EZAMAFILIMU:
BLINDSPOTTING UMQONDISI: Carlos Lopez Estrada ABADLALI ABAPHAMBILI: Daveed Diggs (Collin), Rafael Casal (Miles), Jasmine Cephas Jones (Ashley), Janina Gavankar
(Val), Ethan Embry (Officer Molina)
UHLOBO: Comedy/ Drama IMINYAKA: 16 D/L/P/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha ULIQINISO ukuthi indawo okhulela kuyo nabangani onabo kuba nomkhulu umthelela ezinqumeni ozithathayo empilweni yakho.
Ucollin usalelwe yizinsuku ezintathu nje kuphela ukuphothula isigwebo abelengiselwe sona, aqale kabusha impilo.
Unomngani umiles ogxajelwa yikhanda abakhule naye, nohlale edala uthuthuva e-oakland. Kusheshe kucace ukuthi uma ezimisele ukuphila impilo ehlanzekile, engezukumphindisela ejele kumele aqhele kuye, okuyinto engelula.
Bobabili basebenza ukuthutha izimpahla kanti lo onesigwebo kunesikhathi okumele simshayele esesendlini nsuku zonke nokwengeza ubunzima ebunganini babo.
Indaba yobuhlanga nokwehlu- kana kwamazinga empilo kulo mphakathi kwengeza ukulandeleka kwale ngqayi engene ngolwesihlanu e-cinema.
Ukubona kwakhe iphoyisa elimhlophe lidubula omnyama ngesikhathi emi erobhothini kumsondeza nomnyango wejele.
Noval obeyintombi yakhe phambilini umxwayisa njalo ngalo mngani ongukhandashisa oseze wathenga isibhamu ngoba ethi ufuna ukuzivikela, nagcina esisebenzisa emuva kwengxabano ephathini.
Khumbula-ke ukuthi lo mngani wakhe ungumlungu kanti yena mnyama. Kuthi ngelinye ilanga sebeqeda umsebenzi abone ukuthi lo muzi abebethutha kuwo impahla ngowaleliya phoyisa alibona lidubula omnyama bese kusuka isidumo futhi. Shona e-cinema, ngeke uzisole.
zowakha@ilanganews.co.za