ESKHALENI:
KUMQOKA ukuba ufarook Kadodia ongumnikazi wemaritzburg United azisukumele ngokushesha izinkinga ezihaqe le kilabhu ebambe ibhuleki kwi- log ye-absa Premiership.
Kuyadabukisa ukuphumela obala kukakadodia ngokuthi kukhona abadlali ababanjwe beqamba amanga bethi balimele, ekubeni beyimiqemane.
Lokhu-ke kukhomba ukuthi kukhona amazambane abolile kule kilabhu, okuyiwona aphusha umkhankaso wokuthi igencwe yizembe.
Akumele-ke ukadodia asonge izandla ekubeni esewazi umsuka wezinkinga ekilabhini yakhe. Iteam of Choice isemsileni ngamaphuzu angu-11 emidlalweni engu-16. Ukungaxaxami kwale ki- labhu emsileni, kungaholela ekutheni iphume esigabeni esinoju sepremiership.
Okuhle-ke wukuthi ukadodia ubazi kahle ubuhlungu bokuvika izembe njengoba licishe layigojela le kilabhu kumasizini ambalwa edlule. Igcine ivika izembe ngemizuzu yokugcina ibhekene nejomo Cosmos emdlalweni wokugcina weligi.
Ukadodia uphumele obala wathi lesi simo senze impilo yanzima kakhulu kuyena njengoba bese ecabanga ngosizi lokudlala kwinational First Division (NFD).
Ngakho-ke lesi sikhulu kasidingi ukukhunjuzwa ukuthi kumele senze konke okusemandleni ukuhlenga le kilabhu nayo eke yashayela isipikili sokugcina ebhokisini lokungcwaba Amazulu FC ngesikhathi edliwa yizembe kumasizini ambalwa edlule.
Iteam of Choice, kuyadabukisa ukuthi izithola ivika izembe nje, ngesizini edlule ibingagayelwa mphako, ikakhulukazi ekhaya. Le kilabhu kusongwe isizini isendaweni yesine ngamaphuzu angu-44.
Iphinde yadlala kowamanqamu wenedbank Cup ehlulwe kuwona yifree State Stars ngo-1-0.
Nokho-ke esinye isizathu esibukeka siholela ekutheni le kilabhu ivike izembe, wukudayisa njalo abadlali abawumgogodla wayo.
Yize sizwakala isizathu sokudayisa abadlali kule kilabhu, sokuthi intula abaxhasi, kodwa iqiniso lithi akuyona yodwa imaritzburg United engenabo abaxhasi.
Ukudayisa abadlali njalo kwenza ikilabhu ilahlekelwe wumgqigqo. Okubuhlungu wukuthi ngesi-