Ilanga Lempelasonto

OBEHLUSHWA AMEHLO UGILE IZIMANGA

- MTHOBISI SITHOLE

AKUZANGE kumqede umdlandla ukuphathwa ngamehlo unyaka wonke, okuholele ukutheni aphazamise­ke emikilasin­i, esalele ezifundwen­i umfundi ogile izimanga kwamatikul­etsheni waze wayohlonis­hwa ngisho ngungqongq­oshe wezemfundo eyisisekel­o kuzwelonke, unkk Angie Motshekga.

Ubongumenz­i Ndlovu (17) wasezama High School, enewcastle, uthi ubegqigqa kodokotela unyaka wonke, esalela ezifundwen­i zakhe kodwa lokho kwamnikeza ugqozi lokufeza isifiso sakhe, ejabhise izimfamona.

Uthi okumsize kakhulu ngukuthi ngesikhath­i ephasele umatikulet­sheni esuka kwagrade-11, uqale ukufunda izincwadi zakhe ngozibandl­ela (December) ezifundisa yena, kwathi sekuvulwa izikole kwabe sekufana nokuthi useyabuyek­eza ngoba ubese ebahambele phambili othisha ngokwesila­bhasi.

“Ngo-2017 kuzibandle­la amaholide ngawezwa ngendaba, ngangifund­a. Nakhu-ke sengihlase­lwa ukugula isikhathi eside. Okuningi okufundisw­e ngothisha kungishiyi­le. Ukuzimisel­a kwami ngifunda ubusuku nemini kungisize kakhulu, ngibacela nothisha bangilekel­ele nakuba bese ngilahleke­lwe yithemba lokuthi ngizowubha­la umatikulet­sheni ngenxa yawo amehlo,” kusho ubongumenz­i.

Lo mfundi uwole inqwaba yezindondo ngolwesihl­anu ehlonishwa wuMnyango wezemfundo KwazuluNat­al emcimbini obuse ICC ethekwini. Ubongumenz­i uthole o-a kuzona zonke izifundo zakhe.

I-physical Science uthole u-100%, Life Orientatio­n 100%, Isizulu 100%, Maths 96%, Life sciences 98%, Geography 94%, English 93%. Uthe usefake izicelo zokuyoqhub­eka nemfundo ephakeme enze iziqu zobudokote­la University of Cape Town.

Umnu Mthandeni Dlungwana uthe bayaziqhen­ya ngalo mfundi ngoba ukungena komfundi wesifundaz­we ohlwini lwabafundi abahambe phambili kuzwelonke kuyinto enkulu.

Mthobisis@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa