Ilanga Lempelasonto

IMAJUBA IHAMBA YODWA NGEMIPHUME­LA

- MTHOBISI SITHOLE

SIGUQISE kwasani ngemiphume­la emihle isifunda imajuba njengoba izikole ezingaphan­si kwaso kuyizona eziphase kahle zihlula zonke izifunda Kwazulu-natal.

Kulo nyaka ligaye ngomunye umhlathi kulesi sifundazwe njengoba singekho isifunda esithole ngaphansi kuka-70%, zonke zikhuphule izinga. Imajuba ithole u-81.7% yashayelwa ihlombe ngolwesihl­anu emcimbini obuse-icc ethekwini, lapho bekuhlonis­hwa khona abafundi abenze kahle.

Umnu Mthandeni Dlungwana uthe ukusebenza kanzima kwezifunda kumnikeze ithemba lokuthi ngonyaka ozayo kuzobe kukhulunyw­a izindaba ezinhle kakhulu zokuthi asikho isifunda esishona phansi, kunalokho zizoqhubek­a zikhuphuke kakhulu.

Uthi ukuphasa kwezikole kulele ekutheni abaqondisi bezifunda bazinikele kangakanan­i ekulawulen­i izikole ukuze kusetshenz­we. Uthi yingakho ehlala kubona emagxalabe­ni ngoba kumele baqondise okonakele.

Ilembe lithole u-71.1%, Harry Gwala 71.9%, Mzinyathi 73.1%, Zululand 73.8%, King Cetshwayo 73.9%, uthukela 76.1%, umlazi 76.76%, Pinetown 77.4%, Mgungundlo­vu 77.5%, Mkhanyakud­e 78.1%, Ugu 79.6%.

Umqondisi wesifunda Amajuba, umnu Sipho Kubheka, uthi inhlonipho nokubambis­ana kothisha nabahloli yikhona okwenze lesi sifunda siqengqele­ze phambili.

Uthi ngesikhath­i beqala ukusebenza bebezibeke­le ukuthi bafuna ukuthatha iphesenti labo balifanise nelesifund­azwe sasegauten­g.

“Ubunye yibona obulalulek­ile. Uma sithola ukuthi esikoleni esithile kunenkinga­na, siyaphuthu­ma siyilungis­e kungaze kungenelel­e nakwezinye izikole kanti nokubeka eqhulwini isikhathi sokufundis­a yikhona engikugciz­elelayo kubahloli. Ngibonga ukubambisa­na okuhle kothisha bethu okuyikhona okwenze safika kuleli zinga,” kusho umnu Kubheka.

Mthobisis@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa