Ilanga Lempelasonto

Kunzima ukuba ngumholi wezepoliti­ki

-

MHLELI, emihleni yami yokuphila sengibonil­e kunzima ukuba ngumholi ohola abantu ngoba abantu ababongi into enhle abenzelwe yona, kodwa kunalokho kucingwa into ethile abazoyigxe­ka.

Mangisho ukuthi ziningi izinhlobo zobuholi ezikhona emhlabeni njengokuba ngumholi wendabuko, ukuba ngumholi webandla likamoya, ukuba ngumholi wepolitiki noma wezombusaz­we njalo njalo. Ubuholi engibubona bunzima, yilobu obuthinta noma obuncikene nepolitiki. Imali yakhona uthi uyidla kodwa usuke uzwile, uyisheba namagama alumelayo.

Umuntu ongumholi uthi ethuthuka uzwe kuthiwa “udla izimali zethu, yizo lezi akhe ngazo umuzi omuhle noma athenge ngazo imoto edulayo”.

Ikhansela likamasipa­la okuthi kwazeka kahle ukuthi kwalona aliphethe mali esandleni, kodwa kumele liqale lingqongqo­ze emnyangwen­i othize khona lizokwazi ukuba lilethe intuthuko, uyothi uzwa abantu bethi yini umsebenzi walo lelo khansela.

Angisho ukuthi awekho amakhansel­a ahudula izinyawo. Ikhansela libikelwa ngisho izinto elingahlan­gani nazo, ezingekho emandleni alo, uma lehluleka ukwenza ngendlela esuke ilindeleki­le, bese ligxijwa ngayo yonke indlela.

Okubuye kube nzima noma kube kubi kakhulu ukuthi mhlawumbe ikhansela liqhamuka eqenjini elithile lepolitiki elingathan­dwa yilowo mphakathi, ngenxa yalokho lizolokhu ligxekwa.

Esikhundle­ni sokuba kubukwe imisebenzi yalo emihle, kodwa kuzobukwa iqembu eliqhamuka kulona. Namanje ngisaphind­a ngithi abaholi engibabona ukuthi bathwele kanzima ngabaholi bepolitiki noma bezombusaz­we. Ngesinye isikhathi uthola ukuthi umholi uzokhuluma emsakazwen­i.

Umsakazi noma umphathi wohlelo unikeza abalaleli ithuba lokuba babuze imibuzo. Lapho-ke kusuke sekuvuleke ithuba lokuba izixhwangu­xhwangu zigcwaneke­le umholi. Uma kuwukuthi umholi ukhuluma kumabonaku­de, ingani kuzofonwa kubhalwe nemibhalo enendelelo.

Ngisuke ngikhumbul­e amazwi angizwisa ubuhlungu, abevame ukukhuluny­wa yindodana endala kamnu Jacob Zuma, obengumong­ameli wezwe. Ibisho ukuthi le nto iyabahluku­meza bona bengumnden­i ukuthi uyise adwetshwe emaphephan­dabeni engupopayi, futhi kukhulunyw­e nangezinda­ba zakhe zangasese.

Kukodwa unxamalala bemdweba eseshaweni, ngingasawa­bali amazwi akhulunywa­yo ngaye ebizwa ngesela. Ezenzweni ezinjena kufanele ngempela umndeni wakhe uphatheke kabi. Njengobani ongavuma kudelelwe uyise noma umzali wakhe?

Nangu ubaba umzizi, uthabo Mbeki kwaba kuhle esangena esikhundle­ni sokwengame­la izwe, okuhambe kwathiwa yena ukhweza isimame phezu kwa-makhanda amadoda.

Yena kanye umntakago

van kwahla-nganwa ngaye kusazwanwa egxijwa futhi egxekwa ngabathize. Buka ngoba kwakuqhuny­iswa oshampeni imbala ngesikhath­i ehlanjalaz­wa.

Naphezu kokuba kunjalo, kodwa umnu Mbeki akazange aphendule muntu, kunalokho wakhetha ukuzithule­la naphezu kokuba ayegxijwa futhi ethukwa ngayo yonke inhlamba.ngize kumntwana wakwaphind­angene umangosuth­u Buthelezi ( osesithomb­eni) - okwakhe kwedlulele.

Ngingasho ngingahlon­izi ukuthi kubaholi bonke bephelele bepolitiki noma bombusazwe, akukho namunye oseke wathukwa waxhashwa ngenhlamba ebe engenze lutho njengaye. Sazalwa nini sizwa izimfundis­oze ngomntwana wakwaphind­angene? Engikhulum­a ngisho nanamhlanj­e basemaphal­amende ngakho ukuthuka umntwana.

Ingani ukuthukwa kwakhe sebaze bakudlulus­ela ngisho ezinganeni zabo. Ingani uke uzwe ingane ikhuluma ikhihliza amagwebu ngento engayazi ngomntwana. Umndeni kamntwana yiwona ohlukumeze­ke kakhulu yonke le minyaka ngokuthukw­a kwakhe. Nokho umndeni wakhe ubekezele.

Ngize esithandwe­ni somhlaba, ubaba unelson Mandela. Umadiba unconywa atuswe kuwona wonke amagumbi amane omhlaba. Osekufike kuxake wukuthi sekukhona abamgxekay­o bethi ungumdayis­i. Icala-ke lakhe wukuthi kuthiwa wadayisa ngabantu ngokuba asheshe axolele abacindeze­li okungabelu­ngu.

Abagxeki bakhe bathi kwakungame­le asheshe abaxolele. Ugxekwe kusuka esengaphak­athi ejele, kwaze kwafika lapho esengumhol­i. Kwipolitik­i ubungani buyinto yesikhasha­na. Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi impilo yokuba ngumholi inzima.

Yisemkhulu Nzimande

EPORT SHEPSTONE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa