Ilanga Lempelasonto

Usjava uzishayela into yakhe yedwa

- SANDILE MAKHOBA

UTHI akancintis­ani namuntu emculweni umculi we- hip hop oshisa izikhotha, ujabulani “Sjava” Hadebe. Uthi umculo wakhe akawuboni ushona phansi uma abantu besawuthan­da ngoba yonke ingoma ayibhalayo ayifani nenye futhi usuke engabhalel­i ukuhlula umuntu othize.

“Ngingumbha­li womculo, into engiyibhal­ayo isuke isuka ngaphakath­i, angibhali ngoba kukhona ingoma engiyizwil­e noma ngifuna ukudlula enye yami,” kusho usjava.

Lokhu ukusho enkulumeni yakhe ekhethekil­e NELANGA Langesonto ngemuva kokuphuma kwe- album yakhe esihloko sithi “Umqhele”.

Le album kasjava iphume ekupheleni konyaka owedlule lapho amaciko amaningi ahlukene abese mjahweni wokuhlukan­isa unyaka. Usjava yena uthi ukhipha noma ngabe yinini. Uphinde wagxeka kakhulu labo abathi uyabalisa kakhulu ezingomeni zakhe.

“Abantu bakhuluma noma ngabe yini abayithand­ayo, njengo- ba bethi nginezingo­ma ezibalisa ngothando nje. Ziningi izingoma abazithand­ayo ezingabali­si kodwa bakhetha lezi ezizobenza bakhulume,” esho.

Uqhube wathi wonke umculo awubhalayo ukhuluma ngezinto ezahlukene.

“Izingoma engizibhal­ayo azikhulumi ngempilo yami kodwa zichaza ngezinto ezenzeka emhlabeni jikelele,” esho.

Phakathi kwezingoma azibalile wathi zisho okuhlukile ubale ethi umama, Amafu, ubaba, Kulo mhlaba nethi Hlasela. Uthi zonke lezi zingoma azikhulumi neze ngothando futhi azibalisi.

Usakhipha ngaphansi kwenkampan­i i-ambitiouz Entertainm­ent, okuyinkamp­ani eyaveza ithalente lakhe.

Phambilini kuke kwasabalal­a amahlebezi okuthi usjava uyayishiya le nkampani.

Ebuzwa ngala mahlebezi, uwachithil­e wathi usengaphan­si kwayo le nkampani.

Angibhali ngoba kukhona ingoma engiyizwil­e noma ngifuna ukudlula enye yami.

 ?? ISITHOMBE NGABE: AMBITIOUZ ?? USJAVA utshengisa ukuzethemb­a okukhulu ngomculo wakhe njengoba ethi akaqhudela­ni namuntu.
ISITHOMBE NGABE: AMBITIOUZ USJAVA utshengisa ukuzethemb­a okukhulu ngomculo wakhe njengoba ethi akaqhudela­ni namuntu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa