KAWUSOZE WABUYA UMGABABA
KUCACE bha ngosuku lukancibijane wanonyaka ukuthi ubudlelwano phakathi kukathokozani Zulu odume ngelikat'zozo emculweni notate Mchunu abebengabahleli bomgababa Beach Festival, kabusoze buphinde bulunge.
Lo mcimbi obudonsa izinkulungwane zabantu kuleli bhishi njalo mhla lulunye kumasingana (January), uphele kabuhlungu ngemuva kokuba laba bahleli bawo abebengamathe nolimi phambilini, sebeyinkukhu nempaka.
Phakathi kobekubangwa okubikiwe, yindlela yokusebenza, ubunikazi bemicimbi abebeyenza kanye nemali. Kubikwe ukuthi baze bafakana kubameli nokuholele ekumisweni kwenkampani yabo, ITZZ Productions ngasekupheleni kuka-2015.
Ngolwesibili mhla ka-1 kuleli sonto, bobabili bebenemicimbi khona eduze kwebhishi emgababa. Okatate ubusemgababa Beach Lounge, kanti ut'zozo ubeyingxenye yomcimbi obusemgababa Coastal Lounge okukholakala ukuthi ubuhlelwe nguyena ut'zozo, kodwa umnikazi wendawo (imgababa Coastal Lounge) umondli Makhathini uphikile ukuthi umcimbi bekungokat'zozo, wathi nguyena obeqashe ut'zozo.
Nangomhla ka-23 kuzibandlela (December), ut'zozo ubenze indumezulu kuyona le ndawo ebinenqwaba yabaculi. Ngawo ulwesibili kuzona zombili lezi zindawo, bekuboshelwe abaculi abagqamile abebenandisa kodwa kubukeke kuyicoastal Lounge okugcine kutheleke kuyona inqwaba yabantu.
Bobabili ut’zozo notate bakubeke kwacaca ukuthi ngeke baphinde basebenze ndawonye ukwenza umcimbi womhla ka-1 emgababa ngenxa yezimo abadlule kuzona.
Utate uthe okwakubahlanganisile wumcimbi wasolwandle ngaphansi kwetzz Productions eyagcina ikhishwa emabhukwini ezinkampani ezibhalisiwe kuleli ngenxa yengxabano yabo.
“Yingakho ngigcine ngiwuthuthela ebeach Lounge ukuze ngigcine umlando ngoba ngeke usenzeka ebhishi njengoba kwakhiwa nje.
"Anginankinga namuntu ofuna sisebenzisane kodwa ngeke kuthi kuyimi obevele enomcimbi mhla ka-1 bese ngiya kumondli ngiyothi masisebenzisane,” kusho utate esephendula nokuthi angasebenzisana nanomondli njengoba enendawo enkulu.
Ut'zozo ukubeke kwacaca ukuthi kabasoze babuyelane njengoba bobabili bavumelana ngokuba omunye adonse abheke le, nomunye abheke le.
“Nami nginqume ukuzenzela into yami kanti nawe uyazibonela nje ibhishi ngeke liphinde lisebenziseke ngenxa ye- pool abayakhayo. Nasemlazi zikhona izindawo ezakhelene njengomax Lifestyle naseyadini ngakho-ke okwenzeke mhla ka-1 kakukubi ngalutho,” kusho ut'zozo.
Umondli akathandanga ukuphawula kakhulu ngalaba ababili.
“Umcimbi wangomhla ka-1 bekungowami, ngamqasha ut'zozo, owakhe abeqashe kuwo indawo ubungomhla ka-23. Eyokuxabana kwabo angiyingeni. Sike saxoxa notate ngendaba yomhla ka-1, kodwa ngoba nami ngisebhizinisini bengingeke ngingenzi lutho endaweni yami. Ngizivulile kodwa izandla kunoma ngubani ofuna sisebenze,” kusho umondli.
zowakha@ilanganews.co.za