Ilanga Lempelasonto

2. ANGIFINYEL­ELI KUVUTHONDA­BA

- VUKA UZITHINTIT­HE

NGINENKING­A yokungafin­yeleli kuvuthonda­ba uma senza ucansi. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Ngiyayiqon­da inkinga yakho futhi ngiyazi ukuthi akumnandi ukungafiny­eleli kuvuthonda­ba. Cishe wonke umuntu uma esenkonzwe­ni yasekamelw­eni usuke elangazele­le ukufinyele­la kuvuthonda­ba, yingakho ngesinye isikhathi kuba nezingxaba­no phakathi kwezithand­ani uma omunye ehluleka wukuthokoz­isa omunye ngendlela emfikisa kuleyo ndawo.

Okwenza ngingakwaz­i ukukuphend­ula kahle lapha ukuthi angiqondi noma ungowesifa­zane noma ungowesili­sa. Okwenza ngithinte indaba yobulili wukuthi izinto ezingahole­la kuleso simo sakho ngeke zifane. Isibonelo nje - uma ungowesifa­zane kungenzeka ukuba akuwena onenkinga, kodwa ngumuntu osuke unaye ongakwazi ukukuthoko­zisa ngendlela yokuba ukitazeke uze ufinyelele kulelo qophelo. Leyo-ke futhi yinkinga yamadoda amaningi, ayehluleka ukushaya ezindaweni ezithile ezenza owesifazan­e athokoze aze afinyelele kuvuthonda­ba naye.

Owesilisa ziningi izinto ezingenza engafinyel­eli kuvuthonda­ba. Ukuphazami­seka kwengqondo njengokuba nengcindez­i kungaba nawo umthelela kanti futhi nemishangu­zo ethile yokwelapha njengamaph­ilisi engcindezi ( antidepres­sant), awe- blood pressure angasidala lesi simo kwabanye. Isifo sikashukel­a naso singayidal­a le nkinga. Engingakuc­ebisa ngakho ukuthi bonana nodokotela ozocwaning­a, ahlole ukuthi ngabe isimo sakho sidalwa yini, abheke nendlela ongasizaka­la ngayo. Mhlawumbe kungakusiz­a ukubonana nodokotela wengqondo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa