Ilanga Lempelasonto

ZOWAKHA MBATHA

-

nezingenze­ki njengoba umnikazi womuzi engekho.

Izinhlelo okuba ngcono ukuzibamba ngezemisak­azo yezingxoxo ( talk radio) ngoba vele iningi labasakazi bayo basuke benekhono lokuqondis­a ingxoxo. Okuhlupha ngalolu olunye uhlobo lwemisakaz­o wukuthi kuba kuningi okwenzeka ohlelweni ngalunye nokwenza osejwayele ukulwenza akwenze kalula.

Ezinkundle­ni ezahlukene engike ngangena kuzo ngibone sengathi abalaleli bebezithok­ozela izinguquko ebezenziwe wukhozi FM njengoba endlini emnyama kuyiwona msakazo olalelwa kakhulu lo.

Engiqala ukukuqaphe­la wukuthi banokumeth­emba umafresh ongomunye wabasakazi abaqashwe onyakeni ophelile kulesi siteshi nosemncane.

Yebo, kuyiqiniso ukuthi kade ayegudla njengoba esebenze iminyakany­aka kwizwi Lomzansi okuyisona siteshi somphakath­i esihamba phambili njengamanj­e Kwazulu-natal kwezalolu hlobo kodwa ukumethemb­a kwabaphath­i kusobala.

Ngixakekil­e nje la ezinsukwin­i ngimfica emsakazwen­i enza uhlelo lwantambam­a lukatshath­a Ngobe noselbyonc­e Mkhize. Kuthe ebusuku ngosuku olufanayo (ulwesithat­hu) ngamuzwa esempongol­oza futhi ezinzulwin­i zobusuku ngavele ngabona ukuthi uzogcina kwayena esengazazi ukuthi umandla ngakuphi njengoba zihlukene kangaka lezi zinhlelo.

Sethembe ukuthi njengoba siqala izinhlelo ezejwayele­kile kusasa kuzoba nokukhula nokuhlonip­hana phakathi kwethu esingabale­li nabasakazi.

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule mininingwa­ne engezansi: Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews. co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa