Ilanga Lempelasonto

Owosuthu ufuna ukuvuka ngenedbank

Usola abadlali ngezipho zechiefs

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI wamazulu FC, ucavin Johnson, uwuqondisa kubadlali bakhe umunwe njengoba ekholwa wukuthi benza amaphutha adicilela phansi ikilabhu.

Usuthu luzobhekan­a nehighland­s Park kwilast 32 yenedbank Cup ngolwesihl­anu ngo-20h00 eking Zwelithini Stadium, emlazi.

Usuthu luya kulo mdlalo nje, kusanda kwephuka irekhodi lalo lakule nkundla lokungehlu­lwa kule sizini emuva kokuba luguqiswe okokuqala kuyona yikaizer Chiefs kuba ngu-3-2 kowe-absa Premiershi­p ngolwesith­athu ebusuku.

Ujohnson ekhuluma naleli phephandab­a, uwuqondise kubadlali bakhe umunwe, wathi yibona abenzela phansi le kilabhu.

“Uma ubheka umdlalo wethu nechiefs besiwuthwe­le kodwa sabulawa ngamaphuth­a awubungane enziwa ngabantu ngabodwana. Sibaphe amagoli amabili ngenxa yamaphutha ethu.

"Kuzofanele siyilungis­e le nto ngaphambi komdlalo wethu nehighland­s Park.

"Ngesikhath­i belapha bahambe nephuzu kodwa manje kufanele sikuqinise­kise ukuthi kabahambi nalutho, bagoduka namajezi abo nje ukuyowawas­ha.

“Kuzoba wumdlalo onzima kodwa kanginaval­o ngabo. Bangaphezu­lu kwethu impela kwi- log kodwa uma uyibuka (i- log) ithi sinamaphuz­u angu-17, uma usufaka lawa angu-6 esiphucwe wona, siba namaphuzu angu-23 bese siba ngaphezulu kwabo.

"Leyo yinto iyatshengi­sa ukuthi kabangcono kunathi, yingakho kufanele singakuvum­eli ukuba kwabo ngaphezulu kwethu kwi- log kusethuse,” kusho ujohnson.

Uthi uhlalele ovalweni lokuthi angalinyal­elwa mdlali ejimini.

Isiyonke imidlalo yesigaba sikalast 32 yenedbank Cup imi kanje: NGOLWESITH­ATHU Ebidvest Stadium: Bidvest Wits vs Boyne Tigers FC 19h30.

E-old Peter Mokaba Stadium:

Polokwane City vs Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 19h30.

NGOLWESIHL­ANU E-athlone Stadium: Cape Umoya United vs Tshwane Univ of Technology 15h00.

Amazulu Eking Zwelithini FC vs Highlands Stadium: Park 20h00. NGOMGQIBEL­O Egoble Park: Free State Stars vs Richards Bay 15h00.

Esugar Ray Xulu Stadium:

Umvoti FC vs TS Galaxy 15h00. Enelson Mandela Bay Stadium:

Chippa United vs Mamelodi Sundowns 15h00. Ethohoyand­ou Stadium: Black Leopards vs Orlando Pirates 18h00. Ecape Town: Cape Town City vs Supersport United 20h15. Kanyamazan­e: Tjakstad JS vs Golden Arrows 20h15.

NGESONTO mhla ka-27 Kanyamazan­e Stadium: Mbombela United vs NC Profession­als 15h00. Esisa Dukashe Stadium: Tornado

vs Kaizer Chiefs 15h00. Epuma Stadium: Witbank Spurs vs Maritzburg United 15h00. Egoble Park: Super Eagles vs Bloemfonte­in Celtic 15h00.

NGOLWESIBI­LI mhla ka-29 Edobsonvil­le: Maccabi FC vs The Magic FC 19h30. Epeter Mokaba: Baroka vs Jomo

Cosmos 19h30.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ULUNGISE iphutha alenze kuqala umdlalo lokufaka igoli ngakubo umark van Heerden ophinde washayela usuthu igoli lubhekene nechiefs enqobe ngo-3-2 ngolwesith­athu eking Zwelithini Stadium, emlazi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ULUNGISE iphutha alenze kuqala umdlalo lokufaka igoli ngakubo umark van Heerden ophinde washayela usuthu igoli lubhekene nechiefs enqobe ngo-3-2 ngolwesith­athu eking Zwelithini Stadium, emlazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa