IQEMBU
I-DA iwuhlabe yawuhlikiza umhlahlandlela WE-ANC
elibusayo I-ANC lethule umhlahlandlela wokhetho emoses Mabhida Stadium, ethekwini izolo, emcimbini wokugujwa kweminyaka ewu-107 lasungulwa. Esithombeni ngumnu Ace Magashule ongunobhala-jikelele, umnu Jacob Zuma obengumengameli, umnu Cyril Ramaphosa ongumengameli nomnu Paul Mashatile ongumgcinimafa.
EMUVA kwesikhashana nje umengameli WE-ANC umnu Cyril Ramaphosa ethule inkulumo yomhlahlandlela wayo wokhetho lwakulo nyaka, iqembu eliphikisayo kuzwelonke, IDA alipholisanga maseko, lahlaba lahlikiza izethembiso eziqukethwe yilo mhlahlandlela.
Umnu Mmusi Maimane, ongumholi weda kuzwelonke, uthe inkulumo kamnu Ramaphosa igcwele izethembiso okwaziwayo ukuthi ngeke zize zifezwe.
Uthe okucacayo kule nkulumo kamengameli Ramaphosa, ukuthi I-ANC ayishintshile, nokuthi futhi umengameli Ramaphosa ngeke akwazi ukuletha ushintsho oludingwa yizwe ngokushesha.
Umnu Ramaphosa wethule inkulumo yakhe emoses Mabhida Stadium, ethekwini, emcimbini wokugujwa kweminyaka ewu-107 YE-ANC, obuhlanganiswe nokwethulwa komhlahlandlela wayo wokhetho.
Kulo mcimbi obekugcwele kuwo izinkumbi zabalandeli bayo I-ANC abebeqhamuka kuzona zonke izinkalo eningizimu Afrika behlobe ngemibala yeqembu, umengameli WE-ANC obekhashwa wubuholi bonke beqembu, kukhona nomnu Jacob Zuma obengumengameli ngaphambi kukamnu Ramaphosa, wenze izethembiso eziningi.
Okunye kwakubalulile wukuthi uhulumeni wabo uzokwenza konke okusemandleni ukuphucula impilo yezisebenzi zikahulumeni, kodwa wakhala ngabathile abahudula izinyawo emsebenzini abasuke benikwe wona, waze wenza isibonelo ngodaba lomhlaba wesizwe sakwamkhwanazi Kwadlangezwa, empangeni, athe kwamethusa kakhulu ukuzwa ukuthi lwathatha iminyaka ewu-9 ukuba luxazululwe.
Uthe kuyamkhathaza kakhulu nokubona ukwanda kodlame lwemindeni, ikakhulukazi ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kuleli, wathi sebehlele ukuba kube nezinguquko ezinqala embuthweni wamaphoyisa akuleli nasekusebenzeni kwawo.
“Sizokwandisa umbutho wamaphoyisa ukuze abe sezindaweni zonke, kuliwe nobugebengu namaqembu ezigelekeqe. Nokho siyawubonga umbutho wamaphoyisa akwazulu-natal, asekwaze ukubopha abasolwa ekugqugquzeleni udlame lwezombusazwe lapho bekubulawa khona osopolitiki,” kusho umengameli.
Uphinde wabala nezinto ezinhle athi I-ANC isikwazile ukuzenza selokhu yangena emandleni eminyakeni engu-25 edlule, kodwa wathi kusekuningi okuseyizinselelo okumele kulungiswe okufana nokuntuleka kwemisebenzi nokunxenxa osozimboni ukuba batshale umnotho kuleli.
Kule ndaba eshisayo yokuntuleka kwemisebenzi, uthe bahlela ukunxenxa abatshali zimali ukuba batshale imali elinganiselwa ku-r1,2 trillion eminyakeni eyisihlanu ezayo, lokho okuyoholela ekudalekeni kwamathuba emisebenzi cishe angu-275 000 ngonyaka.
“Siyazi ukuthi kukhona lapho senze khona amaphutha, kodwa siyethembisa ukuwalungisa,” kusho yena.
Umnu Maimane uphinde wagxeka umengameli Ramaphosa wathi njengoba izwe lisabhekene nezinkinga zokwehlukana ngokobuhlanga, akakhombisi buholi ekutheni isizwe singahlangana kanjani ukuze kwakhiwe iningizimu Afrika yawo wonke umuntu.
“Okuningi kwalokhu akuthembisile sekuke kwathenjiswa kaningi ngomengameli bangaphambilini, futhi akukaze kufezwe,” kusho umnu Maimane.
Umholi weda uqhube wathi umnu Ramaphosa uthembisa ukusungula imisebenzi engu-275 000 ngonyaka, kodwa onyakeni wakhe wokuqala engumengameli wezwe, iningizimu Afrika ilahlekelwe yimisebenzi engu-278 000.
Njengoba I-ANC isiyivulile indlela ngokwethula umhlahlandlela wayo wokhetho lwakulo nyaka, maduze kubhekwe ukuba namanye amaqembu alandele.