Ilanga Lempelasonto

KNOWLEDGE SIMELANE

-

UMCULI : NOMFUNDO NDEBELE/ XULU

ISIHLOKO : MANEPHUNEP­HU UHLOBO LOMCULO : MASIKANDI UNYAKA : 2018 AMAPHUZU : 5/10

IPHIMBO ngelowesil­isa kepha i-albhamu yonke enezingoma eziyi-14 ilotshwe ukuthi kucula unomfundo. Zimnandi izingoma zonke, zithakiwe futhi zihlangani­swe kahle. Ingoma yokuqala isihloko sithi “umugabe”. Lapha kuculwa ngosibali okuthiwa babuyela ezimbabwe ngoba sekuphume esikhundle­ni umengameli Mugabe, izintombi zabo ziyakhala ziyafa yindlala. Iyatholaka­la ezitolo noma kushayelwe kule nombolo ethi: 079 650 0970.

UMCULI : IZINTOMBI ZASEMTUBA ISIHLOKO : IGAM”ELISHA UHLOBO LOMCULO : MASIKANDI UNYAKA : 2018 AMAPHUZU : 6/10

INAMANDLA le albhamu yezintombi zasemtuba, ikwenza ulokhu uyiphindap­hinda ngenxa yeziyalo okuculwa ngazo lapha.

Kukhona ingoma engeyesibi­li esihloko sithi “Makhelwane” lapho abaculi bekhuza izangoma ukuba zingaqhath­i omakhelwan­e ngokuba zilokhu zinuka bona njalo uma abantu bezogingqa idayisa (ukubhula). Uphrojusa wayo yinkalakat­ha kulolu hlobo lomculo usmilose-tshitshi Xulu. Iyatholaka­la ezitolo zomculo noma kushayelwe kule nombolo ethi: 082 360 0200.

UMCULI : AMABHEKESH­IYE ISIHLOKO : ICALA LENGOMA UHLOBO LOMCULO : MASIKANDI WALEMIHLA

UNYAKA : 2018 AMAPHUZU : 6/10

ZIYASHAYA lezi nsizwa, kuhle ukuba uphrojusa azame ukuba ngesinye isikhathi kushintshw­e abadlali bezinsimbi, nezinsimbi uqobo zixutshwe.

Umsebenzi kaphrojusa yiwo lowo, kumele akwazi ngisho ukusiza nomculi ohamba phambili ukuba angaculi ngokhiye owodwa, kwezinye kumele aphakamise noma ehlise iphimbo. Nokho imnandi yonke le albhamu, iphimbo lohamba phambili lingena khaxa ezinsimbin­i. Iyatholaka­la ezitolo noma kushayelwe kule nombolo ethi: 084 305 0913. knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa