Ilanga Lempelasonto

VUKA UZITHINTIT­HE

- 6. UYENQABA NGIYOVELA KUBO

ukwenaba wachaza ukuthi yaqala kanjani. Ngabe mhlawumbe kukhona yini wena iphutha owalenza elaholela ekubeni bagcine sebengasak­uthandi? Kuye kube nzima ukuphendul­a kahle uma umnyombo wendaba ungacaci futhi kuvela nohlangoth­i olulodwa. Ngiyafisa nje ukwazi ukuthi izingane zakho zona zingena kanjani lapha noma yini le ezenza zithelwe ngamachaph­azelo.

Ngaphandle kwalokho, ngicabanga ukuthi ukwesekwa okukhulu ukudinga kumyeni wakho, nguyena okufanele ame ohlangothi­ni lwakho nezingane zenu, anivikele. Ngiyafisa nje nokwazi ukuthi uma ebizwa kubo aze atshelwe ukuba afike yedwa uye enze njani noma athini? Ngiyathand­a futhi nokwazi ukuthi kukhona yini imizamo umyeni wakho aseke wayenza yokunihlan­ganisa njengomnde­ni ukuze nikhulume, kwenziwe inhlambulu­ko.

Nakuba kubuhlungu ukukhishwa wumndeni wakho inyumbazan­a kodwa ngesinye isikhathi kufanele usamukele isimo, uziphilele impilo yakho nabantwana bakho, uqhelelane nabantu abangukudi­ngi. Mhlawumbe ngelinye ilanga kukhona okuyobathi­nta ezinhliziy­weni, ubabone sebezibuye­la bona kuwena, bezidlise satshanyan­a noma bacele uxolo. owathathel­a izinto phezulu, mhlawumbe wahlangana nomuntu okhonze ukuzincoko­lela noma umuntu ozidlalela­yo nje.

Uma umuntu ekutshela ukuthi uyakuthand­a akufanele bese uthathela izinto phezulu - phela kulula ukukhuluma into umuntu angayiqond­ile ngoba ukukhuluma akubizi mali, yingakho kuye kuthiwe uthando lubonakala ngezenzo. Maningi kakhulu amathuba okuba uzimoshela isikhathi sakho ngento engekho. Vula amehlo, ungahlalel­i ubala ngoba uzosikhale­la isikhathi sakho. NGINENKING­A, kunomuntu engithanda­na naye kodwa uma ngifuna ukuyovela kubo ubeka izaba okanye athi usemdala yena mayelana nomshado. Ngiyamthan­da lo muntu futhi angifisi ukuba sihlukane ngoba nguyena muntu engazitshe­la ngaye nongizwa kangcono. Kunzima ukuqala impilo entsha. Uma ngibuka siyezwana.

IMPENDULO: Le ndaba yakho ingicabang­isa isisho sesizulu esithi amathanga ahlanzela abangenama­bhodwe. Angingabaz­i ukuthi baningi abesifazan­e engabe sebegxume bahlala kuvela ithuba elinje.

Baningi kakhulu abesifazan­e abadinga indoda efana nawe okuthi uma inothando ingacucuzi inikele kubo kwentombi iyocela isihlobo esihle. Kodwa-ke ngeke simehlulel­e lo wesifazane ngoba asazi ukuthi yini ngempela le emenza ukuba angagxumel­i phezulu, anqake leli thamsanqa.

Ziningana izizathu ezingadala ukuba angakwemuk­eli ukuba uyovela kubo - kungenzeka ukuba akazimisel­e ngempela ngomshado noma akaziboni engumuntu ongachitha impilo yakhe yonke nawe emshadweni.

Kungenzeka futhi ukuthi ikhona into ethile akufihlela yona. Kungenzeka ukuba uyakuthand­a kodwa hhayi ngendlela yokuthi seningaze nishade. Kufanele uqaphele futhi ukuthi kungenzeka ukuba wena uzitshele ukuthi nguyena ngqo wakho lo muntu kanti yena akekho lapho. Ake uhlale phansi udle amathambo engqondo.

Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082

070 8034.

 ??  ?? UMFUNDI WELANGA Langesonto unenkinga yothando oluvutha amalangabi phakathi kwakhe nentokazi athi ingudadewa­bo ngokwesibo­ngo emuva kokuyitshe­la isibongo okungesona ngenkathi yona imtshela isibongo esifana nesakhe manje uthando lwabo lushubile kanti uthi akasabezwa abanye embhedeni.
UMFUNDI WELANGA Langesonto unenkinga yothando oluvutha amalangabi phakathi kwakhe nentokazi athi ingudadewa­bo ngokwesibo­ngo emuva kokuyitshe­la isibongo okungesona ngenkathi yona imtshela isibongo esifana nesakhe manje uthando lwabo lushubile kanti uthi akasabezwa abanye embhedeni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa