Ilanga Lempelasonto

Anekelwe umhlaba amahlazo ka-r Kelly

Uzamile ukuyinqand­a i-docuseries eveza inkohlakal­o yakhe

- AYANDA BUTHELEZI

IZAMAZAMIS­E izinkundla zokuxhuman­a i- docuseries eneke obala amahlazo esihlabani esingumcul­i wer’nb waphesheya kwezilwand­le, urobert ‘R’ Kelly, okubalwa kuwona awokuhluku­meza ngokocansi inqwaba yabesifaza­ne namantomba­zane eminyakeni eyedlule.

Le docuseries ehlukanisw­e iziqephu ezintathu ebizwa ngokuthi yisurvivin­g R Kelly, ikhombisa abesifazan­e abangaphez­u kuka-50, okubalwa kubona nobeyinkos­ikazi yalesi sihlabani, u-andrea Kelly, nomculi oke wasebenzis­ana kakhulu naye ur Kelly, usparkle begonyuluk­a beze bechiphiza izinyembez­i bekhuluma ngokuhluku­mezeka kwabo nokuthi baphunyuka kanjani ogibeni lwe- sexual cult yalo mculi abambiza nge- pervert.

Kuthiwa eminye yale mikhuba wayiqala ngeminyaka yo-1970, eseyibhung­u. Yize kunemibiko ethi lo mculi oneminyaka engu-51, wodumo lwezingoma i"bump n Grind” nethi “I’m a Flirt” kwezinye, uye enkantolo ukunqanda ukusakazwa kwalolu hlelo, kodwa abesiteshi ilifetime, esizinze elos Angeles baqhubekil­e nokulusaka­za njengoba lukhonjisw­e okokuqala ngolwesihl­anu.

Isiqephu sokuqala sibe ngundabaml­onyeni kosaziwayo baphesheya kwezilwand­le phakathi kwabo okubalwa ujohn Legend nomlingisi ukelly Washington nomphakath­i imbala ikakhuluka­zi labo abebezifel­a ngephimbo elimtoti lalo mculi.

Ujohn Legend ubhale ekhasini lakhe letwitter encoma isibindi sikadream Hampton ongungqond­ongqondo walolu hlelo, wathi lesi yisikhathi sokuba sibezwe futhi sibeseke bonke abesifazan­e abagiliwe.

“Uyancomeka umsebenzi wakho futhi ngiyethemb­a ukuthi bazobuthol­a ubulungisw­a,” kusho ujohn Legend.

Omunye wesifazane okhulumile, uthe lo mculi umbaxambil­i wathi kukhona ur Kelly bese kuba khona urobert.

“UR Kelly unothando, uhlale ejabule futhi uyabathand­a kakhulu abantu, kanti urobert usathane uqobo lwakhe.”

Kuzokhumbu­leka ukuthi eminyakeni edlule lo mculi uke wabhekana namacala okubalwa kuwona angu-21 abandakany­a i- child pornograph­y nelokubanj­wa ezishutha i- video enza ucansi nengane. Isinqumo se- jury yangaleso sikhathi samthola engenacala.

Upearl Thusi ungomunye wosaziwayo baseningiz­imu Afrika abaphawuli­le ngalolu hlelo, wathi vele ubengasawu­laleli umculo kar Kelly futhi akanasizun­gu sawo. Uthe iyodwa indlela azokweseka ngayo laba abahlukume­zekile - ukuba aqinisekis­e ukuthi akayi-mbandakany­i indodakazi yakhe kunoma yini ephathelen­e negama likar Kelly. ayandab@ilanganews.co.za

 ??  ?? USEPHINDE wazifaka ehlazweni umculi waphesheya ur Kelly ngemuva kokuvela kwe-docuseries eveza uxhaxha lwabesifaz­ane abathi lo mculi ubebahluku­meza ngokocansi.
USEPHINDE wazifaka ehlazweni umculi waphesheya ur Kelly ngemuva kokuvela kwe-docuseries eveza uxhaxha lwabesifaz­ane abathi lo mculi ubebahluku­meza ngokocansi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa