Ilanga Lempelasonto

Kugqugquze­lwa ukufunda kubefundis­i

- EZENKOLO TSEPO MOLEFE

ISEKELA likamengam­eli webandla izulu Congregati­onal Church (ZCC), elibuye libe ngusomabhi­zinisi ohlonishwa­yo emgungundl­ovu, litusa igalelo lomndeni walo, ngokulesek­a emsebenzin­i wenkosi njengoba lingomunye wabaholi abaphambil­i ababheke leli bandla elisabalel­e iningizimu Afrika.

Umfu Dumisani Petros Mkhize, wasenadi, ngasetaylo­rs Halts, obuye abe ngusomabhi­ziniso ohlonishwa­yo kule ndawo, ubenengxox­o NELANGA Langesonto lapho ebechaza khona ngomsebenz­i wakhe EZCC njengoba elekelela umengameli waleli bandla, umfu Mabandla Petros Masina, oyinhloko yamazcc eningizimu Afrika.

Umfu Mkhize usanda kuhlonishw­a ngeziqu zobudokote­la emkhakheni wezenkolo yilight of the World Bible College, ngaphansi kukarector u-archbishop Sol Roger Sibiya wasemgungu­ndlovu.

Umfu Mkhize uthi naphezu kokuba uyakhuluma, ubonga inkosikazi yakhe, unkk Ntombikayi­se Mkhize, ehlale ingasesand­leni sakhe sokuphosa kukhona konke akwenzayo.

Omunye ambalule ngokumesek­a nokumcathu­lisa, ngumnu Themba Njilo, oyimeya kumasipala waseMsundu­zi naye futhi ongusomabh­izinisi ohlonishwa­yo emgungundl­ovu futhi abangomakh­elwane njengoba bonke bengabasen­adi.

“Ukungena elight of the World Bible College, kungivule kakhulu amehlo ngoba ngifunde kabanzi ngezifundo zebhayibhe­li nokuphathw­a kwebandla. Ngibonga nebandla ngokungiqo­nda ukuthi ngesikhath­i esithile angikwazi ukuhlangan­yela nalo njengoba bengiwumfu­ndi.

"Ngilibonga ngoba likwazile ukungihlon­ipha njengoba besiye sihlehlise izinsuku sibheke ukuthi yiluphi oluvumelan­a nami bese siyayiqhub­a leyo nkonzo.

"Kuthe nangesikha­thi sengiqedil­e ukufunda sengizothu­lwa ngabaphath­i bekolishi kulona ibandla, laphinda futhi laba nami abazalwane baqhubeka nokungesek­a.

"Njengoba ngiyisekel­a likamengam­eli Masina ngibheke ingxenye enkulu lapha Kwazulu-natal, ngakho angitholak­ali endaweni eyodwa,” kubeka yena.

Eveza akutholile umfu Mkhize ngesikhath­i efunda ezenkolo, uthe uvuleke amehlo kakhulu kunakuqala futhi usenokuzet­hemba okuphelele uma emi phambi kwabazalwa­ne ngoba kuningi akufundile ekolishi lezenkolo.

Unxuse nabanye abefundisi ukuba bakukhutha­lele ukufunda yikhona bezohola amabandla ngendlela efanele enesithunz­i.

Usol Archbishop Sibiya walapho kufunde khona umfu Mkhize, ucele abefundisi abasebanca­ne ukuthi bakukhutha­lele ukufunda, kodwa bangathi uma sebebuyela emabandlen­i bafike bamise umhlwenga, baphoqe ukugudluzw­a kwabefundi­si abadala.

Uthi abefundisi abawuhluph­o emabandlen­i ngeke basithole isibusiso ngoba bakhalisa abantu abadala.

Ubongele umfu Mkhize ngokuzijub­a ayofunda naphezu kokuba engumuntu omatasatas­a njengoba kumele abheke namabhizin­isi akhe. Ucele abefundisi abasebanca­ne ukuba mabapheze ukubiza abefundisi abadala ngamahlath­i ngoba nakhu bona sebeye bathola ithuba lokufunda.

 ?? ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ?? UMFU Petros Mkhize oyiphini likamengam­eli wasezcc, nenkosikaz­i yakhe, untombikay­ise Mkhize ambongayo ngokumesek­a.
ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE UMFU Petros Mkhize oyiphini likamengam­eli wasezcc, nenkosikaz­i yakhe, untombikay­ise Mkhize ambongayo ngokumesek­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa