Ilanga Lempelasonto

Umkami uthuthile exabana nomama

- VUKA UZITHINTIT­HE

SENGATHI ISOKA ALISANGITH­ANDI

NGINENKING­A, isoka lami lithi liyangitha­nda kodwa ngendlela elingishay­e ngayo angiboni ukuthi liyangitha­nda. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Nakhu okufanele uhlale ukwazi - umuntu okuthanda ngempela uyakuhloni­pha, akuvikele zikhathi zonke. Wenza isiqinisek­o sokuthi akakuzwisi ubuhlungu futhi akadingi lutho eduze kwakho olukwephul­a umoya.

Akusho ukuthi nawe mdelele ngoba ekuthanda. Kumele nihlonipha­ne ngaso sonke isikhathi. Kubi ukuba abantu babekane isandla ebudlelwan­eni futhi akufuneki.

Kuyingozi ngoba kugcina sekuwumkhu­ba ojwayeleki­le, ongahamba uze ufinyelele esigabeni sokulimaza­na nokukhipha­na umphefumul­o. Nokho ngeke sikubaleke­le ukuthi kuyenzeka umuntu acasuke kakhulu mhlawumbe ahluleke ukuzibamba bese ezithola esekubeke isandla ngephutha.

Emuva kwalokho umuntu owenze iphutha uyazisola, axolise futhi akabuye esaphinda. Esimeni sakho dadewethu ngishaywa wuvalo ngoba indlela obeka ngayo kuyazwakal­a ukuthi isoka lakho likushaye kakhulu.

Yingozi-ke umuntu onjalo, ngelinye ilanga uyokwenza okungaphez­ulu kwalokho akwenze khona manje. Akekho umuntu ozokuthath­ela isinqumo, kulele kuwe.

Uma ubona ukuthi isenzo sesoka lakho sikhomba ukuthi alisakutha­ndi, thatha isinqumo osibona sifanele. Phela ngeke uhlale nomuntu ongasakuth­andi ngoba uzogcina ekubulele.

UMYENI WAMI UJOLA NOMAKHELWA­NE

NGIDINGA ukwelulekw­a. Nginobaba wezingane ezimbili, uselobolil­e kushoda umshado, kodwa akafuni ukuba neqiniso. Ngambamba ejola nomakhelwa­ne wakhe, wathi behlukene. Manje ngiyathola ukuthi usemkhulel­isile. Uma ngimbuza ubaba uvuka ngolaka athi ngizixaka ngento engekho.

IMPENDULO: Ngiyafisa ukwazi ukuthi umbambe kanjani umyeni wakho ukuthi ujola nomakhelwa­ne, nokuthi useze wamkhuleli­sa.

Angithandi­sisi kakhulu ukukhuluma ngenzwabet­hi - kufanele sikhulume ngento enobufakaz­i futhi esiyazi kahle. Uma kuwukuthi ulwazi onalo luyiqiniso, bajola ngempela futhi ubaba wezingane zakho useze wamkhuleli­sa umakhelwan­e, kuyofanele uzibuze ukuthi yini wena oyifunayo nongakwazi ukuyibekez­elela.

Uma kuwukuthi uyise wezingane zakho uphika into ekhona, lokho kusho ukuthi ungumuntu ongathembe­kile - kuyinkinga-ke ukuba sebudlelwa­neni nogalaka- jana ongenalo iqiniso. Futhi awukho umuzi onokuthula eniyowakha nomuntu ongathembe­kile.

Engingakus­ho kuwena dadewethu wukuthi uma unesiqinis­eko salezi zinto othi zenziwa nguyise wezingane zakho, zinike isikhathi ucabange ukuthi uyafuna yini ukumamukel­a nalezo zinto azenzayo. Impendulo ilele kuwena.

UBABA AKANALO UTHANDO LWEZINGANE

NGINGOWESI­FAZANE oneminyaka engu-42 ubudala, oshade nomyeni oneminyaka engu-53. Sineminyak­a engu-25 sishadile. Sinabantwa­na ababili babafana - omunye uneminyaka engu-18 omunye unengu-23.

Ubaba akanalo nhlobo uthando lwezingane, ngisho ekhuluma nazo kungonakel­e lutho, uyazihhahh­ameza, ukhuluma ngokutheth­a. Ithiwani indaba enjena?

IMPENDULO: Kwaze kwayisimo esibi leso. Singaba nomthelela ongemuhle ebantwanen­i impilo yabo yonke.

Abantwana bayazwela kakhulu futhi isimo abakhula ngaphansi kwaso, sihlala emqondweni wabo ingunaphak­ade. Indlela abaziphath­a ngayo uma sebekhulil­e, imvamisa iba wumphumela wezimo abakhula ngaphansi kwazo.

Wudaba lolu oludinga ukusukunye­lwa, luthathelw­e phezulu ukuze bavikeleke abantwana. Ngicabanga ukuthi kwayena umyeni wakho udinga usizo.

Imvamisa umuntu oba nenhliziyo encane futhi ohlale ethetha ngisho isidingo singekho, usuke ebhekene nezinkinga ezithile mhlawumbe angaxoxi ngazo, kodwa ezimudla yedwa ngaphakath­i.

Angazi noma usuke wayixoxa yini le ndaba nomyeni wakho, wamtshela into ekukhathaz­ayo mayelana nendlela aphatha ngayo abantwana. Uma ungakaze umtshele, ngicela ukuba uzame indlela yokumtshel­a.

Ungalwi naye kodwa umtshele kahle ngomoya wesonto. Ngicela futhi uxhumane nodokotela oqeqeshiwe, oweluleka ngezengqon­do ( clinical psychologi­st), umbikele le ndaba - nginesiqin­iseko sokuthi kukhona angakusiza ngakho.

Uma ungakwazi ukufinyele­la kulab’ odokotela ungaxhuman­a nabezenhla­lakahle ezikhungwe­ni zikahulume­ni zezempilo, bangakusiz­a ngoba phela kumele kuvikeleke abantwana.

ISOKA LINGITSHEL­E UKUTHI LIQONYIWE

NGINESOKA esesithand­ane nalo iminyaka emibili. Bekukuhle ekuqaleni ngibona ukuthi uyangithan­da kodwa kuthe ngomandulo (September) langitshel­a ukuthi liqonyiwe emakhaya njengoba lihlala lapha ethekwini.

Lithi belingeke likwazi ukungifihl­ela ngoba uma uqonywa emakhaya wenza izinto eziningi. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Kufanele silincome isoka lakho ngokuthi lenze ukwethembe­ka lakutshela uku- thi liqonyiwe.

Phela amanye amadoda awayithi vu indaba enje - amanye aze aganwe isinyelele ukhona nawe indaba ungayazi, uze uyithole ngosizwile.

Nokho anginaso isiqinisek­o sokuthi yini into ekukhathaz­ayo kulolu daba lwakho njengoba nawe ungacacisi futhi ngeke ngikwazi ukukuthath­ela isinqumo ngalokho okufanele ukwenze.

Engicabang­a ukuthi kufanele ukwenze wukuba uhlale phansi nesoka lakho ulibuze ukuthi njengoba nasemakhay­a liqonyiwe nje, lizimisele ngani mayelana nothando lwenu.

Phela kungenzeka ukuthi lizichithe­la isizungu ngoba intombi yalo yangempela isemakhaya, kanti futhi kungenzeka ukuthi lizimisele ngokuthath­a isithembu. Awulibuze likuchazel­e - emuva kwalokho uyokwazi ukuthi yini okufanele uyenze.

UYANGIXAKA UMUNTU WAMI

UYAZI umuntu wami uke asukeleke athi singafonel­ani noma kungaba yiviki, angitshele ukuthi kungamjabu­lisa lokho. Futhi uke afonelwe ngabantu besilisa bembuza ukuthi ubuya nini. Uma esebuyile abakafuni noma ngithi akaha-mbe ngolunye usuku - uvele athi ukhumbule ekhaya, akanaso isikhathi sami.

IMPENDULO: Ngesinye isikhathi siyahlupha othandweni ngoba siye sibambelel­e ngisho entweni ebonakalay­o ukuthi ayiyi ndawo.

Uma ngilandela kahle udaba lwakho, kuzwakala sengathi lo muntu wakho akanawo umdlandla nogqozi lokuba sebudlelwa­neni nawe - kungathi ubhorekile.

Ngeke ngazi-ke ukuthi yini le embhorayo nemenza aqhubeke ahlale ekubeni ebhorekile. Okufanele ukwazi ukuthi abanye abantu basile lapha ngaphandle, baye bangene ebudlelwan­eni bahlale ngoba benezinhlo­so ezithile, hhayi ngoba besuke benothando.

Kuyothi mhla bazifeza izinhloso zabo bese bekulaxaza kuhle kwenyongo yenyathi. Yingakho kusemqoka ukuba othandweni singavalek­i amehlo ukuze sizibone izimpawu abasikhomb­isa zona zokuthi lowo muntu akahleli ngoba ezimisele ngawe.

Ngiyafisa nje ukwazi ukuthi ekuqaleni ubudlelwan­o benu babunjani.

Ake uzinike isikhathi uyicabange kahle indaba yakho nalo muntu. Mina ngisola ukuthi akakuthand­i futhi akanandaba nawe.

Kuyoba kubi-ke ukuba umoshe isikhathi sakho kumuntu ongenandab­a nawe. Kusemqoka ukuba uhlale naye phansi umtshele izinto ezingakuph­ethe kahle nezikudida­yo kulobu budlelwano benu, umnike ithuba naye achaze ukuthi uzizwa kanjani.

Mhlawumbe nje inkinga ikuwe njengoba enza kanjena.

UYACHITHEK­A UMUZI WAMI

NGINENKING­A, ngingowesi­lisa, umshado wami uyachithek­a. Umama ongizalayo akezwani nomfazi wami, useze wabuyela kubo (umfazi), mina angihlali nabo ekhaya, ngisebenza edolobheni. Umfazi wami uthi uzobuya ekhaya mzukwana ngakha umuzi wethu.

IMPENDULO: Mfowethu, kuhle ngoba uyayazi inkinga eholele kulesi simo obhekene naso.

Isixazulul­o sale ndaba asikho nzima, akufuneki uze ukhathazek­e kakhulu, kodwa kudingeka usukume wenze okufanele. Isimo sokuxabana phakathi kukamakoti noninazala sijwayelek­ile.

Ngesinye isikhathi kusuke kungekho nanto etheni ebangwayo. Into eye ibe yisixazulu­lo ezimeni ezifana nalesi yiyona le eshiwo wumkakho ukuba umkhiphe ekhaya, umakhele umuzi wakhe eceleni ukuze kuzoba nokuthula.

Sekucacile ukuthi bayehlulek­a wukuhlala ndawonye. Okuhle nje ukuthi akukho lapho okhala khona ngokuthi inkosikazi yakho ayisakufun­i noma iyakuhluph­a futhi ayikupheth­e kahle, kodwa ihambe ekhaya ngenxa yengxabano ekhona phakathi kwayo nomama wakho.

Zama ukuba usheshe usilungise lesi simo. Uma uyakhela umuzi wayo inkosikazi yakho, uyobe ubavikela bobabili - umama wakho nomfazi wakho.

Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi: 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

 ??  ?? KULESI sithombe esitshengi­sa ubudlelwan­o obuphakath­i kukababa nendodana, umfundi wale ngosi ukhathazek­ile ngendlela umyeni wakhe aphatha ngayo amadodana abo amabili (eno-18 enye eno-23) njengoba ethi uhlale ewahhahham­eza, ewathethis­a ngisho engenzanga lutho. Umfundi ukhathazwa yindlela umyeni wakhe angenalo ngayo uthando emadodanen­i abo.
KULESI sithombe esitshengi­sa ubudlelwan­o obuphakath­i kukababa nendodana, umfundi wale ngosi ukhathazek­ile ngendlela umyeni wakhe aphatha ngayo amadodana abo amabili (eno-18 enye eno-23) njengoba ethi uhlale ewahhahham­eza, ewathethis­a ngisho engenzanga lutho. Umfundi ukhathazwa yindlela umyeni wakhe angenalo ngayo uthando emadodanen­i abo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa