USOLA 'UMKHONYOVU' NGE- TWITTER YAKHE
WALE waphetha ukukhuluma ngezindaba zakhe zangasese, unonkanyiso Chonco owaba sematheni ngesikhathi kuvela ukuthi uyingoduso yowayengumengameli wakuleli, umnu Jacob Zuma.
Unonkanyiso ubesematheni kuleli sonto ngesikhathi kusabalala imibiko yokuthi usevule itwitter account.
Ekhuluma NELANGA Langesonto, uthe yize engeke akhulume ngezindaba zangasese ezithinta yena nomndeni wakhe, kodwa uyakucacisa ukuthi akanawo utwitter.
“Anginawo sidalwa utwitter futhi angikaze ngibe nawo. Sengiyithumelile i- email
khona kwatwitter ngabika ukuthi kunomuntu ozama ukuzenza mina.
"Njengamanje bamatasa nophenyo lokuthola ukuthi ngubani lowo, uma sebemtholile uzothathelwa izinyathelo zomthetho,” esho.
Uthi okumphatha kabi ukuthi kunabantu abakhulu abahlonishwayo abese belandela le account athi kayikho emthethweni.
Uqhube wathi uma abantu bengaqaphela ekhasini lakhe leInstagram kanye naleli letwitter aliphikayo, bangabona ukuthi ngabantu abehlukene abasebenzisa la makhasi.
“Ukube yimina owenza le account,
ngabe izinto engizifakayo ziyafana noma ziyahambelana nalezo ezikwiInstagram. Uma wazi kahle ngezinkundla zokuxhumana uyabona ukuthi ngabantu abehlukene labaya,” echaza.
Unonkanyiso njengamanje uthi ugxile kakhulu ohlelweni lwakhe alwenza kwivuma FM, olukhuluma ngezinkinga ezithinta abesifazane. “Njengamanje ngigxile kakhulu emsebenzini engiwenzayo kwiVuma FM, yingakho ngingathandi ukukhuluma ngezinto zangasese ngoba zizophazamisa lokhu okumele sikhulume ngakho,” kusho yena. Uhlelo lwakhe lungena njalo ngolwesithathu kusuka ngo-8 kuya ku-9 ebusuku. makhoba@ ilanganews. co.za