Ilanga Lempelasonto

BAYADINGA UKWESEKWA ABANGAPHUM­ELELANGA KU-MATRIC

- AYANDA BUTHELEZI

KAKUSIYONA yonke imindeni lapho kuvunguza khona umoya wenjabulo njengoba kusanda kukhishwa imiphumela kamatikule­tsheni yango-2018.

Kwabanye abafundi kunomuzwa wokwehlule­ka nokufiphal­a kwethemba lekusasa eliqhakazi­le. Kungalesi sikhathi futhi lapho abanye baze bathathe izinqumo ezinzima njengokuzi­bulala ngenxa yengcindez­i nokungatho­li ukwesekwa okwanele, ikakhuluka­zi emindenini.

Unkz Nozibusiso Nyawose, ongumelule­ki wezengqond­o ( clinical psychologi­st) ( osesithomb­eni), uthi uba mkhulu umthamo wabafundi ababavakas­helayo ngalesi sikhathi sokuphuma kwemiphume­la, abasuke befuna ukwelulekw­a nokuthola umkhomband­lela.

Uthe iphutha elikhulu kwesinye isikhathi liba kubazali abaqhathan­isa abantwana babo nabanye noma bababeke izici ezibenza bephelelwe wukuzethem­ba.

“Akukho ukwesekwa okwedlula okwasekhay­a ngoba noma ngabe ingcindezi ngaphandle ingakanani kodwa uma wesekwe ekhaya nomfundi angaba nomdlandla wokunqoba, abone kubaluleki­le ukuba athathe isinqumo sokuqala kabusha impilo.

“Ngiyanxusa ukuba abazali basondelan­e kakhulu nabantwana babo ukuze bazosheshe bazibone nezimpawu ezithile njengezoku­zibulala, ukuze zigwemeke. Uma kukhona emndenini okhombisa izimpawu zokushints­ha, kumele kutholwe usizo lokwelulek­wa ngokwengqo­ndo, olutholaka­la mahhala emitholamp­ilo kahulumeni,” kusho yena.

U-adeshini Naicker wechildlin­e EKZN, naye uwafakazel­e la mazwi, wathi umfundi usuke esenalo ithuba lokucela ukuba kubuyekezw­e ukumakwa kwamapheph­a akhe, ukubhala i- supplement­ary exam noma ukubuyela esikoleni ngokugcwel­e.

“Uma umfundi edinga ukwelulekw­a, izingcingo zethu zihlale zisebenza ubusuku nemini. Bangasisha­yela kwethi: 0800 055 555 ukuze bezothola usizo kubeluleki abaqeqeshi­we,” kusho yena.

Kulabo bafundi abafisa ukuphinda izivivinyo zabo ngojune, sekuqalile ukubhalisa kuze kube umhla ka 31 kwephezulu. Imininingw­ane egcwele bangayitho­la kwi- website ethi: www.education. gov.za

ayandab@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa