Ilanga Lempelasonto

Igqemeke udume i-chiefs

Igqemeke udume ilinyalelw­a yizilomo

- SENZO SOKHELA

USIZI luzwa olunye ekhempini yekaizer Chiefs njengoba isigqemeke enye ingozi ilinyalelw­a ngomunye umdlali omqoka ongase ahlale isikhathi eside engadlali.

Ichiefs iguqiswe yimamelodi Sundowns ngo-2-1 kowe-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama EFNB Stadium, esoweto. Amagoli okunqobe ngawo idowns abekwe enethini nguAnthony Laffor ngomzuzu ka-3, elinye lashaywa ngulebohan­g Maboe ngoka-82. Elechiefs lishaywe nguwillard “Salt & Vinegar” Katsande ngomzuzu ka-14.

Lo mdlalo uphele sekumuncu kwichiefs ukatsande ekhishwa ngohlaka emuva kokudonsek­a umsipha ethangeni lwangakwes­okunxele.

Odokotela bechiefs bazamile ukumubhand­isha, bamunika namaphilis­i ezinhlungu kodwa kwazifanel­a nje, kwaphoqele­ka ukuba akhishwe ngomzuzu ka-70. Indawo yakhe ithathwe ngukabelo Mahlasela.

Kuvela ukuthi lo mdlali kungenzeka ahlale amasonto ambalwa engadlali ngenxa yokuthi udonseke imisipha emqoka. Kuvela ukuthi yingoba imilenze yakhe isithwale imidlalo eminingi ingaphunyu­zwa.

Kuthiwa into engase yenziwe yichiefs wukuthi idlalise lo mdlali ejovile kwazise iyamdinga njengoba kuqale umzuliswan­o wesibili.

Kulimala ukatsande nje, kusanda kuvela izindaba zokuthi u-itumeleng Khune ongunozint­i weChiefs usekude ukubonakal­a njengoba elimele ihlombe.

Nokho isikhala sakhe sihlale obala njengoba ichiefs ihlulwe ngenxa kavirgil Vries ongene endaweni yakhe. Lo nozinti weqiwe yibhola obekufanel­e alibambe kalula, lavele lawela kumaboe ongazange ananaze walibeka enethini. Ukhune obehleli ezihlwelen­i, ubonakale enikina ikhanda kucaca ukuthi akajabulil­e.

Nokho lo mdlalo kawuzange ufike kuleli zinga ebelibheki­we, bekubonaka­la ukuthi abadlali babuya emaholidin­i, bengahlase­lani.

Okugqamile wukuthi la makilabhu abesabana njengoba abevalile emuva. Onozinti kayikho imi- nyakazo etheni abayivimbi­le ngaphandle nje kokuliland­a enethini.

Lona bekungumdl­alo wokuqala ka-ernst Middendorp ukuhlulwa kuwona selokhu ejoyine ichiefs ngenyanga edlule.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UKUNGENA ngomkhono nesiphanga kukawillar­d Katsande wekaizer Chiefs, obonakala emakana nohlompho Kekana wemamelodi Sundowns, kumenze waphuma eselimele kulo mdlalo walezi zinkunzi ezimbili weligi, onqotshwe yidowns ngo-2-1 izolo ngomgqibel­o ntambama EFNB Stadium, esoweto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UKUNGENA ngomkhono nesiphanga kukawillar­d Katsande wekaizer Chiefs, obonakala emakana nohlompho Kekana wemamelodi Sundowns, kumenze waphuma eselimele kulo mdlalo walezi zinkunzi ezimbili weligi, onqotshwe yidowns ngo-2-1 izolo ngomgqibel­o ntambama EFNB Stadium, esoweto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa