ISILO SIGXEKE AMAHLONGANDLEBE
SIHLABE imfundiso yabazali exegayo isilo samabandla wonke, ugoodwill Zwelithini kabhekuzulu ( osesithombeni), sathi bazifuya kanjani emakhaya izingane ezishaya othisha ezikoleni.
Besikhuluma E-ICC, ethekwini, ngolwesihlanu, emcimbini wokuhlonishwa kwabafundi bakamatikuletsheni abaphase ngamalengiso Kwazulu-natal.
Isilo sithi abafundi abashaya othisha bathatha iziqalekiso zaphakade ngoba abanye othisha abanawo amandla okuzivikela.
“Umshaya kanjani uthisha uyingane ngoba ngumzali wakho loyo? Nina bazali nizifuyelani izingane ezishaya othisha? Kuyichilo elinyanyisayo ukuthi ingane ibeke isandla umuntu omdala. Thina imfundiso yomzali siyibuka enganeni yakhe,” kusho isilo.
Sikhale kakhulu ngokunyuka kwezinga lokukhulelwa kwabafundi ezikoleni zabantu bamnyama, sathi lokhu kwenziwa othisha uqobo lwabo. Sibuze abazali ukuthi kungani befukamela uthisha owenza lokhu emphakathini ekubeni bemazi kahle kamhlophe.
“Uma umithise ingane usuke usuyishaye walibulala ikusasa layo. Sisenkingeni enkulu yokuthi izingane zamantombazane aziphephile ezikoleni ngenxa yokuthi sekwaba khona othisha okwaziwayo ukuthi bayakhwela nje kuphela, sebephenduke ezikhwelayo.
“Izingane sezaba nebhadi lokuthi sezifundiswa wontanga yabo, yayingekho lento eminyakeni edlule. Ngiyafisa ukuthi izigungu ezilawula izikole zivule amehlo, ziyibhekisise lento eyenziwa othisha ngoba sifuna izingane zibe okuthile kusasa ngemfundo yazo, hhayi ibulawe yibona othisha. Labo abenza lokhu babulala ubizo lobuthishela, “kusho isilo.
Sithe othisha abalala nezingane alibafanele leli gama lobuthisha. Sithe kuyashaqisa okwenzekayo kulesi sikhathi samanje ngoba ngisho izilwane ziyawavikela amazinyane azo kodwa abanye othisha benza ichilo ezinganeni abazifundisayo.
“Uhulumeni wathi ayivalwe induku ezikoleni ngoba ebona ukuthi abanye othisha besebeshaya ngokweqile kodwa ngalokho wayengasho ukuthi azikhuleliswe, lokhu okwenzekayo njengamanje. Kumele bazi abantu ukuthi ngaphansi komlenze wengane kukhona umoya ongcwele,” kusho isilo.
Ungqongqoshe wezemfundo, umnu Mthandeni Dlungwana, uthe othisha abatholakala ezigamekweni zokulala nabafundi bakhonjwa indlela. Uthe kumele uthisha awazi umsebenzi ngoba ukuthandana nomfundi kuyicala.
Mthobisis@ilanganews.co.za