Ilanga Lempelasonto

OWAMAGQUBU OWE-PMB UTD NE-ARROWS

- SENZO SOKHELA

ULALA obenyoni ufarook “Ntshebe” Kadodia oyisikhulu semaritzbu­rg United njengoba ekholwa wukuthi umdlalo womkhaya ozogijinyw­a ngezakhe nelamontvi­lle Golden

Arrows ungase ucacise izinto eziningi ngesimo sekilabhu yakhe.

Iteam of

Choice izobhekana nabafana Bes’thende koweAbsa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo15h30 esugar Ray Xulu Stadium, eclermont. Lo mdlalo uthathwa njengomkhu­lu Kwazulu-natal njengoba kunomoyana wokuthi ihlekisana ihlomile phakathi kwezikhulu zala makilabhu. Kuthiwa isisusa salokhu wokuthi imaritzbur­g ibizitshel­a ukuthi isimtholil­e usteve “Mphathi” Komphela ukuba azokuba ngumqeqesh­i wayo kodwa wavele waqoma i-arrows ngemizuzu yokugcina. Igcine isikhalela kumuhsin Ertugral osizwa ngumabhudi “Lion” Khenyeza oyeke ibhola ngeledlule esemabhukw­ini Amazulu FC.

Okwenza lo mdlalo ube nesasasa wukuthi laba baqeqeshi bake bawalolong­a la makilabhu phambilini ngokwahluk­ana kanti kuzobe kuwumdlalo wabo wokuqala beqhoqhobe­le izikhundla zabo ezintsha.

Ukadodia uthe ulala obenyoni uma ecabanga ngalo mdlalo we-arrows kwazise ezakhe zihaqwe yizinkinga. “Ubuthongo kangisabaz­i, kubuhlungu ukubona ikilabhu yami ilele emsileni we- log. Lesi yisimo esinzima, esingabeke­zeleki. "Siphinda sizobhekan­a ne-arrows esanda kusigila. Lezi zinto nje zizodwa ziyangihlu­kumeza emoyeni. Lo mdlalo ufana nowafa wafa kithina, kufanele siwunqobe kumnyama kubomvu ukuze sizame ukuxaxama kule ndawo esikuyona. “Ukuhlulwa kungasilim­aza emiqondwen­i, kuzokwenza izinto zibe nzima. Kodwa-ke ngethembil­e ngoba ithimba lethu labaqeqesh­i lenza kahle futhi nabadlali bakhombisa ukulithand­a. Okubi nje wukuthi singase siye kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali bethu abamqoka abanokuthi­nteka. “Unazeer Allie, ufortune Makaringe nomohau Mokate banokuthin­teka kanti urushine de Reuck yena udonsa isigwebo samakhadi.

Nokho sizobona ukuthi simisa kanjani ngoba ekugcineni kufanele senze ngakho konke okusemandl­eni ukuthi siyawunqob­a lo mdlalo,” kusho ukadodia.

Limubuza leli phephandab­a ukuthi ngabe kuyiqiniso kangakanan­i ukuthi bafuna undumiso Mabena ongumgadli webloemfon­tein Celtic, uthe: “Kuyiqiniso, yikhona nje ukuthi usanenkont­ileka neceltic. Kodwa-ke konke kuzocaca ngokuhamba kwesikhath­i ngoba sidinga abadlali abazofike balwele ikilabhu.”

Uthabo “Mfece” Molefe (23) odlala esiswini kwi-arrows, uthi ngeke bakuvumele ukuhlulwa emidlalwen­i emibili yomkhaya kulandelan­a.

“Ukuhlulwa kwethu ngamazulu kakuzange kwehle kahle ngakho-ke ngeke nje sivume ukuthi nemaritzbu­rg isehlule kuzofana nokuthi kasilutho emakilabhi­ni akulesi sifundazwe.

"Kulo mdlalo ngiyasaba kungase kudaleke umonakalo ngoba womabili amakilabhu awafuna ephelele la maphuzu.

“Imaritzbur­g ifuna ukusuka emsileni nathi sifuna ukusuka kule ndawo esikuyona ngoba kayiyinhle. Noma kanjani sizowunqob­a lo mdlalo lokho sizokulwel­a,” kusho umolefe okulindele­ke ukuba esiswini agadulisan­e kanzima nosiphesih­le “Mbesuma” Ndlovu ongesinye sezethenjw­a zeteam of Choice.

Uthi ukufika kukakomphe­la kwenze wonke umuntu wavuka emaqandeni. Uthi ufike nolukhulu ushintsho ngakho-ke bazimisele ngokumnqob­ela umdlalo wakhe wokuqala engumqeqes­hi we-arrows.

Komunye umdlalo we-absa Premiershi­p, ibaroka FC izobhekana neblack Leopards namuhla ngesonto ngo-15h30 epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

 ??  ?? SIPHESIHLE Ndlovu
SIPHESIHLE Ndlovu
 ??  ?? THABO Molefe
THABO Molefe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa