KUBHEDILE OSUTHWINI
AMAZULU FC aphume inqina kamabuyaze equnjwa phansi yipolokwane City ngo-3-2 emdlalweni we-absa Premiershp izolo ngomgqibelo ntambama e-old Peter Mokaba Stadium, elimpopo.
Kuyiwe ekhefini ipolokwane isivele ihamba phambili ngo-3-1 kulo mdlalo. Amagoli epolokwane abhakuziswe enethini ngubongile Booi ngomzuzu wokuqala, namabili kawalter Musona angene ngoka-17 nangoka-45. Awosuthu aqotshelwe enethini ngubongi Ntuli ngomzuzu ka-28 nosiyethemba Sithebe ngoka-51.
Emdlalweni olandelayo wosuthu luzogadulisana nehighlands Park ngomgqibelo ngo-15h30 eking Zwelithini Stadium, emlazi. Emuva kwalo mdlalo usuthu luzobhekana nekaizer Chiefs ngolwesibili lomhla ka-15 kwephezulu ngo-19h30 emlazi.
Ichippa United ibhuquziswe yibloemfontein Celtic ngo-1-0 wegoli likandumiso Mabena ngolwesihlanu ebusuku esisa Dukashe Stadium.
Ulehlohonolo Seema, obambe izintambo zokuqeqesha kwiceltic okwesikhashana, uthe bebazi ukuthi bazowunqoba lo mdlalo.
“Ebesikuhlelile kwenzeke njengoba kunjalo. Besazi ukuthi njengoba besekhaya bazofuna ukusiphuthuma sabanika lelo thuba, sama ngokuthi sizobabamba ngesikhathi belahlile. Ngempela kwenzeke kanjalo sababamba. Sisizwe yisipiliyoni sikamabena, ukhombisile ukuthi kasithengwa ndawo. Sijabule ngalo mphumela sizoqhubeka nje nokusebenza ngokubambisana yize sihaqwe yizinkinga,” kusho useema. Imiphumela yayizolo YENFD imi kanjena: Pretoria University 1, Real Kings 1; Tshakhuma Tsha Madzivhandila 1, Uthongathi FC 2; Ubuntu Cape Town 2, Ajax Cape Town 3; Witbank Spurs 1, Cape Umoya United 2.