Ilanga Lempelasonto

4. NGIYEHLULE­KA UKUTHOLA UMAQONDANA

-

NGINENKING­A, angimtholi umaqondana wesilisa. Ngabe yini inkinga yami?

IMPENDULO: Yisimo esijwayele­kile lesi, akusho ukuthi unenkinga. Ukuthola umaqondana akufani nokuphuma ekhaya uyotheza izinkuni ehlathini. Kujwayelek­ile ukuba kuthathe isikhathi eside ukuthola umaqondana. Ngesinye isikhathi uyahlangan­a nomuntu, nizwane nithandane kodwa nehlukane ngoba kusuke kungeyena umaqondana wakho.

Kodwa-ke futhi kungenzeka nokuba umaqondana umqalaze ezindaweni lapho engekho khona. Baningi abantu ababhekene nalesi simo okuso kodwa okubalulek­ile ukuba uhlale nje ulinde, uyoze umthole. Kuvamisile ukuba umaqondana afike ngesikhath­i ungamlinde­le.

Enye into eyenza abanye abantu bangabatho­li omaqondana yizinto abazibheka­yo kumuntu kanye nemigomo abayibekay­o. Ezinye zezinto ezisohlwin­i lwabakufun­ayo ziyinganek­wane, yingakho kuze kuthiwe ngesinye isikhathi kudingeka ukuba wehlise imigomo oyibekile noma-ke ubaze okanye ubumbe owakho umaqondana ozoba nazo zonke lezi zinto osuke uzifuna. omthandayo futhi naye okuthanday­o. Phakathi kwabantu ababili abathandan­a ngokweqini­so uma kudlula oyedwa emhlabeni kuye kuvuleke isikhala esikhulu okungelula ukuba sivalwe ngomunye umuntu. Futhi enhliziywe­ni kuye kusale isilonda esibuhlung­u okuthatha isikhathi eside ukuba siphole.

Zinike isikhathi, unese isilonda esisenhliz­iyweni. Yamukela ukuthi lesi simo obhekene naso sisazothat­ha isikhathi eside ukuba sedlule. Zama ukuxoxa nabantu obethembay­o osondelene nabo, ukhiphe okungaphak­athi, ubatshele indlela ozizwa ngayo - kuyasiza lokho. Futhi uma kufika izinyembez­i, kulungile ukhale, ungavaleli ngaphakath­i ubuhlungu benhliziyo. Kungakusiz­a futhi nokubonana nodokotela wengqondo - angakuleke­lela ukuba ubhekane nalesi simo futhi ukwazi ukumelana nobuhlungu benhliziyo. Qina dadewethu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa