Akazixaki ngama-new Year Resolutions ulerato
ULERATO Kganyago uthi akazixaki neze ngendaba yama-new Year’s Resolutions okuyinto abantu abaningi abazixaka ngayo uma kuqala unyaka. Kunalokho uthi uzoqhubeka lapho egcine khona ngokusebenza kanzima.
UGCINE ufikile u-2019 obubhekwe ngabomvu! Lo nyaka abanye bawubiza ngonyaka wabo, bakholwa wukuthi bazokwenza izinto zenzeka kanti kwabanye wunyaka nje ofana neminye.
Uma uqala unyaka abaningi benza izibopho ezithile ngezinto abafuna ukuzenza nokuzifeza onyakeni omusha.
Lona wumkhuba ojwayeleke kubo bonke abantu, kusukela kwabasemazingeni aphansi kuya kosaziwayo nakosopolitiki.
ILANGA Langesonto likhulume nabanye bosaziwayo ukuthola ukuthi yikuphi abazimisele ngakho kulo nyaka.
LERATO KGANYAGO
Isiphalaphala esaziwa kakhulu esiteshini somsakazo imetro FM nasekwethuleni izinhlelo zikamabonakude, ulerato Kganyago, sithi kasizi hluphi nakancane ngokwenza amanew Year’s Resolutions.
“Angikholelwa nakancane kuwona, kunalokho unyaka ngiwamukela unjengoba unjalo bese ngisebenza kanzima. Kulo nyaka ngihlose ukugxila kwengikade ngikwenza, umehluko wukuthi ngizonyusa amasokisi kuphela,” echaza. Uthi unyaka owedlule ubumuhle kakhulu.
“Kakukho engifisa ukukushiya emuva, ngicabanga ukuthi okwenzekile ku2018 bekumele kwenzeke, bekuyingxenye yezifundo zempilo,” kusho yena.
SJAVA
Usjava ohlabane ngebet Award ngonyaka odlule futhi osanda kukhipha i- album yakhe ethi ‘umqhele’, uthi akakholelwa kumanew Year’s Resolutions. “Anginawo nhlobo, ngiyaziphilela nje kuphela, kumina kusuke kuqhubeka impilo. Engizogxila kukhona kulo nyaka wukwenza amashow ami lapho ngizobe ngicula khona ngedwa, abantu bahlale phansi ngibaphe ukudla kwendlebe.
Ngizophinde ngibe matasa nembongi, unue_sam, siphezu kwe- album yakhe,” kuchaza yena.
LINDA SEBEZO
Ulinda Sebezo, ongumlingisi kwisibaya, oke wanyakazisa abantu ezinkundleni zokuxhumana noben 10 wakhe, uthi unyaka owedlule ubumuhle kakhulu kuye.
“Ngithenge isithabathaba somuzi ngonovember. Bekuyisipho engizipha sona ngoba bengizalwa. Kulo nyaka ngizogxila kakhulu kuwona.
“Ngaphandle kwalokho ngizoqinisa kakhulu ekuzinakekeleni ngokuzivocavoca, nginyuse nezinga lomsebenzi wami. Engifisa ukukushiya ngabangani ababi - ngifuna ukuhamba nabantu abazaziyo ukuthi bayaphi,” kuphetha yena.
KHAYA DLADLA
Intandokazi yababukeli bomdlalo uzalo, ukhaya Dladla owaziwa ngelikagc uthi into ayenzayo unyaka nonyaka wukusebenza kanzima nangokuzikhandla.
“Ngizogxila enkampanini yami njengoba ikhula nasemculweni osekunesikhathi ulindelwe. Ngizobe ngidedela amasingle. Engifisa ukuqhelelana nakho abantu abangafuni ukuya phambili, abanomoya omubi namaxoki. Ngiyasebenza kuphela.”
BERITA
U-berita, ongumculi we-afro pop, osanda kubuya emzungezweni wamazwe ase-afrika, uthi: “Unyaka ka-2018 ubumuhle kakhulu, ngivule inkampani yami, ngazimela. Njengomuntu wesifazane omnyama okule ndima ngijabule kakhulu ngendlela izinto eziqhubeka ngayo.
Kulo nyaka ngifisa ukukhipha i-album. Ngifunde nokubaluleka komndeni, ngizochitha isikhathi esiningi nogogo wami osemdala ngimenzela konke okuhle,” kusho uberita.
Engifisa ukukushiya ngabangani ababi - ngifuna ukuhamba nabantu abazaziyo ukuthi bayaphi.