Ilanga Lempelasonto

INDIDA NGOGU FESTIVAL

- SANDILE MAKHOBA

SEKUPHINDE kwaqubuka isidididi ngomcimbi waminyaka yonke, Ugu Jazz Festival, owenzelwa eport Shepstone.

Njengamanj­e kunezikhan­giso ezimbili ezehlukene ezisakazwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezifakwe yizinkampa­ni ezahlukene, ezimemezel­a ngalo mcimbi. Kuzo zombili lezi zikhangiso, kuvela ukuthi le micimbi izoba ngosuku olulodwa endaweni eyodwa.

Ekuqaleni kwesonto ekhasini lenkundla yokuxhuman­a laseyadini Lounge, kajabulani Zama, okuyilona eliqokwe ngumasipal­a wesifunda Ugu ukuba lenze ugu Jazz Festival, kufakwe isikhangis­o esineminin­ingwane yomcimbi, esicacisa ngosuku lomcimbi okuwumhla ka-29 kunhlangul­ana (June) nendawo ozobe wenzelwe kuyo ebizwa ngokuthi Ugu Sports and Leisure.

Izolo ngomgqibel­o emini abesya Sound, okuyinkamp­ani kasya Msomi ebihlela lo mcimbi eminyakeni edlule, bafake enkundleni yokuxhuman­a esabo isikhangis­o somcimbi obizwa ngokuthi Ugu Jazz Arts Festival ozokwenziw­a ngosuku olufanayo futhi endaweni eyodwa.

Ngonyaka owedlule lo masipala umemezele ngokusemth­ethweni ukuthi inkampani esizokwenz­a lo mcimbi ngekajabul­ani Zama, isiyaphuma isya Sound kasya Msomi. Ngawo unyaka owedlule, usya wenze owakhe umcimbi obungahlan­gene nomasipala obizwa ngokuthi Ugu Jazz Arts Festival.

Ethintwa YILANGA Langesonto usya Msomi ngalesi sidididi esiqubulwe yilezi zikhangiso, uthe: Lesi sikhangiso sasenza ngonyaka owedlule uma siqeda nje ukwenza lo mcimbi wethu wokuqala. Lokho sasikwenza ngoba sinezinhle­lo zokuqhubek­a nokuwenza.

Umsomi akakwazang­a ukuphendul­a kweminye imibuzo, wathi usazoxhuma­na nethimba asebenza nalo ukuze bezobonisa­na ukuthi kwenziwa njani uma kunjena.

Ebuzwa ukuthi le nkundla ubeseyiqas­hile yini njengoba sebenze lesi sikhangiso, akakwazang­a ukuphendul­a, wama kwelokuthi usazoxhuma­na nethimba asebenza nalo.

Ujabulani Zama akathandan­ga ukuphawula, wayalela intatheli ukuba ikhulume nomasipala.

“Ngiqashwe wumasipala ukuba ngenze lo mcimbi, akusiwona owami, kungcono uthinte wona ngoba nami ngizwa ngabo yonke into okumele ngiyenze,” kusho uzama.

Ufrance Zama, okhulumela umasipala, uthe bona abazi lutho nje ngomcimbi kasya, abawaziyo yilona owabo. “Ngeke ngiphawule ngalona omunye umcimbi ongitshela ngawo, kodwa engingakhu­luma ngawo yilona umasipala oqoke iyadi ukuba liwenze. Kuyimanje amalungise­lelo awo ayaqhubeka,” kusho ufrance. makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ?? YIZONA lezi izikhangis­o ezikhuluma ngemicimbi eyahlukene nokho ecishe ifane ezoba sendaweni eyodwa ngosuku olulodwa nokuyinto equbula indida.
YIZONA lezi izikhangis­o ezikhuluma ngemicimbi eyahlukene nokho ecishe ifane ezoba sendaweni eyodwa ngosuku olulodwa nokuyinto equbula indida.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa