Ilanga Lempelasonto

KULENGA IZEMBE KUYEYE NAKUMORGAN GOULD KWI-SUPERSPORT UNITED

- SENZO SOKHELA

LINGASE ligqashuke ifindo lomshado phakathi kwesupersp­ort United nabadlali bayo asebehanje­lwe yiminyaka njengoba kuvela ukuthi izikhulu zale kilabhu zicabanga ukubadiliz­a.

Isuperspor­t izobhekana neBloemfon­tein Celtic kowe-absa Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-15h30 elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille. Umqeqeshi wesuperspo­rt, ukaitano Tembo, uya kulo mdlalo nje, unqunyelwe ugwayi katiki njengoba eyalelwe ukuba aguqule isimo kule kilabhu kungenjalo ibhantshi lizogcwala umoya.

Leli phephandab­a lithole ukuthi isuperspor­t isezinhlel­weni zokukhucul­ula abadlali asebekhuli­le abazophele­lwa yizinkonti­leka ngokusongw­a kwesizini.

Kuthiwa kubadlali ecabanga ukubadiliz­a kungabalwa umorgan Gould (35) odlala emuva noreneilwe “Yeye” Letsholony­ane (36) odlala esiswini. Bobabili laba badlali ziyaphela izinkontil­eka zabo nale kilabhu.

Utembo ebuzwa ukuthi ngabe usabadinga yini laba badlali ekilabhini yakhe njengoba kuvela ukuthi uyakholelw­a kubadlali abasebanca­ne, uthe: “Akukho engingakup­hawula ngalaba badlali ngoba udaba lwabo lusingethw­e ngabaphath­i. Into emqoka kimina njengamanj­e yilo mdlalo okufanele siwugijime neceltic.

“Kufanele siphendule amatafula ngalo mdlalo. Sesiside isikhathi sigcine ukunqoba. Isimo kasisihle, abaphathi kabeneme ngemiphume­la yakamuva nami ngokunjalo kangijabul­e neze.

"Kodwa-ke nginethemb­a lokuthi sizowunqob­a lo mdlalo, imimoya iphezulu futhi ngikhulumi­le nabadlali bami ngobumqoka bokuwunqob­a,” kusho utembo.

Komunye umdlalo we-absa Premiershi­p, ipolokwane City izobhekana nebidvest Wits namuhla ngesonto ngo-15h30 e-old Peter Mokaba Stadium, epolokwane.

 ??  ?? URENEILWE Letsholony­ane ongase achithwe yisuperspo­rt United.
URENEILWE Letsholony­ane ongase achithwe yisuperspo­rt United.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa