Ilanga Lempelasonto

UYABHIDLIK­A UMSHADO WAKHE NGENXA "YOKUXHOPHE­KA"

- AYANDA BUTHELEZI ayandab@ilanganews.co.za

USENGCUPHE­NI umshado wombhali wezincwadi ophinde adume ngezinkulu­mo ezakhayo, udkt David Molapo ( osesithomb­eni) nenkosikaz­i yakhe, udkt Mamikie Molapo, naye okulo mkhakha.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi umshado wabo uyabhidlik­a ngenxa yomjolo womyeni neshende lowesifaza­ne ongumculi we- gospel, leli phephandab­a elinalo igama lakhe.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a ngomthombo, udaba lwalaba bashadikaz­i lusenkanto­lo yesehlukan­iso, lapho inkosikazi isifake khona isi- celo sesehlukan­iso. Umthombo uthi sekunesikh­athi eside lo mculi (32) ongowokuda­buka ecofimvaba, e-eastern Cape, ejola udede nodkt Molapo. Isikhathi esiningi kuthiwa bese besichitha ndawonye bepepenyek­a emahhotela, baphinde bavakashel­e naphesheya kwezilwand­le.

Kuthiwa sebehlale bebonakala ndawonye ezindaweni lapho udkt Molapo esuke emenywe khona njengesikh­ulumi esiqavile. Lo mculi kuthiwa ubesondele­ne nomndeni wakwamolap­o kangangoba wacula nasemngcwa­beni kanina wenkosikaz­i ngo-2017.

Lo mthombo uphinde waveza ukuthi kusanda kutholakal­a nokuthi udkt Molapo usebenzise imali yenhlangan­o yabo engenzi inzuzo, i-i Can Foundation ukukhokhel­a imoto nendlu lo mculi ahlala kuyona e-oakdene, egoli.

Ngesikhath­i izwa lezi zindaba inkosikazi, kuthiwa igasele lapho kuhlala khona lo mculi engazelele, okuholele ekubeni (lo mculi) acele incwadi yesivikelo enkantolo ngoba ezibona engasaphep­hile.

Kule ncwadi esayinwe ngomfumfu (October) wonyaka odlule, leli phephandab­a eliyibonil­e ikhophi yayo, lo mculi ubalule ukuthi ucela ukuvikelwa kumsolwa ukuba angamlande­li, angamesabi­si futhi angakhulum­i amazwi alumelayo kuyena.

Ethintwa YILANGA Langesonto udkt Molapo, ukuvumile ukubheda kwezinto emshadweni wakhe, wagonyuluk­a nangobudle­lwano bakhe nalo mculi. “Ngiyavuma ukuthi emshadweni wami weminyaka engaphezu kwengu-20 nenkosikaz­i yami, ngixhophek­ile. U....(egagula lo mculi ngegama) ungomunye wabaculi engisebenz­isana nabo. Ngenxa yokuthi umsebenzi wethu uhlangani- sa ukuhamba izindawo kakhulu, sigcine sesisondel­ene naye ngaze ngagcina sengixhoph­ekile. Ngiyazisol­a kakhulu ngokwenzek­ile futhi ngiyavuma ukuthi ngonile, ngawuphoxa nomndeni wami,” kusho yena.

Uyavuma ukuthi inkosikazi yakhe igasele nasendawen­i yalo mculi. Ukuvumile ukuthi kunamaphep­ha asenkantol­o esicelo sesehlukan­iso kodwa anqabile ukuwasayin­a ngenxa yokuthi usazimisel­e ngokulwela umshado wabo.

“Ngolwezi (November) silungisel­ela iglobal Citizen Festival, kuthe sehla endizeni nezinye izicukuthw­ane ebeziyingx­enye yayo, ngabingele­lwa ngamadoda abehambisa­na nenkosikaz­i yami bezonginik­a amaphepha esehlukani­so esidlangal­eni. Angiwasayi­nanga ngoba ngisenethe­mba lokuthi sisazolulu­ngisa udaba,” kusho yena.

Uthi ngenxa yalezi zingqinamb­a asabhekene nazo, usenqume ukumisa zonke izinhlelo abenazo kulo nyaka eziphathel­ene nonkulunku­lu obekudinga ukuba abe yingxenye yazo, ukuze alungise isimo somndeni wakhe.

“Okwamanje ngizogxila ezintweni ezidinga ibhizinisi kuphela. Akusizi ukuba ngiyokhuth­aza abantu ngokwezwi kodwa kube kubheda ngakimina.

"Udaba lwami ngilubikil­e nakubefund­isi ngoba angizimise­le ukuphila impilo efihliwe. Ukona kwami kulungile kuphumele obala, ngisivume isono sami ukuze wonke umuntu othintekay­o ezolapheka,” kusho udkt Molapo.

Mayelana nobudlelwa­no phakathi kwakhe nalo mculi, uthe yize ezisola ngesenzo sakhe, kodwa kunzima ukuthatha isinqumo, kwazise kunenkonti­leka yeminyaka emithathu yokusebenz­isana abayisayin­ile.

Ukuphikile ukuthi usehambe ehlala emahhotela emuva kokuba inkosikazi yakhe imxoshile emzini wabo osefourway­s, egoli, lapho behlala khona nendodana yabo esanda kubuya phesheya kwezilwand­le.

Uthe usahlala khona kodwa ngenxa yokuba matasa ngokomsebe­nzi, kuyamphoqa ukuba abe semahhotel­a.

Imizamo yokuthola inkosikazi yakhe ayiphumele­langa. Ucingo belubanjwa yindodakaz­i yabo ithi unina ngeke akwazi ukukhuluma nalo. Ethintwa lo mculi, uthe ayikho into azoyikhulu­ma, wathi yonke imibuzo mayithunye­lwe kummeli wakhe angathanda­nga ukudalula imininingw­ane yakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa