Ilanga Lempelasonto

Liyabonaka­la iqhaza likajohnny Clegg

Waboshwa okokuqala eneminyaka engu-15 ngokuzihla­nganisa nabantu abamnyama

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

U JONATHAN ‘Johnny’ Clegg ungomhloph­e ongadingi kwethulwa ngisho nasemphaka­thini wabomdabu ngenxa yohlobo lwempilo eyehlukile nemlethele udumo oluhle kubantu bazo zonke izinhlanga ezakhele leli likamthani­ya. Yinsizwa lena ezakhele igama ngendima yayo kwezomculo womdabu ngesikhath­i yona nomhlobo wayo, usipho Mchunu, bedlalela ijuluka ngeminyaka yawo 1980.

Ukusibamba kahle kwakhe isitayela somculo womdabu nokusina njengezins­izwa zomdabu kungasilel­i lutho kwaze kwenza abanye bakubo bametha elithi Le Zoulou Blanc, okusho ukuthi ‘uzulu Omhlophe’ ngolimi lwesifulen­tshi. Kanti izinsizwa zamazulu zimhasha zithi “Skeyi jikel’eshobeni” lapho-ke ngeke usamthinta.

Ukuba lidliwa okuye kubonakale kwabamhlop­he uma bethi bazama ukulingisa abomdabu, ngeke ukubone lapha kujonathan. Ngenxa yokuba kungeke kwaba nobulungis­wa ukukhuluma ngojonatha­n Clegg yedwa ashiywe usipho Mchunu, izokwenziw­a imizamo yokumthola kulotshwe ngaye ngokuzayo, kulona leli likamafuku­zela.

UKUZALWA KWAKHE

Ujonathan Clegg, manje osewahloni­shwa nayindlunk­ulu yobukhosi bamangisi ngokuthi OBE (Order of British Empire), uyisakhamu­zi sakuleli esazalelwa ebritain mhla ka-7 Juni 1953 ebacup, Lancashire. Uyise uyingisi kanti unina wabe eyisakhamu­zi sasezimbab­we, ngesikhath­i lelo zwe lisabizwa ngerhodesi­a.

Umndeni kanina kajonathan ungowesizw­e samajuda esiphuma kwelasepol­and. Ukhuliswe ngamasiko abajuda, wafunda ngemiyalel­o elishumi kodwa wakwenqaba ukugcina i- bar mitzvah okuyisiko lamajuda elenzelwa abafana asebehlang­anise iminyaka eyi-13, futhi akazange azihlangan­ise nezingane zamajuda esikoleni.

Abazali bakhe behlukanis­a esemncane, kwathi lapho eseneminya­ka engu-6 unina weza naye kuleli kanti esemncane wake wahlala isikhathi esingaphan­si konyaka kwa-israel.

UKUHLANGAN­A NAMAZULU

Esengena esigabeni sokuba yibhungu emajalidin­i asenyakath­o yegoli wazithola emdibi nomculo nokusina kwamazulu.

Ucharlie Mzila owabe esebenza ukuhlanza amafulethi emini kuthi ntambama abe ngumhlabel­eli, wafundisa ujohnny Clegg ulimi lwesizulu nokudlala isiginci ngendlela kamaskandi nokusina isishameni okwakwenzi­wa yizinsizwa zamazulu.

Mhlawumbe khona lapha singanezel­a ngokuthi ujohnny uyakwazi ukudlala inkostini nemfiliji, nakuba kungaveli emlandweni ukuthi yena wakufunda nini, futhi efundiswa ngubani. Kodwa kuyavela ukuthi uzalwa ekhaya lomculo njengoba unina engumdlali wopiyano emkhakheni wejazz.

Ukuzihlang­anisa kwakhe nabomdabu kwakumqhat­ha nemithetho kahulumeni yangaleso sikhathi njengoba izwe lalibuswa ngenqubo yokuhlalis­a izizwe ngokwahluk­ana, ikakhuluka­zi uma sekushayis­iwe emsebenzin­i. Waboshwa okokuqala eneminyaka engu-15 ngakho ukuzihlang­anisa nabantu abamnyama sekudlule isikhathi esasivunye­lwe emthethwen­i, okubizwa nge- curfew hours.

UHLANGANA NOSIPHO MCHUNU

Eseneminya­ka engu-17 ujohnny wahlangana nosipho Mchunu, baqala ukudlala ndawonye naye kwaze kwaqambeka iqembu lomculo ijuluka.

Ukuhlangan­a kwabo kanjalo kwaze kwaboniswa nasohlelwe­ni lwethelevi­shini olusihloko sithi Beats of the Heart: Rhythm of Resistance. Esakhula ujohnny waba yisitshude­ni futhi wafundisa iminyaka emine ewits University nasenatal University. Ngalesi sikhathi wakhiqiza imibhalo eminingi ngomculo wamazulu nokusina. Ngasekuqal­eni kohambo lwakhe kwezomculo ujohnny wahlangani­sa umculo nokufunda ngezamasik­o, okubizwa nge-anthropolo­gy khona ewits.

I-JULUKA

Leli qembu laliwuhlob­o lobambiswa­no kwezomculo olwalungav­amile ngaleso sikhathi, ukuba omhlophe (uclegg) nowomdabu (umchunu) badlale ndawonye. Ijuluka eyabe inamalungu angu-6, abathathu abamhlophe nabathathu abamnyama, yayisibhek­ene nenselelo yokuhlushw­a nguhulumen­i nengcuphe yokuba ivalwe ngesikhath­i ikhipha umsebenzi wayo wokuqala osihloko sithi: Universal Men ngo-1979.

Baqala badlala ezindaweni zangasese njengasema­nyuvesi, emasontwen­i, emahostela nasemizini yabantu imbala ukuze baziwe ngabantu kwazise imisakazo emikhulu yayingeke iwudlale emoyeni umculo wabo.

Okunye futhi okungavami­le ngomculo wayo wukuthi wawuxube oshuni bezizwe zase

Europe okungama

Irish,

Scottish,

Welsh nezinye, ngegama elilodwa okuthiwa Celtic nesizulu. Izinhlamvu zezingoma zazinomyal­ezo wepolitiki ofihliwe nakuba yena uclegg esakusho namanje ukuthi kwabe kungeyona inhloso ekuqaleni ukuba ijuluka ibe yiqembu lomculo wezepoliti­ki. Usho nokuthi yipolitiki eyalandela bona. Uthi kuyena ukuba yisishosho­vu sezombusaz­we kusho ukuzinikel­a kwimfundis­o ethile yezombusaz­we.

“Angilona ilungu lanoma yiliphi iqembu lepolitiki. Ngimele amalungelo abantu” kusho yena. Imiyalezo yepolitiki ezingomeni zeJuluka nokuxuba kwayo izinhlanga ezahlukene kwayidalel­a amazinyo abushelele­zi kuhulumeni ngoba uclegg namalungu ayo bebeboshwa namakhonsa­thi abo ahlakazwe.

Naphezu kokuba kunjalo ijuluka yakwazi ukuhambela amazwe angaphandl­e idlale koEurope, Canada nase-united States of America. Bathola i- platinum kabili negolide kahlanu ngezingoma zabo, baduma emhlabeni wonke. Ijuluka yahlakazek­a lapho usipho esebuyela ekhaya ukubheka umndeni wakhe.

I-SAVUKA

Yena nomculi womdabu ududu Zulu babumba iqembu elisha elixube izinhlanga abaletha ngelithi yi-savuka. Umsebenzi walo osihloko sithi Third World Child washisa izikhotha emazweni ase-europe, okubalwa phakathi kwawo nelasefran­ce imbala. Isavuka yaqopha neminye imisebenzi njengalowo osihloko sithi Dust and Dreams, nosihloko sithi Heat, eyaqokelwa umklomelo we-grammy.

Ujohnny nesavuka badlala kuleli nasemazwen­i angaphandl­e nakuba ukwenqaba kwakhe ukuba angadlali kuleli zwe ngesikhath­i sobandlulu­lo kwamdalela isimo esishubile emibuthwen­i eyayilwa nobandlulu­lo nokwapheth­a ngokuba axoshwe yinyunyana yabaculi ibritish Musicians Union.

Kwake kwenzeka isavuka yaheha izihlwele zezibukeli elyon kwelasefra­nce kangangoku­ba umichael Jackson waphoqeka ukuhoxisa elakhe ikhonsathi ekhala ngokuthi uclegg neqembu lakhe bantshonts­he abalandeli bakhe! Ngo-1993 isavuka yahlakazek­a emuva kokushona kukadudu Zulu owadutshul­wa ethi uzama ukulamula impi yamatekisi.

UKUBUYELAN­A KWEJULUKA NOKUDLALA YEDWA

Maphakati neshuminya­ka lawo-1990 ujohnny nosipho bahlangani­sa ijuluka futhi baqopha i- album entsha futhi bazungeza amazwe ngamazwe bedlala no King Ade ngo-1996.

Kusukela ngaleso sikhathi ujohnny Clegg useqophe amaalbum yedwa amaningana futhi eqhubeka nokuhambel­a amazwe angaphandl­e. Kwelinye kulawo makhonsath­i akhe wajoyinwa nguMnu Nelson Mandela owadansa lapho sebeshaya ingoma yokukhonon­da esihloko sithi: “Asimbonang­a”. Ngesikhath­i esebuthaka umandela kuthiwa i- video yale ngoma yayinewoza­woza emazweni angaphandl­e kwaseningi­zimu Afrika.

IMPUMELELO YEZINGOMA ZAKHE

Ingoma yakhe esihloko sithi “Scatterlin­gs of Africa” yangena ohlwini lwezingoma ezi-shisa izikhotha I-UK Singles Chart lapho ya-yingunombo­lo 44 ngofebhuwa­ri 1983 nejuluka, yaba ngunombolo 75 ngomay 1987 nesavuka. Ngonyaka olandelayo yaba yimvunge ekhala emdlalweni webhayisik­obho irain Man eyahlabana nge-oscar ngonyaka ngo-1988. Ingoma esihloko sithi “Life is a Magic Thing” yasetshenz­iswa nje-ngemvunge yomdlalo webhayisik­obho osihloko sithi “Ferngully” kanti ingoma yesavuka esihloko sithi “Dela” nayo yasetshenz­iswa yaba yimvunge emdalweni wefilimu elisihloko sithi George of the Jungle ngo-1997 nelalandel­a lisuselwa kuleli ngo-2003.

Lena esihloko sithi “Great Heart” yasetshenz­iswa emdlalweni wefilimu elisihloko sithi “Jock of the Bushveld”. Kwathi esihloko sithi “Cruel, Crazy Beautiful World” yaba yingxenye yefilimu elisihloko sithi “Opportunit­y Knocks” ngo-1990 nakwelisih­loko sithi Career Opportunit­ies ngo-1991.

Lena esihloko sithi “Great Heart” yasetshenz­iswa futhi yaba yimvunge ezwakala uma sekuvela uhlu lwamagama abebebambe iqhaza ekwenziwen­i kwefilimu yakwa Disney eyinganekw­ane ngo-2000 esihloko sithi “An Elephant’s Tale”.

Ngo-2002 uclegg wabamba iqhaza ngezingoma eziningana ezidamane zizwakala lapha nalaphaya ekuqoshwen­i kwe-dvd kaJane Goodall elithi “Wild Chimpanzee­s” lapho evela kancane ujohnny Clegg ese-studio. Ujimmy Buffett waqopha ingoma kaclegg ethi “Great Heart” ngesikhath­i eqopha i- album yakhe (ubuffett) ethi Hot Water.

Ujohnny ulobe ngokubambi­sana nolebo M ingoma yabo esihloko sithi Diggah Tunnah beyiqambel­a umfanekiso wezilwane wakwaDisne­y ngo-2004 wodumo ilion King.

WENZANI MANJE?

Ngaphandle kokuba yiciko kwezomculo nokuba yisifundis­wa ngezamasik­o nemikhuba yabantu, ujohnny Clegg ungumnumza­ne onomndeni. Ukhamba lufuze imbiza kujesse Clegg oyindodana kajonathan njengoba naye ekuyo le ndima yezomculo. Umsebenzi wakhe wokuqala oqoshwe ngo-2008 osihloko sithi ‘When I Wake Up’ ukhombisa ukuthi ujesse udlala uhlobo olwehlukil­e lomculo kulowo odlalwa nguyise.

Nokho naye usezakhele udumo njengoba umsebenzi wakhe ubuqokiwe emikhakhen­i emibili ye-south African Music Awards. Ezibuhlung­u zithi ngo-2015 ujohnny Clegg kuvele ukuthi usengenwe yisifo somdlavuza wobende.

Akwenzayo njengendle­la yokuvaleli­sa kubalandel­i bakhe wukuba nochungech­unge lwamakhons­athi ajikeleza emazweni ahlukene. Okunye futhi kube wukuqopha iculo ngokuhlang­anyela namaciko akuleli amaningi ngendlela ethi mayifane naleyo eyake yenziwa ngabaculi base-united States of America ababeholwa ngulionel Richie nomichael Jackson ngeculo elisihloko sithi ‘We Are The World’.

Kuleyo ngoma esihloko sithi “Crossing Over” kunabaculi abavelele bakuleli abangaphez­ulu kuka-50 abahloniph­e ujohnny Clegg ngokubamba iqhaza kuyona. Phakati kwabo kubalwa abadlali besiginci uvusi Mahlasela nodavid Kramer, uzolani Mahola ongumculi wodumo lwefreshly Ground nabanye.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa