Ukuthanda impilo ephezulu kwenza bazinikele kwizimpunyela
Amantombazane kuthiwa asuke esezinikele 'ekuziphonseni koyise'
IZINWELE ezinde zokufakelwa, izingubo ezincane ezibamba umzimba thaqa, nezimfushane ezicishe ziveze amaqhuzu ezinqe bezidla lubi ezintokazini ethekwini njengoba bekuphithizela kuleli dolobha kusukela kulezi zinsuku ezedlule njengoba bekunomcimbi omkhulu WE-ANC obuseMoses Mabhida Stadium, ngomgqibelo.
Phela sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuba izintokazi zizicuphe uma kunomcimbi omkhulu osuke ukhona ethekwini noma kwamanye amadolobha.
Izimomondiya zivamise ukuba zitholakale ezindaweni zobumnandi ezahlukene lapho okwaziwa khona ukuthi nakanjani kusuke kuzotheleka khona izimpunyela ezingosomabhizinisi noma labo abangosomathenda beyozithokozisa.
Kuyaziwa ukuthi uma kunomcimbi omkhulu, ikakhulukazi oweqembu elibusayo, I-ANC, abezindawo zobumnandi nabo bahleka bodwa ngoba basuke bezodla kahle njengoba iziphuzo zenani eliphezulu zisuke zizodayisa ubuthaphuthaphu. Uma uhambela izindawo ezifana namahhotela agudle ulwandle noma izindawo zokudlela ezisemgwaqweni wodumo uflorida, ethekwini, yilapho ubona khona ukuthi imali isetshenziswa kanjani kuthengwa iziphuzo amachampagne aseqophelweni eliphezulu nogologo ababizayo.
Kulezi zindawo kusheshe kucace uma “ungajimanga” ngasemalini. Ufica oweta bedidizela, neziphuzo bedeka amatafula. Iziphuzo ezisuke zihanjiswa komacaphuna kusale zize zihlotshiswe ngokhilikithi abancane (fireworks) okwenza kucacele noma ngubani ongaphakathi ukuthi kulelo tafula “kuyanyiwa” (ngokolimi olusetshenziswa uma kumnandi ngokweqile).
Kuleli sonto izintokazi ziqale ukuzicupha cishe kusukela ngomsombuluko, zihambela lezi zindawo ngenhloso yokuthola izimpunyela eziphethe ubumandi. Ukuhambela kulezi zindawo zobumnandi nokubona impilo ephilwa ngabanye besifazane, kukuvula amehlo, ubone indlela abesifazane abazinikela ngayo uma kuke kwaba nowesilisa noma abesilisa abanemali abafikayo. Izintokazi uma sezizicuphile, zifika zihlale etafuleni lazo zodwa zibe ziqalaza ongenayo obukeka ethembisa ukuthi uphethe isitayela nemali. Sekuyaziwa kulezi zindawo zobumnandi ukuthi esikhathini esiningi uma izintokazi zizihlalele zodwa, kusuke kukhona impunyela elindiwe. Mangicacise ukuthi kwesinye isikhathi izintokazi zisuke zingazi ukuthi zilinde yiphi impunyela ezozithokozisa, kodwa ziyazazi izinsuku nezikhathi ezibalulekile zokufika ezindaweni zobumnandi.
Njengoba bekunomcimbi omkhulu WE-ANC ethekwini kule mpelasonto, izintokazi bezazi kahle kamhlophe ukuthi ngeke ziswele izinsizwa ezizokwenza impilo ibe mnandi.
Ngalesi sikhathi zisalindile, zithenga isiphuzo noma iziphuzo ezimbalwa, ziqhube isikhathi sokuthi kuze kube khona ‘intwana’ noma u-weta oyedwa oziqhwebayo azitshele ukuthi ‘kunomhlonishwa’ thizeni ocela zizozimazisa etafuleni ahleli kulona.
Uma isivelile impunyela esuke izimisele ngokuthokozisa lezi zintokazi, zisukuma zithi lacu zilandelana seziyohlala kulelo tafula ezicelwa kulona.
Okulandela lapho kuba ngamachampagne, ogologo ababizayo nezinye iziphuzo.
Lena-ke yimpilo esijwayelekile ezindaweni zobumnandi, abajwayele ukuhambela lezi zindawo bayazi kahle, kanti labo abangakujwayele ukuvakashela kulezi zindawo, baye bamangale uma bebona indlela okwenzeka ngayo.
Ungafunga ukuthi indlela lezi zintokazi ezenza ngayo iyisu elisha lokuzidayisa kwabesilisa eselisetshenziswa manje.
Okumangazayo ukuthi kuzona lezi zindawo, uma izimpunyela sezizitholile izintokazi ezisuke zizimazise itafula, kazenqeni ukuphinde zithokozise ezinye izintokazi ezizihlalele zodwa kwelinye itafula nazo ezisuke zilinde ukuthokoziswa ngendlela efanayo.
Njengoba kusuke kungaselula ukuba impunyela izibize lezo zintokazi ngenxa yokuthi zisuke sezikhona ezizimazise itafula, iye iyalele uweta ukuba enze isiqiniseko sokuthi lezi ezinye izintokazi ezisuke zihleli kwelinye itafula ziphatheka kahle futhi zihlinzekwa ngakho konke ezisuke zikudinga - kusuke kuzokhokha yona impunyela.
Impilo ephilwa kulezi zindawo iyamangaza, ezinye zezintokazi zisuke sezizinikele ekubeni azibuyeli emakhaya noma lapho zihlala khona, zisuke zizochitha ubusuku nazo izimpunyela lezi futhi zisuke zizitshelile ukuthi uma sezibuyela emakhaya ngeke zibuyele zilambatha.
Kuyethusa ukuzwa imali eziyitholayo ekuseni ngemuva kokujabula nalezi zimpunyela ngandlela thize, kodwa akulona ihaba ukuthi ezinye zalezi zintokazi zithola ngaphezulu kuka-r10 000 ngobusuku.
Okubuhlungu ngalesi simo ukuthi iningi lalezi zintokazi zisencane, mhlawumbe ezinye zazo zilingana nezingane zalezi zimpunyela. Iningi lalezi zimpunyela ziganiwe, zisebenzisa imali ukuheha lezi zintokazi.
Nazo lezi zintokazi ngenxa yokuthanda impilo ephezulu, ziyazinikela kuzona lezi zimpunyela. Lokhu kuzinikela kwamantombazane imvamisa ekugcineni kuba nemiphumela engemihle njengokukhulelwa nokusuleleka ngesandulela ngculaza.
Sengathi ingaqina imikhankaso efana nalowo oke wabizwa ngokuthi yi- anti sugar daddy/blesser, owethulwa wumnyango wezempilo ngo-2016 ngenhloso yokuxwayisa amantombazane ngo- sugar daddy.