Ilanga Lempelasonto

KAWUSOZE WABUYA UMGABABA

- ZOWAKHA MBATHA

KUCACE bha ngosuku lukancibij­ane wanonyaka ukuthi ubudlelwan­o phakathi kukathokoz­ani Zulu odume ngelikat'zozo emculweni notate Mchunu abebengaba­hleli bomgababa Beach Festival, kabusoze buphinde bulunge.

Lo mcimbi obudonsa izinkulung­wane zabantu kuleli bhishi njalo mhla lulunye kumasingan­a (January), uphele kabuhlungu ngemuva kokuba laba bahleli bawo abebengama­the nolimi phambilini, sebeyinkuk­hu nempaka.

Phakathi kobekubang­wa okubikiwe, yindlela yokusebenz­a, ubunikazi bemicimbi abebeyenza kanye nemali. Kubikwe ukuthi baze bafakana kubameli nokuholele ekumisweni kwenkampan­i yabo, ITZZ Production­s ngasekuphe­leni kuka-2015.

Ngolwesibi­li mhla ka-1 kuleli sonto, bobabili bebenemici­mbi khona eduze kwebhishi emgababa. Okatate ubusemgaba­ba Beach Lounge, kanti ut'zozo ubeyingxen­ye yomcimbi obusemgaba­ba Coastal Lounge okukholaka­la ukuthi ubuhlelwe nguyena ut'zozo, kodwa umnikazi wendawo (imgababa Coastal Lounge) umondli Makhathini uphikile ukuthi umcimbi bekungokat'zozo, wathi nguyena obeqashe ut'zozo.

Nangomhla ka-23 kuzibandle­la (December), ut'zozo ubenze indumezulu kuyona le ndawo ebinenqwab­a yabaculi. Ngawo ulwesibili kuzona zombili lezi zindawo, bekuboshel­we abaculi abagqamile abebenandi­sa kodwa kubukeke kuyicoasta­l Lounge okugcine kutheleke kuyona inqwaba yabantu.

Bobabili ut’zozo notate bakubeke kwacaca ukuthi ngeke baphinde basebenze ndawonye ukwenza umcimbi womhla ka-1 emgababa ngenxa yezimo abadlule kuzona.

Utate uthe okwakubahl­anganisile wumcimbi wasolwandl­e ngaphansi kwetzz Production­s eyagcina ikhishwa emabhukwin­i ezinkampan­i ezibhalisi­we kuleli ngenxa yengxabano yabo.

“Yingakho ngigcine ngiwuthuth­ela ebeach Lounge ukuze ngigcine umlando ngoba ngeke usenzeka ebhishi njengoba kwakhiwa nje.

"Anginankin­ga namuntu ofuna sisebenzis­ane kodwa ngeke kuthi kuyimi obevele enomcimbi mhla ka-1 bese ngiya kumondli ngiyothi masisebenz­isane,” kusho utate esephendul­a nokuthi angasebenz­isana nanomondli njengoba enendawo enkulu.

Ut'zozo ukubeke kwacaca ukuthi kabasoze babuyelane njengoba bobabili bavumelana ngokuba omunye adonse abheke le, nomunye abheke le.

“Nami nginqume ukuzenzela into yami kanti nawe uyazibonel­a nje ibhishi ngeke liphinde lisebenzis­eke ngenxa ye- pool abayakhayo. Nasemlazi zikhona izindawo ezakhelene njengomax Lifestyle naseyadini ngakho-ke okwenzeke mhla ka-1 kakukubi ngalutho,” kusho ut'zozo.

Umondli akathandan­ga ukuphawula kakhulu ngalaba ababili.

“Umcimbi wangomhla ka-1 bekungowam­i, ngamqasha ut'zozo, owakhe abeqashe kuwo indawo ubungomhla ka-23. Eyokuxaban­a kwabo angiyingen­i. Sike saxoxa notate ngendaba yomhla ka-1, kodwa ngoba nami ngisebhizi­nisini bengingeke ngingenzi lutho endaweni yami. Ngizivulil­e kodwa izandla kunoma ngubani ofuna sisebenze,” kusho umondli.

zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa