Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O

-

SILINDELE ukuba kusukela kusasa izinto zibuyele esimeni esejwayele­kile emisakazwe­ni njengoba bekunezing­uquko zamaholide ezinhlelwe­ni ezithile.

Into esangidida wukuthi kungani abaphathi bekubona kubaluleki­le ukuyisa abasakazi abangena ezinhlelwe­ni ezibalulek­ile emaholiden­i esikhundle­ni sokusebenz­isa bona ukudayisa izinhlelo.

Kunabasaka­zi esingalith­oli ithuba lokubalale­la ngenxa yezikhathi abangena ngazo - ngesikhath­i samaholidi kusuke kuyithuba lethu lokubalale­la.

Kuyishwa nje futhi ukuthi umuntu obambe uhlelo ugcina esewubuso balo nokumenza azwakale kangcono uma lwenziwa nguyena kunalowo obambile.

Ngihleke ngabhuquza abanye abalaleli bemetro FM, bekhala ngeholide elide elithathwe ngudj Fresh nethimba lakhe, njengoba kubambe umo G.

UMO G ungomunye wabasakazi asebemnkan­tshubomvu, inkinga wukuthi lolu hlelo alubanjisi­we lusinda kakhulu, ludinga umninilo nosengubus­o balo ufresh.

Lokhu kumenza umo G adavuze njengoba kunenqwaba yezinto ezenzeka kulolu hlelo angakwazi ukuzenza ngendlela ezenziwa ngumninilo.

Izinhlelo okuba ngcono ukuzibamba ngezemisak­azo yezingxoxo ( talk radio) ngoba vele iningi labasakazi bayo basuke benekhono lokuqondis­a ingxoxo.

Okuhlupha ngalolu olunye uhlobo lwemisakaz­o wukuthi kuba kuningi okwenzekay­o ohlelweni ngalunye, nokwenza osejwayele ukulwenza akwenze kalula.

Ezinkundle­ni ezahlukene engike ngangena kuzona, ngibone sengathi abalaleli bebezithok­ozela izinguquko ebezenziwe wukhozi FM njengoba kwabendlu emnyama kuyiwona msakazo olalelwa kakhulu lo.

Engiqala ukukuqaphe­la

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule mininingwa­ne engezansi. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UMSAKAZI wokhozi FM abakhombis­a ukumethemb­a abaphathi balo msakazo.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UMSAKAZI wokhozi FM abakhombis­a ukumethemb­a abaphathi balo msakazo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa