyayigcwal­iswe ezikoleni yayingenay­o imininingw­ane ecacisa nokuthi yakhiwe kuphi.

“Sizoqhubek­a nokufaka ingcindezi kungqongqo­she kuzwelonke, sifuna imiphumelo yophenyo olunzulu ayethembis­e ukulwenza. Ukusatshal­aliswa kwemisubel­o ngokweqile nyakenye sasithe akuphenywe ngoba nokunikezw­a kwezingane ezincane ezifunda ugrade-r kuyasidida ukuthi kufundiswa­ni kuzona.

Kunezikole ezingaphan­si kuka- section 21 ezingayith­olile namanje imali yezinsiza kusebenza okuyikhona umnyango engabe ubhekana nakho ngqo,” kusho umnu Thompson.

 ?? ISITHOMBE NGU: SIPHAMANDL­A CELE ?? INHLOKO yomnyango wezemfundo Kwazulu-natal, udkt Enoch Nzama, undunankul­u obambile, umnu Sihle Zikalala, nongqongqo­she wezemfundo esifundazw­eni, umnu Mthandeni Dlungwana, beklomelis­a umfundi wasezama High ophase ngamalengi­so, ubongumenz­i Ndlovu.
ISITHOMBE NGU: SIPHAMANDL­A CELE INHLOKO yomnyango wezemfundo Kwazulu-natal, udkt Enoch Nzama, undunankul­u obambile, umnu Sihle Zikalala, nongqongqo­she wezemfundo esifundazw­eni, umnu Mthandeni Dlungwana, beklomelis­a umfundi wasezama High ophase ngamalengi­so, ubongumenz­i Ndlovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa