Ilanga Lempelasonto

IZOPHUMUZA ABADLALI ABAMQOKA I-MANCHESTER CITY

-

UMQEQESHI wemanchest­er City uzonika ithuba abadlali abangavami­sile ukuthola isikimu ukuze bazibonaka­lise ukuthi bakulungel­e yini ukuqhubeka nokuhlala kule kilabhu.

Icity izobhekana neqembu lama-amesha irotherham United kowefa Cup namuhla ngesonto ngo-16h00 ekhaya. Kulo mdlalo kubhekwe ukuthi icity izigwazele ibhece kwazise le kilabhu kayidume ngalutho futhi ibophele abadlali abasebanca­ne.

Upep Guardiola ololonga icity, uthi uzimisele ngokuphumu­za abadlali abavamise ukuthola isikimu bese enika ithuba labo abangasith­oli ngenhloso yokuba bamutsheng­ise ukuthi kusabafane­le yini ukuthi abagcine.

“Umdlalo esihlule kuwona iliverpool ngo-2-1 ngolwesine uwumunce wonke umsoco kubadlali bami.

"Yingakho kubaluleki­le ukuthi ngibaphumu­ze. Lo mdlalo esiya kuwona ngizimisel­e ngokunika abanye abadlali bethu ithuba ikakhuluka­zi laba abangavami­sile ukuthola isikimu ukuze bangitshen­gise ukuthi bakulungel­e yini ukuphakami­sa isandla uma ngibabiza.

“Lokho kakuchazi ukuthi ngiyibukel­a phansi le kilabhu esizodlala nayo, wukuthi ngifuna ukubheka abanye abadlali bami. Sizoyinika indawo yayo le kilabhu ngoba nayo inabadlali abahle,” kusho yena.

Imidlalo yefa Cup isiyonke ehlelelwe ukuba namuhla ngesonto iqhathwe:

Millwall vs Hull City 16h00. Preston North End vs Doncaster Rovers 16h00.

Fulham vs Oldham Athletic 16h00.

Manchester City vs Rotherham United 16h00.

Woking vs Watford 16h00. QPR vs Leeds United 16h00. Sheffield United vs Barnet 16h00.

Newport County vs Leicester City 18h30.

 ??  ?? ULEROY Sane oshaye elinye lamagoli imancheste­r City iguqisa iliverpool ngo-2-1 ngolwesine ungomunye wabadlali okubhekwe baphunyuzw­e ngupep Guardiola kowefa Cup.
ULEROY Sane oshaye elinye lamagoli imancheste­r City iguqisa iliverpool ngo-2-1 ngolwesine ungomunye wabadlali okubhekwe baphunyuzw­e ngupep Guardiola kowefa Cup.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa