Kunzima ukuba ngumholi wezepolitiki
MHLELI, emihleni yami yokuphila sengibonile kunzima ukuba ngumholi ohola abantu ngoba abantu ababongi into enhle abenzelwe yona, kodwa kunalokho kucingwa into ethile abazoyigxeka.
Mangisho ukuthi ziningi izinhlobo zobuholi ezikhona emhlabeni njengokuba ngumholi wendabuko, ukuba ngumholi webandla likamoya, ukuba ngumholi wepolitiki noma wezombusazwe njalo njalo. Ubuholi engibubona bunzima, yilobu obuthinta noma obuncikene nepolitiki. Imali yakhona uthi uyidla kodwa usuke uzwile, uyisheba namagama alumelayo.
Umuntu ongumholi uthi ethuthuka uzwe kuthiwa “udla izimali zethu, yizo lezi akhe ngazo umuzi omuhle noma athenge ngazo imoto edulayo”.
Ikhansela likamasipala okuthi kwazeka kahle ukuthi kwalona aliphethe mali esandleni, kodwa kumele liqale lingqongqoze emnyangweni othize khona lizokwazi ukuba lilethe intuthuko, uyothi uzwa abantu bethi yini umsebenzi walo lelo khansela.
Angisho ukuthi awekho amakhansela ahudula izinyawo. Ikhansela libikelwa ngisho izinto elingahlangani nazo, ezingekho emandleni alo, uma lehluleka ukwenza ngendlela esuke ilindelekile, bese ligxijwa ngayo yonke indlela.
Okubuye kube nzima noma kube kubi kakhulu ukuthi mhlawumbe ikhansela liqhamuka eqenjini elithile lepolitiki elingathandwa yilowo mphakathi, ngenxa yalokho lizolokhu ligxekwa.
Esikhundleni sokuba kubukwe imisebenzi yalo emihle, kodwa kuzobukwa iqembu eliqhamuka kulona. Namanje ngisaphinda ngithi abaholi engibabona ukuthi bathwele kanzima ngabaholi bepolitiki noma bezombusazwe. Ngesinye isikhathi uthola ukuthi umholi uzokhuluma emsakazweni.
Umsakazi noma umphathi wohlelo unikeza abalaleli ithuba lokuba babuze imibuzo. Lapho-ke kusuke sekuvuleke ithuba lokuba izixhwanguxhwangu zigcwanekele umholi. Uma kuwukuthi umholi ukhuluma kumabonakude, ingani kuzofonwa kubhalwe nemibhalo enendelelo.
Ngisuke ngikhumbule amazwi angizwisa ubuhlungu, abevame ukukhulunywa yindodana endala kamnu Jacob Zuma, obengumongameli wezwe. Ibisho ukuthi le nto iyabahlukumeza bona bengumndeni ukuthi uyise adwetshwe emaphephandabeni engupopayi, futhi kukhulunywe nangezindaba zakhe zangasese.
Kukodwa unxamalala bemdweba eseshaweni, ngingasawabali amazwi akhulunywayo ngaye ebizwa ngesela. Ezenzweni ezinjena kufanele ngempela umndeni wakhe uphatheke kabi. Njengobani ongavuma kudelelwe uyise noma umzali wakhe?
Nangu ubaba umzizi, uthabo Mbeki kwaba kuhle esangena esikhundleni sokwengamela izwe, okuhambe kwathiwa yena ukhweza isimame phezu kwa-makhanda amadoda.
Yena kanye umntakago
van kwahla-nganwa ngaye kusazwanwa egxijwa futhi egxekwa ngabathize. Buka ngoba kwakuqhunyiswa oshampeni imbala ngesikhathi ehlanjalazwa.
Naphezu kokuba kunjalo, kodwa umnu Mbeki akazange aphendule muntu, kunalokho wakhetha ukuzithulela naphezu kokuba ayegxijwa futhi ethukwa ngayo yonke inhlamba.ngize kumntwana wakwaphindangene umangosuthu Buthelezi ( osesithombeni) - okwakhe kwedlulele.
Ngingasho ngingahlonizi ukuthi kubaholi bonke bephelele bepolitiki noma bombusazwe, akukho namunye oseke wathukwa waxhashwa ngenhlamba ebe engenze lutho njengaye. Sazalwa nini sizwa izimfundisoze ngomntwana wakwaphindangene? Engikhuluma ngisho nanamhlanje basemaphalamende ngakho ukuthuka umntwana.
Ingani ukuthukwa kwakhe sebaze bakudlulusela ngisho ezinganeni zabo. Ingani uke uzwe ingane ikhuluma ikhihliza amagwebu ngento engayazi ngomntwana. Umndeni kamntwana yiwona ohlukumezeke kakhulu yonke le minyaka ngokuthukwa kwakhe. Nokho umndeni wakhe ubekezele.
Ngize esithandweni somhlaba, ubaba unelson Mandela. Umadiba unconywa atuswe kuwona wonke amagumbi amane omhlaba. Osekufike kuxake wukuthi sekukhona abamgxekayo bethi ungumdayisi. Icala-ke lakhe wukuthi kuthiwa wadayisa ngabantu ngokuba asheshe axolele abacindezeli okungabelungu.
Abagxeki bakhe bathi kwakungamele asheshe abaxolele. Ugxekwe kusuka esengaphakathi ejele, kwaze kwafika lapho esengumholi. Kwipolitiki ubungani buyinto yesikhashana. Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi impilo yokuba ngumholi inzima.
Yisemkhulu Nzimande
EPORT SHEPSTONE