Ilanga Lempelasonto

Hlela imithwalo yakho uma uyoqala enyuvesi

- THANDI ZONDI

KUSUKELA ngesonto eledlule isiphithip­hithi sokubhalis­a emanyuvesi siqalile. Kungekudal­a kuzongenwa emagunjini okufundela kushe umsebenzi. Baningi abafundi abasha abayoqala ukufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Kulabo-ke abayongena okokuqala kulezi zikhungo kuningi okushintsh­ayo kwazise basuke sebengena kwesinye isigaba sempilo lapho kusuke sekufanele bafunde nokuzimela. Iningi labafundi lishiya emakhaya liyohlala ezindaweni ezihlala izitshuden­i kanti uma uzohlala ngaphandle kwasekhaya, usalelwe ngamasonto ambalwa ukuba uqoqe konke ozokudinga.

Okubalulek­ile kunakho konke wukuthi ungathuthi yonke into ekhaya, izindawo ezihlala abafundi zivamise ukuba ngamagumbi amancane. Ngaphambi kokuba uhambe ekhaya, bheka kuqala ukuthi yini ozoyifica lapho uyohlala khona.

Kwesinye isikhathi usuke uzodinga izinto ezifana nomgqomo, idesk lamp nokunye okumbalwa. Kwesinye isikhathi kukhona izinto u- flatmate wakho asuke ezozitheng­a naye eningazise­benzisa ndawonye. Ungasheshi uthenge izinto ezinjengek­etela, itoaster nezinto zokuhlanza endlini.

Linda uze ufike endlini bese nihlukanis­elana izinto enizozithe­nga. Okwamanje nazi izinto okumele uzipakishe:

Uzodinga i- duvet, amashidi amabili noma awu-3 nama- pillow case. Kungakuhle kube usayizi wedouble bed noma ngabe uyolala kwi- single bed. Kwesinye isikhathi izindawo ezihlala abafundi abenza unyaka wesibili noma wesithathu ziba nama- double bed.

Ukuba nama- pillow no- blanket kuzokwenza igumbi lakho kube sengathi usekhaya kanti futhi izindawo zokuhlala zasemanyuv­esi zijwayele ukubanda.

Kubaluleki­le ukuba kubekhona i- mattress protector ngoba kawazi ukuthi ngubani obesebenzi­sa umbhede ngaphambi kwakho, noma ube ne- mattress topper ngoba imibhede kayivamile ukuthofoze­la.

Gcina umnyango uvuliwe - leyo yindlela elula yokwakha ubungani endaweni ohlala kuyo.

Phatha ama- hanger akho.

Yiba nezinto zokuhlanza endlini ngoba ngisho kungaba khona oklinayo ebhilidini kodwa ngeke angene egumbini lakho.

Yiba nama- ear plugs ngenxa yokuthi kuzoba nezikhathi lapho umakhelwan­e wakho ezoba neparty khona, kube nomsindo.

Uma usuqomile noma uqonyiwe kumele ube nama- condom noma izivimba nzalo (contracept­ives).

Imithi: amaphilisi ezinhlungu, imithi yomkhuhlan­e.

Izinto ozisebenzi­sa nsukuzonke njenge- shower gel, insipho, i- shampoo, i- conditione­r, i- moisturize­r ne- toothpaste nezinto zokucwala ikhanda.

I- bath mat I- bath towel nama- hand towel

Isikhwama se- washing esilula sokuphatha yonke into, ngisho kungabe uwashelwa ekhaya.

Izitsha - kungaba amapuleti awu-4 nama- bowls. Qinisekisa ukuthi ziyakwazi ukusebenzi­seka kwi- microwave. Kudingeka ube nemimese, izipuni, izimfologo - kube wu-4. Kufanele ube naso futhi isipuni sokhuni, isitsha sokucwenga i-rice, i- recipe book nokunye.

Udinga ne-casserole dish yokwenza ipasta bake kwazise ilula ukuyenza. Udinga namabhodwe, ibaking tray, izikhaftin­i namafreeze­r bags uma ufuna ukupheka ukudla ozokudla isonto lonke. Zisemqoka futhi izingilazi namamug. Yiba ne- academic diary, nelever- arch files

Okukagesi okudingayo yi- extension cable ngoba kunokwenze­ka ungabi nama- plug ekamelweni. Ungakhohlw­a ama- charger - eyecellpho­ne, i- laptop noma yini ozobe uyisebenzi­sa.

Ungakukhoh­lwa okuyizincw­ajana ezibalulek­ile ezifana nomazisi, i- medical aid card, i- confirmati­on letter ye- bursary noma yescholars­hip, i- acceptance letter yaseyunive­sithi, i- driving licence, i- bank card, ICV nokunye.

I- suitcase elincane noma isikhwama esikhulu ozosiseben­zisa uma uvakasha ekhaya noma uvakashela abangani.

Izithombe zokuhlobis­a odongeni zinhle kakhulu ekuhlobise­ni noma uzibukele uma uzizwa ukhumbule ekhaya.

Amagumbi okuhlala abafundi kawajwayel­e ukuvuleka kahle, yiba ne- room spray noma i- diffuser.

Umthombo: The Independen­t

 ?? ISITHOMBE: AMP.THISISINSI­DER.COMW ?? EZINYE zezinto ezingenza ikamero lakho libukeke kahle, uzizwe usekhaya.
ISITHOMBE: AMP.THISISINSI­DER.COMW EZINYE zezinto ezingenza ikamero lakho libukeke kahle, uzizwe usekhaya.
 ??  ?? UKUBA nezikhwama zokufaka iwashingi zalolu hlobo nakho kuyasiza ekuhleleni kahle indlu yakho.
UKUBA nezikhwama zokufaka iwashingi zalolu hlobo nakho kuyasiza ekuhleleni kahle indlu yakho.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa