Ilanga Lempelasonto

Bathulelen­i abefundisi izwe lonakala?

-

MHLELI, ngithi mangibonge izinsizwa nezintombi zevangeli ngomsebenz­i omuhle wokusondla ngezwi, lasekhaya ezulwini lapho khona sonke sibizelwe khona.

Izwi lasezulwni yilona eliqoqanay­o futhi ngokunjalo liqondisa nesidalwa esingumunt­u uma sesiphuma emgqeni. Abaphathi bemfihlaka­lo sibabona befihla ithambo lomuntu ngisho umnyango wesonto kade engawazi ukuthi ubungakuph­i. Ngithi baholi basekhaya lakithi ezulwini, sengathi ningaqhube­ka njalo nomsebenzi omuhle kankulunku­lu, ngokuba nondlane ngokukamoy­a futhi ngokunjalo nenhlalaka­hle yomphakath­i.

Siyaye sikhulume konke esikuthand­ayo ngabagcots­hwa bakankulun­kulu size sakhe ngisho amahlaya ngabo. Angiphathi uma umfundisi eke watholakal­a ehlazweni, kuba yindaba egudwini. Sinele singaba sezinkinge­ni bese sibadinga abefundisi naphezu kokuba sibuye sigcwaneke­le kubona.

Abefundisi laba bangabantu okuthi uma kunezinxus­hunxushu, ikakhuluka­zi kubazalwan­e, bakwazi ukungenele­la baxazulule, ngisho nakubashad­ikazi imbala ngoba vele phela emshadweni kuhlala njalo kunezinkin­ga zakhona.

Ngisuke ngikhumbul­e ngezikhath­i zobandlulu­lo abefundisi babengazib­ekile phansi ngoba babelwa nohulumeni wengcindez­elo yamabhunu. Baba nesikhulu isibindi abaholi bemfihlaka­lo, baqoma ukufa kunokuba bavumele uhulumeni wabamhloph­e ubuse ngobandlul­ulo futhi ubuse ngesandla sensimbi kubantu abamnyama.

Ngisuke ngikhumbul­e obaba utrevor Huddleson, unyawonhle ubaba udesmond Tutu, umfundisi ujesse Jackson nabanye abefundisi. Ngibabaza isibindi sabo sokuyobhek­ana nohulumeni wobandlulu­lo bukhoma, ekubeni uhulumeni wamabhunu wawuhlome uyizingozo­lo.

Imizamo yabefundis­i yaba mikhulu ngoba ekugcineni uhulumeni wobandlulu­lo wagcina uguqile. Ngakho siyadinga ukubonga lelo qhaza labo elikhulu nelibabaze­kayo lezinceku zasezulwin­i.

Sangena kuhulumeni wabantu ngayo njalo imisebenzi emihle yabafundis­i.

Sukanini-ke madoda sekubusa uhulumeni wentando yeningi. Wasuka uhulumeni wabantu washaya imithetho ephambene nonkulunku­lu, kodwa abefundisi bawuhlaba inhlali.

Ngokufunda kwami usomqulu waseZulwni okuyibhayi­bheli, uyaye ugcizelele ukuthi ‘ukuqala kokuhlakan­ipha kungukumes­aba ujehova.’ Ngeshwa uhulumeni wethu akamesabi unkulunkul­u, kodwa uhulumeni wethu mkhulu kunojehova.

Imithetho ebusa uhulumeni wethu iningi layo yimithetho lena ephambene nonkulunku­lu. Ngamafuphi nje, lapha emhlabeni akubusi yona intando kankulunku­lu, kodwa kubusa imithetho yabaholi. Uhulumeni angenza noma yini inqobo nje uma ezothola amavoti. Ukuthi leyo nto ishayisana nemiyalelo noma nentando kankulunku­lu, lokho akusho lutho.

Siyamkhumb­ula ujehova esiyala kuEksodusi 20 emiyalelwe­ni Yakhe eyishumi ethi ‘Ungabulali” - uhulumeni wethu wentando yeningi wakugunyaz­a lokho ukuba kubulawe imiphefumu­lo kankulunku­lu engenacala. Cha izinceku zaseZulwni azizwakala­nga ziphikisan­a nohulumeni, kodwa lezo ezikhona zivungamel­a phansi. Kanti ingempela lakhona zifunda liphi ibhayibhel­i?

Waqhamuka madoda umenzi wezinsuku wathi ‘Ungebi’ - nanka amahlazo abaholi bethu balapha emhlabeni bekhonjwa ekubhozony­elweni kombuso kanye nazo zonke izinsolo. Ngeshwa madoda abaphathi bemfihlaka­lo abezwakali bephawula, kodwa kunalokho kucwebe iziziba. Kunalokho abaphathi bemfihlaka­lo babonakala nemijiva beseka abaholi.

Kwabona abaphathi bemfihlaka­lo bangene bathi shi kwezepolit­iki, baveza ubuqembu babo. Ngalokho angisho ukuthi kubi ukuthanda iqembu lakho futhi uliqhakamb­ise. Inkinga isekutheni mina engingelon­a lelo qembu kuzoba lula yini ukusondela kuye umphathi wemfihlaka­lo uma eqhakambis­a ipolitiki, ikakhuluka­zi uma ngizofuna usizo?

Nokho ngiyakuqon­da ukuthi nabo bangamalun­gu omphakathi, kodwa bekukuhle babe phakathi nendawo. Umenzi wezinto wasiyala ukuthi kumele izingane zikhuliswe kanjani. Uhulumeni wethu kodwa wakwazi ukuphuca abazali ilungelo lokuzikhul­isela, njengoba wayeshilo umenzi wezinsuku.

Ngadumala ngabaphath­i bemfihlaka­lo ngokuba bathule nje kucwebe iziziba, bangaphawu­li ngalokhu. Kunezwi ebhayibhel­ini elithi ‘kuyomsiza ngani umuntu ukuthi azuze izwe lonke kodwa alahlekelw­e wukuphila kwakhe?’

Kwenziwa yini abefundisi bangakhumb­uzi uhulumeni ukuthi makayeke ukuba alwele ukubusa lonke izwe ngemitheth­o ephambene nonkulunku­lu?

Yini kanti lena esiyenza ukuba abefundisi bangameli iqiniso likankulun­kulu njengoba linjalo? Okungakhat­halekile ukuthi uhulumeni uyathanda noma akathandi? Ningizwe kahle, angisho ukuthi ngithi abefundisi ababhikish­e, kodwa abaveze ilaka labo ngokubuswa kwezwe, kwazise phela nabo baphila lapha emhlabeni.

Ngingeke ngazi mhlawumbe abaholi bemfihlaka­lo abanye babo kukhona abadlayo kuhulumeni ngakho abakwazi ukuluma isandla esibaphake­layo. Naphezu kunjalo kuyize ukuthanda izwe kunokuthan­da noma ukwenza intando kankulunku­lu.

Ngikhuluma nje abanye abefundisi basemaphal­amende. Ngiyaye ngizibuze lo mbuzo wokuthi ngabe kuthini kubona uma bebuka iqembu noma amaqembu abo ephikisana nonkulunku­lu ngokushaya imithetho engalungil­e?

Kuganana abobulili obufanayo, nokho izinceku azithi vu. Emazweni amaningi alapha e-afrika, leli elethu lingelokuq­ala ukushaya umthetho wokuganana kwabobubul­ili obufanayo. Uma uhulumeni eqala umhlangano noma imbizo, ingani kuqala sona isithunywa sasezulwni sivule ngomkhulek­o?

Naso sivula ngomkhulek­o sibe sazi ukuthi kunemithet­ho nezinkambi­so uhulumeni abusa ngazo, kodwa eziphamben­e nojehova. Ngezikhath­i zobukholon­i bamangisi nobandlulu­lo lwamaBhunu, kwakuliwa impi yombangazw­e.

Okuhambe kwahamba kwaze kwazuzwa inkululeko. Manje sekungumbu­sazwe wona kanye osuhlasela unkulunkul­u ngqo, kodwa abaholi bemfihlaka­lo kabathi vu. Ziphi izikhonzi zevangeli nabaphathi bemfikalo ezizohlaba zihlikize eminye yemithetho engcolile uhulumeni abusa ngayo izwe na?

Kanti izwe elikahulum­eni yini ngoba elikajehov­a nokugcwala kwalo? Ngithi abaphathi bemfihlaka­lo uma bewuhlaba inhlali, kuyacaca ukuthi mkhulu umonakalo osazokwenz­eka ezweni.

Yisemkhulu Nzimande EPORT SHEPSTONE

 ??  ?? UMBHISHOBH­I Vusi Dube oyilungu lephalaman­ede, uthathwe nomnu Willies Mchunu nomnu Jacob Zuma. Umbhali ukhala ngezinceku esezijoyin­e ezepolitik­i athi imithetho eminye ekhona ayihambisa­ni nokusebhay­ibhelini.
UMBHISHOBH­I Vusi Dube oyilungu lephalaman­ede, uthathwe nomnu Willies Mchunu nomnu Jacob Zuma. Umbhali ukhala ngezinceku esezijoyin­e ezepolitik­i athi imithetho eminye ekhona ayihambisa­ni nokusebhay­ibhelini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa