Uzimisele ukuqopha umlando udr Tumi
ISIHLABANI somculi wegospel, udr Tumi, sithi naso asifuni ukusala ngaphandle ekuqoshweni komlando wokugcwalisa izinkundla njengoba sihlela ukugcwalisa enye yezinkundla egauteng kulo nyaka.
Lesi sihlabani sinomlando emkhakheni we- gospel ngokugcwalisa iticketpro Dome, egoli, elayisha abantu abangu20 000 ngo-2017 saphinde saqopha omunye ngokugcwalisa ivoortrekker Monument, epretoria elayisha abangu-34 000.
Ekhuluma ngokukhethekile NELANGA Langesonto udr Tumi udalule ukuthi usekwazile ukugcwalisa izindawo ezilayisha abantu abaningi, ngakho ubona sekuyisikhathi sokuba abheke inkundla yezemidlalo kulo nyaka.
“Ngikhuluma nje, sengiqalile ukuba nezingxoxo nezinkundla ezahlukene, kodwa okwamanje ngeke ngikwazi ukusho ukuthi yiziphi engizibhekile, nakanjani kulo nyaka kumele ngiyigcwalise inkundla,” kusho lo mculi.
Useke wahlabana ngezindondo ezahlukene okubalwa kuzo EYESABC Crown Gospel Awards, South African Music Awards nezinye.
Uthi ngaphandle kokuhlela ukugcwalisa inkundla kulo nyaka, umatasa nokuqopha abaculi abangaphansi kwenka- mpani yakhe ayiqambe ngaye. Uphinde waveza nokuthi naye uzokhipha enye i-albhamu kulo nyaka.
UDR Tumi unama-albhamu okubalwa kuwona ethi Love and Grace nenye ethi The Gathering of Worshipers.
Uzonandisa emcimbini ohlelwa yibandla, icity Hill, ngosuku lwezithandani ngenyanga ezayo. Uthi kulo mcimbi uzoqhulula izingoma zothando ezijabulisa abantu.
“Nginazo izingoma zothando kodwa ezikhuluma ngothando lukankulunkulu engizobe ngizicula, abantu mabaphume ngobuningi ukuyojabula,” kusho lo mculi. lucky.cain@ilanganews.co.za
Nginezingoma eziningi ezikhuluma ngothando engizobe ngiziqhulula, ezizobe zijabulisa abantu.