5. AKUVUMI NGITHANDANE NOMUNYE UMUNTU
NGINGOWESILISA, sengithandane nomuntu kusukela-2017. Kwakukuhle, sithokoza nasenkonzweni yasekamelweni. Ngabe sengithola omunye ngenxa yokuthi izinto zase zingasahambi kahle phakathi kwethu eseganga, engasangihloniphi. Kodwa sazilungisa izinto, saqhubeka nalona omdala. Ngibe nenkinga yokuthi uma senza inkonzo ya-sekamelweni induku ayithi shu, ngaze ngacishe ngathatha isinqumo sokuzibulala.
IMPENDULO: Okokuqala nje okufanele ukwazi ukuthi ukuzibulala akuyona indlela yokuxazulula izinkinga nezimo esibhekana nazo empilweni. Ungakucabangi ukuzibulala ngenxa yokuthi ubhekene nesimo esithile. Izixazululo uzithola ngokuthi ukhulume nabantu obathembayo kanye nochwepheshe abangakusiza ezinkingeni obhekene nazo.
Ngiyafisa ukwazi ukuthi induku yakho iyavuka yini uma ungalele nalo muntu wakho. Kufanele wazi ukuthi imizwa iyatetema kakhulu, ngesinye isikhathi uma kukhona into ekuphazamisa emoyeni imizwa yakho nayo iyathinteka, iphazamiseke, ungalangazeleli ukwenza ucansi.
Kungenzeka ukuba waphoxeka kakhulu futhi wahlukumezeka ngenxa yokungathembeki komuntu wakho njengoba uthi waganga, futhi leso simo asikakadluli kahle engqondweni yakho.
Kungenzeka ukuthi uma unaye uvele ucabange le ndawo bese kuthi xhifi, imizwa iphazamiseke. Awuzihlolisise kahle ukuthi uyedlulisile ngempela yini le ndaba. INHLIZIYO yami ibuhlungu, kwashona ubaba wezingane zami engangimthanda manje akuvumi ngithandane nomunye umuntu. Ngivele ngizwe engathi omunye umuntu uyangibhora, nginyanye. Angazi ngenze njani ngoba ngihlezi ngimcabanga kufike izinyembezi njalo nje.
IMPENDULO: Dadewethu, ngiyasiqonda isimo obhekene naso futhi ubuhlungu obuzwayo ngiyabazi. Kunzima ukudlula emhlabeni komuntu