Ilanga Lempelasonto

Akazixaki ngama-new Year Resolution­s ulerato

- ISITHOMBE: PICDEER.COM

ULERATO Kganyago uthi akazixaki neze ngendaba yama-new Year’s Resolution­s okuyinto abantu abaningi abazixaka ngayo uma kuqala unyaka. Kunalokho uthi uzoqhubeka lapho egcine khona ngokuseben­za kanzima.

UGCINE ufikile u-2019 obubhekwe ngabomvu! Lo nyaka abanye bawubiza ngonyaka wabo, bakholwa wukuthi bazokwenza izinto zenzeka kanti kwabanye wunyaka nje ofana neminye.

Uma uqala unyaka abaningi benza izibopho ezithile ngezinto abafuna ukuzenza nokuzifeza onyakeni omusha.

Lona wumkhuba ojwayeleke kubo bonke abantu, kusukela kwabasemaz­ingeni aphansi kuya kosaziwayo nakosopoli­tiki.

ILANGA Langesonto likhulume nabanye bosaziwayo ukuthola ukuthi yikuphi abazimisel­e ngakho kulo nyaka.

LERATO KGANYAGO

Isiphalaph­ala esaziwa kakhulu esiteshini somsakazo imetro FM nasekwethu­leni izinhlelo zikamabona­kude, ulerato Kganyago, sithi kasizi hluphi nakancane ngokwenza amanew Year’s Resolution­s.

“Angikholel­wa nakancane kuwona, kunalokho unyaka ngiwamukel­a unjengoba unjalo bese ngisebenza kanzima. Kulo nyaka ngihlose ukugxila kwengikade ngikwenza, umehluko wukuthi ngizonyusa amasokisi kuphela,” echaza. Uthi unyaka owedlule ubumuhle kakhulu.

“Kakukho engifisa ukukushiya emuva, ngicabanga ukuthi okwenzekil­e ku2018 bekumele kwenzeke, bekuyingxe­nye yezifundo zempilo,” kusho yena.

SJAVA

Usjava ohlabane ngebet Award ngonyaka odlule futhi osanda kukhipha i- album yakhe ethi ‘umqhele’, uthi akakholelw­a kumanew Year’s Resolution­s. “Anginawo nhlobo, ngiyaziphi­lela nje kuphela, kumina kusuke kuqhubeka impilo. Engizogxil­a kukhona kulo nyaka wukwenza amashow ami lapho ngizobe ngicula khona ngedwa, abantu bahlale phansi ngibaphe ukudla kwendlebe.

Ngizophind­e ngibe matasa nembongi, unue_sam, siphezu kwe- album yakhe,” kuchaza yena.

LINDA SEBEZO

Ulinda Sebezo, ongumlingi­si kwisibaya, oke wanyakazis­a abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a noben 10 wakhe, uthi unyaka owedlule ubumuhle kakhulu kuye.

“Ngithenge isithabath­aba somuzi ngonovembe­r. Bekuyisiph­o engizipha sona ngoba bengizalwa. Kulo nyaka ngizogxila kakhulu kuwona.

“Ngaphandle kwalokho ngizoqinis­a kakhulu ekuzinakek­eleni ngokuzivoc­avoca, nginyuse nezinga lomsebenzi wami. Engifisa ukukushiya ngabangani ababi - ngifuna ukuhamba nabantu abazaziyo ukuthi bayaphi,” kuphetha yena.

KHAYA DLADLA

Intandokaz­i yababukeli bomdlalo uzalo, ukhaya Dladla owaziwa ngelikagc uthi into ayenzayo unyaka nonyaka wukusebenz­a kanzima nangokuzik­handla.

“Ngizogxila enkampanin­i yami njengoba ikhula nasemculwe­ni osekunesik­hathi ulindelwe. Ngizobe ngidedela amasingle. Engifisa ukuqhelela­na nakho abantu abangafuni ukuya phambili, abanomoya omubi namaxoki. Ngiyaseben­za kuphela.”

BERITA

U-berita, ongumculi we-afro pop, osanda kubuya emzungezwe­ni wamazwe ase-afrika, uthi: “Unyaka ka-2018 ubumuhle kakhulu, ngivule inkampani yami, ngazimela. Njengomunt­u wesifazane omnyama okule ndima ngijabule kakhulu ngendlela izinto eziqhubeka ngayo.

Kulo nyaka ngifisa ukukhipha i-album. Ngifunde nokubalule­ka komndeni, ngizochith­a isikhathi esiningi nogogo wami osemdala ngimenzela konke okuhle,” kusho uberita.

Engifisa ukukushiya ngabangani ababi - ngifuna ukuhamba nabantu abazaziyo ukuthi bayaphi.

 ??  ??
 ??  ?? SJAVA LERATO KGANYAGO BERITA LINDA SEBEZO KHAYA DLADLA
SJAVA LERATO KGANYAGO BERITA LINDA SEBEZO KHAYA DLADLA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa