EZEMISAKAZO
SILINDELE ukuba kusukela kusasa izinto zibuyele esimeni esejwayelekile emisakazweni njengoba bekunezinguquko zamaholide ezinhlelweni ezithile.
Into esangidida wukuthi kungani abaphathi bekubona kubalulekile ukuyisa abasakazi abangena ezinhlelweni ezibalulekile emaholideni esikhundleni sokusebenzisa bona ukudayisa izinhlelo.
Kunabasakazi esingalitholi ithuba lokubalalela ngenxa yezikhathi abangena ngazo - ngesikhathi samaholidi kusuke kuyithuba lethu lokubalalela.
Kuyishwa nje futhi ukuthi umuntu obambe uhlelo ugcina esewubuso balo nokumenza azwakale kangcono uma lwenziwa nguyena kunalowo obambile.
Ngihleke ngabhuquza abanye abalaleli bemetro FM, bekhala ngeholide elide elithathwe ngudj Fresh nethimba lakhe, njengoba kubambe umo G.
UMO G ungomunye wabasakazi asebemnkantshubomvu, inkinga wukuthi lolu hlelo alubanjisiwe lusinda kakhulu, ludinga umninilo nosengubuso balo ufresh.
Lokhu kumenza umo G adavuze njengoba kunenqwaba yezinto ezenzeka kulolu hlelo angakwazi ukuzenza ngendlela ezenziwa ngumninilo.
Izinhlelo okuba ngcono ukuzibamba ngezemisakazo yezingxoxo ( talk radio) ngoba vele iningi labasakazi bayo basuke benekhono lokuqondisa ingxoxo.
Okuhlupha ngalolu olunye uhlobo lwemisakazo wukuthi kuba kuningi okwenzekayo ohlelweni ngalunye, nokwenza osejwayele ukulwenza akwenze kalula.
Ezinkundleni ezahlukene engike ngangena kuzona, ngibone sengathi abalaleli bebezithokozela izinguquko ebezenziwe wukhozi FM njengoba kwabendlu emnyama kuyiwona msakazo olalelwa kakhulu lo.
Engiqala ukukuqaphela
Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule mininingwane engezansi. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za