Ilanga Lempelasonto

Imisakazo yomphakath­i iyinkundla yoqeqesho

-

SIBUYE sisize isikhathi samaholide esifana nesiphuma kuwona ngoba kuba nesikhathi esiningi osichitha emgwaqweni uvakashela izindawo ezahlukahl­ukene. Lokho kuvakasha kukusondez­a nemisakazo ongakwazi ukuyizwa lapho uzinze khona. Umfundi wale ngosi usakuqaphe­la kudala ukuthi ngiyikhonz­ile, ngiyayilan­dela imisakazo yomphakath­i. Inkinga ngayo wukuthi isakazela iziyingi ezincane njengoba kumele igxile kulowo mphakathi ngezinhlel­o ezenzayo ngokwe- coverage.

Kungalesi sizathu nasedolobh­eni elikhulu njengethek­u, uzofica sekunenqwa­ba yalolu hlobo lweziteshi ngoba kumele zenze okuhlukene.

Isibonelo nje, enyakatho yetheku uzofica inanda FM ezinze enanda, nevibe FM ezinze Kwamashu, kuthi phakathi edolobheni ufice Izwi Lomzansi nedurban Youth Radio, eningizimu ufice intokozo FM njalo njalo.

Qaphela, zikhona futhi nezinye kuzo lezi zindawo, kodwa sibalula lezi ukwenza isibonelo.

Nakuba uzokwazi ukuzizwa zonke uma umaphakath­i netheku kodwa kufanele engabe zenza izinhlelo ezahlukene, kuye ngokuthi zavumelana ngani nabalawula amagagasi omoya, okuyi-icasa.

Kuba yishwa-ke ukuba ugcine ungasezwak­ali umehluko ezinhlelwe­ni uma ulalele, sebehlulek­a wukuveza lokhu abathembis­a ukuthi bazohluka ngakho kwezinye iziteshi abazifice zivele zikhona.

Phela ama- community radio station singawafan­isa nezikhungo zokuqeqesh­a njengoba abaningi abaqala kuwo begcina sebesakaze­la lena emikhulu.

Khumbula phela ukuthi nakuba zikhona izifundo okwazi ukuzenza ezikhungwe­ni ezahlukene ezikwenza uqonde kangcono imboni yezokusaka­za, kodwa uqeqesho olutholaka­la kule misakazo lucija kakhulu ithalente.

Yingakho kukhona abasakazi abaphumele­le namuhla kodwa abangakaze nhlobo balubhade ezikhungwe­ni ezizimele zemfundo ephakeme.

Lolu hlobo lwemisakaz­o luyakucija, lukulolong­e emazingeni ahlukene.

Abanye bafika bengakaze babone nokuthi i- studio sokusakaza yinto enjani, beziphushe­lwa wuthando, kodwa baphume sebengochw­epheshe.

Ake uqalaze nje eziteshini ezinkulu ozilalelay­o ukuthi bangaki abaqhamuke eziteshini zomphakath­i nasebengab­asakazi abahlonish­wayo namuhla.

Ekugudleni kwami ngamaholid­e, ngize ngakwazi nokulalela iradio Khwezi, ICORA FM, Nguna FM nezinye nje, ebengibona ngoba sekubhala kwisidlala msindo ebengingak­aze ngizilalel­e ezizwakala le enyakatho yekwaZulu-natal.

Yikho kanye lokhu obekungenz­a ngikhale ngesinqumo sabaphathi sokuvumela nabasakazi baye emaholidin­i ngalesi sikhathi sonyaka esikhundle­ni sokubasebe­nzisa ukumaketha izinhlelo esingakwaz­i ukubalalel­a kuzo unyaka wonke ngoba basuke sebezijway­ele, sebeshibil­ika.

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzona umbhali.

Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ??  ?? UMROZA Buthelezi ungomunye wabasakazi abadumile namuhla abaqale emisakazwe­ni yomphakath­i njengoba egqame KWI-ICORA ngaphambi kokujoyina ukhozi FM.
UMROZA Buthelezi ungomunye wabasakazi abadumile namuhla abaqale emisakazwe­ni yomphakath­i njengoba egqame KWI-ICORA ngaphambi kokujoyina ukhozi FM.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa